LettersOpinion

Umfaniswano webandla awusiso isisekelo senkolo yobuKristu

Mhleli, Ephepheni lakholango October 22 kwimibono yabafundi kwaphuma indaba eyayisihloko esithi, “Ngabe kuyisiminya yini ukugqoka umfaniswano webandla noma kuphi?” Empeleni Mhleli, ngingaba nje nombuzo kumfoka Mseleku othi, “Ngabe siyayiqonda yini imisebenzi yomfaniswano yamabandla?” Kodwa-ke Mhleli ngoba ngeke ngaphenduleka manje, kuhle ukuba kengibalule nakhu okulandelayo. 1. Umfaniswano awukaze waba isisekelo senkolo, kodwa isisekelo senkolo yethu thina …

Mhleli,
Ephepheni lakholango October 22 kwimibono yabafundi kwaphuma indaba eyayisihloko esithi, “Ngabe kuyisiminya yini ukugqoka umfaniswano webandla noma kuphi?” Empeleni Mhleli, ngingaba nje nombuzo kumfoka Mseleku othi, “Ngabe siyayiqonda yini imisebenzi yomfaniswano yamabandla?”
Kodwa-ke Mhleli ngoba ngeke ngaphenduleka manje, kuhle ukuba kengibalule nakhu okulandelayo.
1. Umfaniswano awukaze waba isisekelo senkolo, kodwa isisekelo senkolo yethu thina maKristu uJesu Kristu obethelwe esiphambanweni I Korinte 2:2.
Uma ukukholwa singakuncikisa kwimifaniswano yamabandla, sobe silahlekelwe ubumsulwa beVangeli likaKristu.
2. Uma kanti ukuba senkonzweni yomuntu obengahlanganyeli nathi kusho ukumbuluza, lokho ngabe kusho ukubalekisa iVangeli lezikhathi zonke kubantu.
Umbuzo engingaba nawo othi; yini ebalulekile umfaniswano neZwi leNkosi na? Ngisebenzisa ukuthi esingahlanganeli naye emabandleni ngoba ngeke sakwazi ukholwa komuntu, ngoba ukukholwa kuyisinqumo somuntu eyedwa kuNkulunkulu, futhi amazwi emizuzu yokugcina yomuntu kuNkulunkulu asiwazi.
Umfaniswano owokufihla umzimba nje kuphela, umfaniswano awusizuzele umbuso wokuphila okuphakade kuNkulunkulu. Ngakho-ke kungaba ukukholwa obunobuthakathaka uma singanquma ukuthi ngeke sagqoka emngcwabeni imifanisano yethu. Ngimuzwe kahle umfoka Mseleku uthe akahluleli, kodwa ukuze afike esinqumeni sokubhala ephepheni lakho Mhleli lokho kuyinkomba yenhliziyo esihlulele.
Ukuthi abangani bongasekho bathini, lokho ngeke kwasivimba ekushumayeleni iVangeli likaKristu, futhi ngeke savumela uSathane agidagide sikhona.
IZwi leNkosi likhulu kunomfaniswano, ngakho uma kwenziwa inkonzo yokududuza umndeni liyafundwa iZwi leNkosi, pho kusivimbaphi-ke ukufaka umfaniswano ngoba iZwi likhulu kunomfaniswano wamabandla.
Ufanimswano awusiso isisekelo senkolo yobuKristu, kepha nguKristu isisekelo. Ngakho uma unembeza ukukhulula ekugqokeni umfaniswano, ungakwenza lokho.
Ngiyabonga,
Mfu Caleb Ndlovu – eLuthela Dundee Parish

At Caxton, every story is written by humans. We use AI only to perform quality checks - never to generate the news. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button