LettersOpinion

Inhloso yami yokubhala izindaba kuphephandaba

Kunini nje ngempela wagcina ukufunda utho?

Mhleli
Kungifanele ukuba ngibonge nginconcoze kuMhleli wephephandaba iCourier elingikhiphela njalo izindaba esuke ngizibona ukuthi mhlayimbe zingasenza sibenekusasa eliqhavile,futhi singatholakali sesiba umtapo wabangasinakekeli.
Ibe esiminyeni kufanele basicacisele ngokuthe nse ngokusithintayo endaweni yakhithi.
Akengithi nje fahlafahla ngemali yokuthenga umgodi nxa uzofihla oshonile. Sekukaningi ngeluleka emathuneni ukuthi imali yokuthenga umgodi yehluke kabili. Ukhokha kancane uma ubastela ukuthi bakhona abayokuqibisa, wena woziphathela amafosholo. Lokho kokwenza ubenokonga ubuchwalalana obeve ngale kuka R200. Ngamcela mina uqobo uMasipala waseNdumeni ngenkathi uMeneja woMkhandlu kusawu Mnz DB Cebekhulu.
Okwesibili, ngisuke ngingolomba abafundi ukuthi bekuphikise lokho okusuke kungumbono wami nje.
Yini ningawuphikisi ephepheni noma ngisuke ngiziphuphela nje? Mina ngifisa singcwekisane ngokuloba,ayi silokhu sagqolozela iTV kuphela mihla nayizolo. Lokho ngikubona kufiphaza ukuzivabangela welule ingqondo yakho awayiphiwa uSomandla. Izinkulungwane zabakithi uzwa zithithiza empeleni zesaba nokufunda nxa kuthiwa azifunde. Yini isizathu bakwethu?
Kunini nje ngempela wagcina ukufunda utho?
Ningiphendule ngeqiniso.
Angikhawule okwanamhla Mheli hleze bathi “uyamuzwa esibhedela lo?”
Vincent Mseleku

At Caxton, every story is written by humans. We use AI only to perform quality checks - never to generate the news. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button