News

Libekwe kweyokugcina iqhawe le-Aces

Ubethandwa kakhulu kwezemidlalo nasemphakathini.

Ukhunjulwe ngemisebenzi yakhe emihle ayenzela umphakathi waseGcilima ngaseMargate uMoshwa Tsebesha.

UMnuz Tsebesha wasOkhushwini, eGcilima owaba ngumsunguli weqembu lebhola lezinyawo nelake laduma kakhulu cishe yonke indawo yasOgwini udlule emhlabeni ngesonto eledlule eneminyaka engu 84 ubudala.

Ube esebekwa endlini yokugcina emuva kwenkonzo yokumphelezela ebisekhaya khona Okhushwini. Kanti bebephume ngobuningi abantu ngokwehlukana kwezigaba zabo bezokumphelezela.

Uchazwe njengomholi owayehlezi enentshisekelo ngezinto ezithinta intuthuko endaweni, njengomuntu owayelikhuluma njengoba linjalo iqiniso aphinde afune ubulungiswa, ngaphandle kokwesaba ukuthi kukhona bazomyisa kolusa amadada. Wake waba yiKhansela endaweni, eminyakeni eminingi eyedlule.

Ekhuluma enkonzwnei yomngcwabo kamufi, oyiMeya kumasipala wesifunda Ugu, uSkhumbuzo ‘Zero’ Mqadi umchaze njengomholi owayethanda abantu kanye nomphakathi ngenhliziyo yakhe yonke.

Enye yamadodana kamufi, uMnuz Cedric Mboyisa uthe balahlekelwe kakhulu bewumndeni. Kanti enye yamadodakazi kamufi, uThulisile Tsebesha uthe uyise ubeyindoda emadodeni, wathi ubenothando oluyisimanga ezinganeni zakhe.

Indodana kamufi enguCedric Mboyisa, ibizithatha nasemngcwabeni izithombe.

“Ubelimela futhi iqiniso, engawubekezeli umbhedo. Uma engafuni into ethize ubekutshela emakhaleni. Ubengazwani nobuxoki namanga. Siyabonga kakhulu ukuthi uNkulunkulu wasipha ubaba ofana noTshebesha. Siyabonga kakhulu kubo bonke abantu abaphume ngobuningi babo sizovalelisa iqhawe lomphakathi,” ephetha.

Umufi ushiye umkakhe uNkk Hilda Tsebeshe, izingane ezingaphezu kwamashumi amabili komama abahlukene kanye nenqwaba yabazukulu. Izithombe kanye nolwazi kuthunyelwe nguCedric Mboyisa.

At Caxton, every story is written by humans. We use AI only to perform quality checks - never to generate the news. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from South Coast Herald in Google News and Top Stories.

Back to top button