
Mhleli – Kuthokozisa abaningi ukuzwa umbiko kalowo ongumphathi womkhiqhizo iOrange Grove, uMnz Antony Lee othe zingakadluli izinyanga eziyisithupha kwasha ifemu. Sekuqalile ukukhiqhizwa kobisi okuthiwa phecelezi i-long life UHT milk.
Kanti uMnz Dave Durham uncome kakhulu umndeni wakwa Durham nabasebenzi bakhona ngokusebenza ngokuzikhandla, ukuze njengamanje kuqala ukubonakala sekugcwele amashalofini ezitolo ezinkulu lapha eMzansi. Bheka nje imikhiqizo ebisiyenziwa lapha ibisifinyelela ngisho ko Limpopo, eJozi, eThekwini, ePort Shepstone, eMpangeni ngisho nase Mpumalanga imbala.
Lenhlekelele yomlilo yenze ukuba kuze kube manje kusekhona imkhiqizo enjengale: Nectar juice, Jersey Gold, amasi anamafutha kanye ne-yoghurts, namahewu enezithako ezahlukene njengo khrimu, ubhanana kanye nophayinaphu.
Siyamfisela bakwethu thina esaziyo ukuthi umangabe abakwa Orange Grove baqoka ukuphosa ithawula emvakwalesisehlo, ngabe amathuba okunikeza abantulayo imisebenzi ashabalala.
Phambilike Orange Grove phambili, nokuvusa ifektri yodumo entsha nelakwamthaniya nakwezinye izindawo eMzansi.
Ozithobayo, Vincent Mseleku

HAVE YOUR SAY:
Like our Facebook page, follow us on Twitter and Instagram or email us at dundee.courier@caxton.co.za. Add us on WhatsApp 071 277 1394.



