Ingabe kuyochitheka igazi kuze kube nini?
Ngelami leligazi elichitheka kangaka?
Ngesami lesisililo esingaka?
Ngobani lobudlova obungaka?
Uzwe indoda ithi “sengimugqashulile”, esho umuntu wesifazane,
Makungenjalo, ingane.
Kungani engayogqashula amanye amadoda anjengayo, uma phela kuyinto enhle ukubulala?
Ndoda iba indoda kodwa hhayi kanje.
Umama nobaba abalungise izindaba zabo bobabili, bengafaki abantwana
Ngoba ekugcineni indoda iqotha imbokodo nesisekelo.
Indoda uma isihlulekile othandweni iyinkinga,
Umuntu wesifazane imunqumisa okwembuzi.
Angisayiphathi eyezingane, ivele isoconge kube ngathi isoconga amaphuphu enyoni.
Uxakeke ukuthi sezingene ngani izingane.
Also read: Men behind bars speak out against abuse
Akuphele ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane.
Ingabe kuyochitheka igazi kuze kubenini?
Ingabe kuyochitheka igazi, kudindwe isililo kuze kube nini?
Indoda ayithathe izihlangu zayo iyolwa empini hhayi ekhaya.
Ndoda zwana nomkakho, hhayi impi ekhaya.
Yayingekho lento ngesikhathi sokhokho bethu.
Esikhathini sanamuhla sekwenzenjani?
Masazeni imvelaphi yethu.
Masizameni sibekezelelane emakhaya.
Sibukele endulo, kokhokho bethu,
Sikhohlwe izinto zesimanje.
Makube nokuthula emakhaya.
Masiphele isihlava sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane kanye nezingane.
Singababulali, bangabantu nabo bayukudinga ukuphila.
Ngithe ingabe kuyochitheka igazi kuze kubenini?
Poem on gender-based violence
By: Sibongiseni Magagula from Pongola (Ncome inmate)

Make sure you follow us on our social media platforms for regular updates






