MunicipalNews

Iyivumile induku i-ANC okhethweni lokuchibiyela

uTholi Gwala uthe bazoqhubeka nokusebenzela abantu bakulendawo njengasekuqaleni, lokhu bazobe bekwenza ngenhloso yokwenyusa ukwesekwa kwabo kulezi zindawo

INHLANGANO kaKhongolose esiFudneni iMusa Dladla isiyivumile induku yokushaywa okhethweni lokuchibiyela, obelungosonto eledule, mhlaka 3 October.

Kulolukhetho bekuvalwa izikhala ezavuleka kuWadi 3 kumasipala waseMthonjaneni kanye noWadi 3 kuMasipala waseMhlathuze.Esitatimendeni esikhishwe wuKhongolose, uthe uyayemukela imiphumela yokhetho kulezi zindawo ezimbili, ngoba ihambe ngokwezifiso zabantu bakulezo zindawo.

UNobhala walenhlangano eMusa Dladla uMnuz. Tholi Gwala uthe bazoqhubeka nokusebenzela abantu bakulendawo njengasekuqaleni, lokhu bazobe bekwenza ngenhloso yokwenyusa ukwesekwa kwabo kulezi zindawo.

‘Siyakuqonda ukuthi ukubalulea kokwandisa isibalo sabavoti bethu kulezi zindawo, ikakhulukazi njengoba sezihubela sakusha, nokhetho lukazwelonke selusemome ngonyaka ozayo.

‘Njengenhlangano kaKhongolose, siyakubonga nokubekezelelana kwamaqembu ezombusazwe okubonakele ngesikhathi kusakhankaswa kulolukhetho kulamaWadi amabili.

‘Sibonga nabo bonke abantu ababambe iqhaza kulolukhetho oluhambe ngenqubo yentando yeningi.

‘Labo abebegaqele izikhundla zobuKhansela nabaholi bamagatsha kulabo masipala ababili, bazoqhubeka nokusebenzela abantu bakulenzi zindawo ezimbili.

* ANC acknowledges by-election results

 

HAVE YOUR SAY

Like our Facebook page and follow us on Twitter

For news straight to your phone invite us:

WhatsApp – 072 069 4169

Instagram – zululand_observer

 
Back to top button