LettersOpinion

Amakhansela awenze umsebenzi

"Zobuya nini izimali zomphakathi?"

Mhleli – Amakhansela awenzi umsebenzi ngendlela eyiyo. Isikhathi sokukhohlisa umphakathi sesiphelile. Awafezekise izithembiso zemikhankaso. Umphakathi awuzona lezo ezathunya ugwayi zabuya nomquba. Ukuthi umuntu wayeyi khansela noma echonwe esigxotsheni akangaphumelela, akungabi iCV yokuqashwa kwamasipala.

Baze bangcola bo labosopolitiki banamuhla bendlu ensundu. Kuphithiza abaqashwe ngobungani, ngobuhlobo nangobuqembu emahovisi. Kukwampunzi idla emini.

Ngabe imali yabakhokhi bentela iphephile makhansela uma kunje. Sekuhambe kwagcinaphi ngamacala abakhwabanisa izimali ngamathenda nangoku ngabi namakhono omsebenzi. Zobuya nini izimali zomphakathi?

Vukani mphakathi konakele.

NguMkhokhi ntela okhathazekile


HAVE YOUR SAY:
Like our Facebook page, follow us on Twitter and Instagram or email us at dundee.courier@caxton.co.za.  Add us on WhatsApp 071 277 1394.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button