Spar Superstars Insthonalanga 2023

100622 SPAR KZN SUPER STARS STRIP ADS_260x50mm_FA 4

Vote for your favourite SPAR School Superstar

Help them win a R300 SPAR Shopping Voucher and put them in the running to win R5000 in the KZN SPAR School Superstar competition

Junior & Senior Primary September

Samukelisiwe Ngcobo 

Amanganga Primary School

Unekhono lokudlala izindawo ezahlukene enkundleni

Read More

ISIKOLE samabanga aphansi esiKwaNdengezi, i-Amanganga Primary School, sithi siqoke uSamukelisiwe Ngcobo (13) njengovelele kwezemidlalo ngoba sibona izimpawu zobuholi kuyena.
USamukelisiwe ofunda uGrade 7 kulesi sikole, ungohamba phambili emdlalweni webhola lomnqakiswano kwazise unekhono lokudlala izindawo ezahlukene enkundleni.
Uthisha wakhe omuqeqesha kwelomnqakiswano, uNkk Nonkanyiso Doyisa, akawuvali umlomo ngaye.
“USamukelisiwe ngimuqoke njengomdlali okunguyena ophambili ebholeni lomnqakiswano ngoba ukwazi ukudlala izindawo ezahlukene okuyiphambili, enkabeni yenkundla nasemuva. Unenhliziyo enhle uma edlala, uyakwazi ukubekezela nokuxazulula lapho kunenkinga khona,” kusho uNkk Doyisa echaza lo mfundi waKwaNdengezi.
Uthe yena uma engekho eduze kudlalwa uSamukelisiwe uyakwazi ukungenelela atshele ozakwabo obekumel bakwenze futhi lokhu ekwenza ngenhliziyo enhle.

“Angaba ngumholi, eqinisweni unguyena kwazise uyakwazi nokubafundisa bebodwa.”

Uthe lokhu uSamukelisiwe ubekukhombisa ebuncaneni bakhe.
UNkk Doyisa uthe ibhola lomnqakiswano bayalidlala esikoleni, bavakashele ezinye izikole baphinde baye nakumiqhudelwano yezikole.
USamukelisiwe uthe uqale ukudlala ibhola lomnqakiswano ngonyaka owedlule. Uthe waqoka lo mdlalo ngoba ebona ukuthi angakwazi ukuwenza.
“Uthando lwalo mdlalo lusuka kumina ngaphakathi akekho olufakile. Ngiyafisa ukuhamba ibanga elide kuwona, ngihambele amazwe amaningi ngimele izwe lami,” kusho uSamukelisiwe.
Uthe uyabatshela ontanga bakhe ngalo mdlalo noma abanye bebuye bahudule izinyawo kodwa yena uthi uzoqhubeka azilolonge njalo ukuze ahlale ehamba phambili kulo mdlalo.

Anelisiwe Zungu

Christianenburg Primary

Bayaziqhenya ngegoso labo eChristianenburg

Read More

UMA kukhulunywa ngamasiko eChristianenburg Primary School, eClermont, igama lika-Anelisiwe Zungu (13) lihamba phambili kwazise akancintisani namuntu ngokusina indlamu.

Ngaleli khono lakhe, usebekwe njengegoso lesikole okuthi noma kuphi lapho sihamba khona, okuthinta amasiko, siholwa nguyena phambili.

Uthisha ka-Aneliswa ofunda uGrade 7 kulesi sikole, uNksz Khanyisile Sibisi, uchaza lo mfundi njengolibambayo iqhaza kuzinto ezenziwa esikoleni futhi uhamba yedwa uma kusinwa.

Uthe sebeke bangenela imincintiswano yamasiko beholwa nguyena u-Anelisiwe.

UNksz Sibisi uveze ukuthi ngenxa yesimo lo mfundi akusona unazo izinselelo kuzifundo kwa othisha bazama ngayo yonke indlela ukumusiza futhi bayawubona umehluko.

“Umuntu uma enenkinga ezifundweni kufanele umfune lapho enza kahle khona ngoba akubona bonke abantu abayoba othisha noma odokotela kodwa bakhona abangena kwezobuciko baqhubeke baphile impilo,” esho.

Uthe u-Anelisiwe nakuba esafika ubengakhululekile ngenxa yokuthi abanye abafundi bebemuhleka kepha othisha bazamile ukumubandakanya ezintweni ezenziwa abanye abafundi ukuze bezomjwayela nabo abajwayele.

“Kusukela kwaGrade 2 singothisha simufake ekutheni kube nezinto azenzayo phambi kwezingane ngoba njalo ngoLwesihlanu abafundi bahaya izinkondlo, bayacula, bafunda izincwadi, bayasina nokunye. Sathatha isinqumo sokuthi simuveze nakwabanye ukuze babone ukuthi naye ungumuntu ophelele, nezingane zaze zamjwayela namanje akanankinga uzikhululekele,” kusho uNksz Sibisi.

Ebuzwa ukuthi ukusina ukufunde kubani u-Anelisiwe, uthe ujwayele ukuhamba nonina baye emidlalweni yokusina kanti nasendaweni bayayihambela.

Uthe akesabi ukusina phambi kwabantu futhi uyakujabulela. Ugqugquzele ontanga bakhe ukuba basine ngoba kumnandi.

Uthe usezame wehluleka ukufundisa umfowabo ofunda uGrade 3 ukusina ngoba uyagoloza.

U-Anelisiwe uphethe ngokunxusa ukuba avotelwe kulo mncintiswano.

High School September

Mfundo Shozi

Ndengezi Secondary School

Umdlali kanobhusthuzwayo oyisibonelo esihle

Read More

AKAGCINI ngolulihlikihla enkundleni kuncanywe izihlwele kepha indlela yokuziphatha nasesikoleni imenza abe ngumfundi ovelele uMfundo Shozi ofunda uGrade 12 eNdengezi Secondary School.

UMfundo kubatshazwa ikhono lakhe kwezemidlalo ikakhulukazi unobhutshuzwayo.

Nakuba engavelele ezifundweni kodwa ukhombisa okuhle okumenza abe ngumfundi oyifanele indondo yomfundi owenza kahle.

“Izinto ezinhle azenzayo nazikhumayo, ukuhlonipha ontanga bakhe nokukwazi ukugqugquzela abanye yikhona okuhle okumenza ehluke kwabanye,” echazwa isikole sakhe.

Sithi enkundleni yezemidlalo ukhombisa ikhono eliyisimangaliso, ukuzimisela nokuba umholi okumenza abaluleke eqenjini lesikole.

Lokhu akumuletheli yena kuphela  ukuhlonishwa kodwa kugqugquzele nabanye abafundi ukuba balandele amakhono abo kwezemidlalo.

 

Isikole sakhe sithi ugqugquzela abafundi ukuba balwelwe ukuthi bavelele ezifundweni nakokunye abakwenzayo.

“Ukuziphatha kukaMfundo okuhle nokukwazi ukukhuluma izinto ezinomqondo sekumenze wahlonipheka kontanga bakhe futhi ube neqhaza elikhulu ekudaleni isimo sokwesekana nokugqugquzelana.”

 

Siqhuba isikole, sithi: “Uyabahlonipha abaphathi, othisha nontanga. Ngenxa yokuzwana nokuphatha kahle abanye, ontanga bakhe sebeyamethemba. Usephenduke isibonelo kwafunda nabo ukukhombisa ukubaluleka kwenhlonipho ekwakheni ukuzwana esikoleni.”

Siphethe ngokuthi uMfundo ukufanele ukudla umhlanganiso wokuba umfundi ovelele.

Junior & Senior Primary July

Ishmael Mkhize

Delani Primary

Uyazifela ngokufunda owaseDelani

Read More

WENZA okungajwayelekile umfundi waseDelani Primary School, eThornwood, ochitha isikhathi sakhe esiningi efunda izincwadi.

Njengoba kuhlezi kugqugquzelwa ukufunda ezinganeni, leli vangeli lingena lithole indawo ku-Ishmael Mkhize ofunda uGrade 7 kulesi sikole.

Okufakazela lokhu ukuthi ngesikhathi kugujwa uSuku Lwenkululeko zingama-27 kuMbasa (April), u-Ishmael uhlanganise ulwazi ngokwenzeka eNingizimu Afrika ukuze kufikwe kulolu suku.

Njengoba eke wakhala ngokungabikho komtapo wolwazi esikoleni sakhe, kufuze ukuba ujabula yedwa njengoba ngosuku lokuzalwa kukaNelson Mandela nonyaka kuvulwe umtapo wolwazi kulesi sikole.

Lo mfundi uthe ukufunda yinto yakhe futhi akalali engayifundanga incwadi umakwenzeka engayitholi ufunda iphephandaba likagogo wakhe.

Uthe: “Ngiyakuthanda ukufunda ngoba ezindabeni eziningi ezifundwayo kunezifundo esizitholayo kanjalo nolwazi lokuthi kwenzekani ngesikhathi esithile.”

Lo mfundi uthe ufisa ukusebenza kumtapo wolwazin oma abengudokotela uma eseqede isikole.

Uthishawakhe, uNkk Busi Mbatha, echaza lo mfundi uthe uyingane ehlonipha kakhulu.

“Ngimubiza ngokuthi umfana kagogo ngoba ukhuliswa ugogo. Uhamba phambili kuzona zonke izifundo zakwaGrade 7, asikho angasazi,” kusho uNkk Mbatha.

Unxuse ukuba lo mfundi avotelwe kulo mncintiswano ukuze aphumelele.

Nothando Bhengu

UMngeni Primary

Ugijima ashiye isithunzi owaseMngeni

Read More

UGABE ngamakhono ahlukene umfundi waseMngeni Primary School, uNothando Bhengu (11), ongumfundi kaGrade 7 kulesi sikole esiseMolweni,

Uthe ubejwayele ukuzilolonga noyise ongumsbubathi okunguye omufake uthando lokugijima.

Mayelana nebhola lomnqakiswano, uthe usisi wakhe waseMaphephetheni owamenza walithanda.

Uthisha wakhe uMnu Lindani Ngcobo futhi ongusihlalo wezemidlalo kulesi sikole, uthe uNothando uvelele kakhulu kulezi zinhlobo zemidlalo kodwa ukusubatha kuhamba phambili.

Uthe usubatha ibanga lamamitha ali-100 nali-150 kanti uncintisana nezinye izikole ezingeni lewadi aze afike kusifunda.

“Akaze angene endaweni engale kweyesibili uma kunemincintiswano yokusubatha uhlezi edla umhlanganiso noma alale isibili. Siyamufisela ukuthi engathi angakhula nalo leli thalente noma athole ukwelekeleleka nangezinsiza zokugijima nokuthi athole abangamulekelela athole imikhakha ekahle ukuthi aqhubeke nokusubatha ngoba siyabona ukuthi likhona ikusasa ekugijimeni kwakhe,” kusho uNgcobo.

High School July

Nosipho Dube

Sithengile Senior Secondary

Uphethe isipho selomnqakiswano uNosipho

Read More

PHAMBILINI ezemidlalo ezikoleni zabamnyama zazihamba phambili futhi zithathwa njengengxenye ebalulekile kumfundo nasekusaseni labafundi.

Nokho ngokuhamba kwesikhathi isasasa lezemidlalo lehlile ezikoleni kodwa okumangazayo ukuthi kwezabamhlophe zihamba phambili futhi baningi abafundi esezibavulele amathuba.

Nokho kuyajabulisa ukuthi ezikoleni ezisenemalokishini nasemaphandleni basekhona abafundi abenza kahle kwezemidlalo.

ESithengile  Secondary  School, eClermont, kunomfundi uNosipho Dube waKwaDabeka ofunda uGrade 8 ogila izimanga ebholeni lomnqakiswano.

Uthisha wakhe futhi odlalisa lo mdlalo, uNomfundo Nkala, uthi uNosipho umfundi ozomisele kakhulu kubhola lomnqakiswano.

“Wafike wadlala ezingeni lesekethe wakhethwa wadlulela kwelesifunda nalapho aqhubekela eziongeni lesifundazwe,” kuchaza uNomfundo.

UNosipho uthi uqale ukudlala ibhola lomnqakiswano efunda uGrade 5.

“Angihlukile kwabanye abadlala lo mdlalo kodwa engikwenzayo ukuqinisekisa ukuthi ngiwidlala kakhulu,” esho.

Lo mdlali oseke wamela isikole sakhe emincintiswaneni, uthe udlala njengomgadli, isitobha aphinde abe senkabeni yenkundla.

“Ngifuna ukukhula kulo mdlalo kuthi noma sengimdala ngiwudlale uma nkungenzekanga lokho ngibe udokotela,” kuphetha uNosipho.

Junior & Senior Primary June

Sbahle Mthethwa

UMngeni Primary

Utatazelisa izikole kunobhutshuzwayo uSbesh

Read More

KUTHIWA kushayisana amadolo kubadlali abasuke bezotholana phezulu nesikole uMngeni Primary School saseMolweni kunobhutshuzwayo wamantombazana ngenxa yomdlali wayo onekhono eliyisimanga.

Lo mdlali, uSbahle “Sbesh” Mthethwa (12), ofunda uGrade 7 kulesi sikole unconywa ngezinga eliphezulu alikhombisa kulo mdlalo.

Udlala ophondweni lwesokudla phambili futhi akuyona inking kuyena ukudlala nabafana nabo ababhincisele nxanye.

USbahle uthi akekho umuntu omufundise ukudlala unobhutshuzwayo kodwa uwudlala ngoba eqhutshwa uthando lwawo nokuwubuka kumabonwakude.

Ukushokucaceukuthiibholalomnqakiswanoliyamehlula.

USbesh, okuyigama adume ngalo, uthe angangena enkundleni adlale nabafana abehlule.

Ekhuluma ngaye uthisha wakhe,  uMnuz Lindani Ngcobo, uthe uSbahle udlala ezingeni eliphezulu eledlula abafana nasesikoleni ngisho kuyisikhathi sekhefu udlala unobhutshuzwayo nabafana.

Uthe nezinye izikole seziyamazi ngoba njalo uma kuncintiswana uhlezi ezogqama.

“Nezinye izikole ziyasho ukuthi ziyamesaba. Udlalisa okomfana. Siyafisa ukuthi uma ikhona indlela yokuthi asekeke futhi athole izinsiza ezikahle,” kusho uNgcobo.

Uthe bamubona ngelinye ilanga edlalela iqembu lesizwe ngoba ukulele zinga kwazise futhi usakhula inqobo uma engakhuliseka kahle angafinyelela lapho.

High School June

Minenhle Ngubane

Kwadinabakubo Secondary

OwaKwadinabakubo ugqugquzelwa unina ebholeni

Read More

OwaKwadinabakubo ugqugquzelwa unina ebholeni

KUBATSHAZWA ikhona lomfundi waKwadinabakubo Secondary School, eMolweni, kunobhutshuzwayo, MinenhleNgubane (18).

Lo mfundi webanga uGrade 12 ongumgadli wasesiswini wakhona eMolweni uhlonzwe yilesi sikole njengovelele kunobhutshuzwayo.

Uthe uqale ukudlala ibhola ekwaGrade 7 kanti uyalidlala noma engekho esikoleni.

UMinenhle uveze ukuthi ugqugquzelwa unina ukuze akwazi ukushintsh aisimo sasekhaya. Umdlali kanobhutshuzwayo athe uyamugqugquzela uKevin De Bruyne odlala esiswini kuManchesterCity .

“Kunobhutshuzwayo  ngehluke kwabanye ngoba ngiyakwazi ukuziphatha ngendlela efanele, ngiyamuhlonipha umqeqeshi wami futhi futhi ngiyilandela yonke imiyalelo yakhe ukuze ngikwazi ukuphumelela empilweni,” kusho uMinenhle othi                 unguzinyo bulala kwabo.

Uthe ikhono lakhe liyasisiza isikole njengoba sesike sadlala emincintiswaneni okubalwa iCoca Cola noma singaphumelelanga.

Okuxakayo ukuthi uthi akathandi ukuba ukaputeni weqembu lesikole ngobaufunaukugxilaekudlaleniakhulumenebhola.

“Isifiso sami ukuthi ngiphumelele ukuze ngikwazi ukushintsha isimo sasekhaya ngonobhutshuzwayo,” esho.

Uthisha futhi ongumqeqeshi wakhe, uMnuz Mpilwenhle Dube, uchaze uMinenhle njengomfana ovele phambili ngesikhathi ememezela ukuthi udinga abadlali ayezokwakha nabo iqembu lesikole.

“Umfana ozihloniphayo, ogcina isikhathi umakuyiwa ejimini futhi ukhombisa ukuba nothando ebholeni. Enkundleni ungumdlali ozikhandlayo futhi into ayenzayo uyizwa ngaphakathi,” kusho uDube.

Uthe lo mfundi indlela aziphatha nazimisela ngayo kukhombisa ukuthi unekusasa eliqhakazile futhi kukhona okungavela.

UDube uthe uyafisa ukuthi uMinenhle akhule kunobhutshuzwayo agcine esedlala ezigabeni eziphezulu.

“Njengesikole akukho esisakwenza kodwa ngoba unalo iqembu alidlalelayo siyethemba ukuthi ngelinye ilanga bakhona abayoqhamuka balibone ikhon olakhe. Ngithi akazibambe ziqine ngoba ithalente likhona kuyena,” kusho uDube.

Siyabonga Mqadi

Sithengile Senior Secondary

USiyabonga uphupha ngokuba umqeqeshi wechess

Read More

UZIBONA engumqeqeshi womdlalo wezingcithabuchopho,ichess, umfundi waseSithengile Senior Secondary School ogila izimanga kulo mdlalo.

Esikoleni sikaSiyabonga Mqadi owenza uGrade 8 esiseClermont abawuvali umlomo ngekhona lakhe kulo mdlalo athi wawuqala eneminyaka eyisi-7 efunda uGrade 2.

Uthe lo mdlalo wawufindiswa ngumfowabo omdala osamuqeqeshe namanje.

Lo mfanyana waKwaDabeka uthe ukubona njalo umfowabo edlala ichess kwamugqugquzela ukuba naye ayidlale wabe esefuna ukuyifunda.

“Ichess isiza kakhulu kuzibalo ukuthi usheshe ubale ngoba idinga ukuthi ube nekhono lokubala futhi iyelekelela ukuthi ukwazi ukubamba uma kufundwa esikoleni,” kuchaza uSiyabonga.

Uveze ukuthi uneqembu lechess alidlalelayo, i-Ethekwini Chess Club, kanti ngesonto eledlule ubeyodlala emele isifunda.

Uthe badlale imizuliswano emihlanu wayinqoba yonke kanti bebe babili abadle umhlanganiso kuyona yonke imidlalo.

USiyabonga uqhube wathi ngesonto elizayo kunomqhudelwano azodlala kuwona njengoba ephumelele kowangesonto eledlule.

“Ngizibona ngizoba umqeqeshi wechess ngoba uma usuneminyaka engaphezulu kwengama-20 awube usavumeleka ukungenela imiqhudelwano ngoba iminyaka isuke isingaphezulu kwebekiwe. Uma ngingakwazanga ukwenza lokho ngizoba umshayeli wamabhanoyi,” esho.

Ekhuluma ebhekise kontangabakhe, uthe ichess iyasiza, yenza ukuthi umqondo usebenze ngokushesha ngoba umdlalo wokunqoba noma wokwehlulwa.

UMnuz Siyanda Zuma oyiSport Assistant kulesi sikole ekhuluma ngoSiyabonga, uthe ungumdlali ovelele kuchess kusukela ezingeni lesekethe kuya kusifunda kanti manje manje useyodlala kusifundazwe kumidlalo yasebusika ezobanjwa kusukela mhla zingama-23 kuya zingama-25 kuNhlangulana (June) nonyaka.

“USiyabonga ungumdlali oyithandayo ichess futhi uzimisele, uhlezi ebuza ukuthi kudlalwa nini.  Ukhona umqhudelwano esike sadlala kuwona KwaDabeka kunezikole ezinhlanu thina salala endaweni yesithathu lapho uSiyabonga wathola indondo yokuba umdlali obalwa kwabathathu abahambe phambili,” kuchaza uZuma..

Junior & Senior Primary April

Ishmael Mkhize

Delani Primary

Umfundi onobuhlakani obuyisimangUyazifeka ngokufunda umfana kaGogo

Read More

WENZA okungajwayelekile umfundi waseDelani Primary School, eThornwood, ochitha isikhathi sakhe esiningi efunda izincwadi.

Njengoba kuhlezi kugqugquzelwa ukufunda ezinganeni, leli vangeli lingena lithole indawo ku-Ishmael Mkhize ofunda uGrade 7 kulesi sikole.

Okufakazela lokhu ukuthi njengoba kusasa zingama-27 kuMbasa (April) kuwuSuku Lwenkululeko, u-Ishmael uhlanganise ulwazi ngokwenzeka eNingizimu Afrika ukuze kufikwe kulolu suku.

Uthi nakuba ukungabi nawo umtapo wolwazi esikoleni sakhe kepha uyazama ukuba athole ulwazi aludingayo.

“Uma singaba nomtapo wolwazi singasizakala kakhulu singabafundi ukuze sithole ulwazi oluningi,” esho.

Lo mfundi uthe ukufunda yinto yakhe futhi akalali engayifundanga incwadi uma kwenzeka engayitholi ufunda iphephandaba likagogo wakhe.

Uthe: “Ngiyakuthanda ukufunda ngoba ezindabeni eziningi ezifundwayo kunezifundo esizitholayo kanjalo nolwazi lokuthi kwenzekani ngesikhathi esithile.”

Lo mfundi uthe ufisa ukusebenza kumtapo wolwazi noma abe ngudokotela uma eseqede isikole.

Uthisha wakhe, uNkk Busi Mbatha, echaza lo mfundi uthe  uyingane ehlonipha kakhulu.

“Ngimubiza ngokuthi umfana kagogo ngoba ukhuliswa ugogo. Uhamba phambili kuzona zonke izifundo zakwaGrade 7, asikho angasazi,” kusho uNkk Mbatha.

Unxuse ukubalo mfundi avotelwe kulo mncintiswano ukuze aphumelele.

UNthati Nkuta

Delani Primary

Isishoshovu senkululeko saseDelani

Read More

KUBHEKWE lukhulu kusonkondlo osemuncane ofunda uGrade 7 eDelani Primary School, eThornwood.

UNthati Nkuta (12) uzibonakalise ehaya inkondlo ekhuluma ngenkululeko yaseNingizimu Afrika okuyinto okubonakalayo ukuthi isemizweni yakhe.

Le ntombazanyana yaseNew City, eMariannridge, ithi inazo izinkondlo ezihayayo ibonga abazali kanye nothisha bayo.

“Ngiyakuthanda ukuhaya nokufunda izinkondlo ngoba zinomyalezo futhi kuningi esikufunda kuzona ebesingakwazi,” esho eveza nokuthi izinkondlo uzeza nomfowabo.

Uthe ngoSuku Lwenkululeko oluba zingama-27 kuMbasa minyaka yonke uzobe ezama ukufundisa ezinye izingane ngokwenziwe yinkululeko eNingizimu afrika.

Ugqugquzela ontanga bakhe ukuba bathande ukufunda izinkondlo nokwazi kabanzi ngoSuku Lwenkululeko.

UNkk Nomusa Khuzwayo onguthisha wakhe uchaze uNthati njengengane ekhuthele, ethanda ukufunda, ezimiselayo futhi ehlonipha kakhulu.

“Ingane eyenza kahle ekilasini. Uthanda kakhulu imaths, ihistory nesiNgisi.”

Uthe kuleli kwata lonyaka ushaye into ecokeme kusiNgisi lapho ethole isi-7 kwathi kumaths wathola isi-6.

“Siyamuthanda kakhulu futhi siyacela ukuba abantu bamuvotele, uyahlonipha, uyalalela wenza konke akuyalelwa othisha,” kunxusa uNkk Khuzwayo.

High School April

Lungelo Thusi

Kwabazothini High

Bayazigqaja ngegoso labo eKwabazothini

Read More

USETHATHE isikole sakhe wasibeka kwelinye izinga kwezamasiko uLungelo Thusi (19) waKwaNgcolosi ofunda uGrade 11 eKwabazothini High School kuyona le ndawo.

Lo mfundi uhola iqembu lengoma kulesi sikole elihlanganisa abafundi bamantombazana nababafana. Muva nje, isikole sakhe sisanda kudla umhlanganiso emncintiswaneni wengoma liholwa nguyena.

ULungelo uthi ungumbhidisi wesibili eqenjini labo iMbalenhle.

Uthe ingoma wayiqala efunda uGrade 4 futhi yinto abaphila ngayo emphakathini.

“Esikoleni singenele umncintiswano wamasiko saphumelela nakuba sasingenalo ithemba ngoba abaningi bebe yiqala ingoma kodwa ngabahlanganisa. Ngikhethe ingoma ngoba ngifuna ukwazi kabanzi ngosiko lwakithifuthi  ngifunde nezinto zesintu ngiphinde ngifundise nabanye ukuthi bangalilahli isiko labo baqhubeke nezinto zesiZulu ngoba esikhathi samanje abantu sebethanda izinto ezifikayo kanti kufanele siqale sazi usiko lwakithi,” kubeka uLungelo.

UNksz Phumelele Mkhize uphethe ezamasiko kulesi sikole uthe uLungelo ungumfundi onekhono, oziphethe kahle, okhaliphile, osebenza ngokuzikhandla futhi uma umqondo wakhe esewubeke entweni uyayizuza.

Uveze ukuthi ngesikhathi bengakalazi ikhono likaLungelo wayengomunye wabafundi abahluphayo kodwa kuthe lingavela washintsha.

“Nangendlela asithatha ngayo isikole ishintshile. Uyena ohola iqembu likashiyameni abafana namantombazana. Uze aphumele ngaphandle kwesikole angenele imincintiswano yangamaholidi,” kuchaza uNksz Mkhize.

Uthe isikole sabo besiqala ukuthi kube khona esikunqobayo kwezamasiko kusukela ezingeni lesifunda kuya kwelesifundazwe kepha ngenxa yokuzimisela, ukuzikhandla nethalente kukaLungelo kwenzekile. “Kukho konke ngimufisela okuhle empilweni.”

Junior & Senior Primary March

Cebo Radebe

Nsizwakazi Primary

Umfundi onobuhlakani obuyisimanga

Read More

KUBATSHAZWA ukukhalipha komfundi kaGrade 6 waseNsizwakazi Primary School, eMariannhill, owenza ezibukwayo ezifundweni zakhe.

Othisha bakaCebolenkosi Hadebe (11) waKwaSanti khona eMariannhill abawuvali umlomo ngenxa yemisebenzi yakhe ekilasini okumenza ehluke kwabanye abafundi.

Lo mfundi othi uma ekhuluma kuzwakale ukuthi ukhaliphile uhamba yedwa ezifundweni ikakhulukazi imathematics.

Uthe uthanda kakhulu isifundo sezibalo ngoba uyashesha ukusiqonda futhi wenza kahle kakhulu kuyona. Ngokwakhe silula lesi sifundo ngoba sihlanganisa ukubala nje.

UCebo uthe esinye isifundo asithandayo inatural science.

“Noma ngingakazi kahle ukuthi ngifuna ukwenza muphi umsebenzi uma sengiqede isikole isinqumo ngizosithatha kahle uma sengifunda uGrade 8 kodwa ngiyakuthanda ukuba udokotela wamazinyo ngisize abantu ikakhulukazi ogogo nomkhulu,” kusho uCebo othi selokhu angena esikoleni alikho ibanga aseke waliphinda.

Ngaphandle kwesikole lo mfundi ungumgijimi okuyinto athi uyithathe kuyise ongumsubathi weComrades Marathon.

Uthisha wakhe uMiss Simangele Sikakane omfundisa imaths echaza uCebo uthe uyazimisela kakhulu.

“Babili ekilasini abenza kahle kakhulu kodwa yena wedlulele, uma umunika umsebenzi uwuqede ngokushesha ngize ngiphinde ngimunike omunye, Uyingane ephonselana inselelo,” kuchaza uMiss Sikakane.

Uthe nangonyaka owedlule uCebo ubehamba phambili nakuba bebaningi abavelele kulesi sikole kodwa nguyena ohamba nesicoco.

Ephetha, uthe: “Uyalalela uthisha uma efundisa, uyabuza futhi into uma imehlula uyeza abuze ngimfundise eseyedwa aze agcine eseyibambile. Ngibona ikusasa lakhe liqhakazile futhi ngimufisela inhlanhla umfana.”

Okuhle Nxumalo

Wyebank Primary

Okuhle nomusa kuyamlandela u-Okuhle

Read More

AKAGCINI ngokuba ngumdlali kanobhutshuzwayo osezingeni eliphezulu u-Okuhle Nxumalo (12) kepha abamazi kahle bathi umakhono ahlukene.

Lo mfanyana waseWyebank ofunda uGrade 7 eWyebank Primary School uvelele esikoleni sakhe ngonobhutshuzwayo kangangokuba uqokwe njengokaputeni weqembu lesikole futhi uyayikazela yizindondo nezinkomishi azithole ngenxa yokwenza kahle kwakhe.

Uthe uqake ukudlala ibhola ngowezi-2019 ebukela kuyise naye obelidlala. Ngaphezulu kwalokho, u-Okuhle uthe ubezinika isikhathi elibuka kumabonakude.

Lo mdlali olihlikihla enkabeni yenkundla, uthe uyise ubehlala emutshela ukuthi unobhutshuzwayo umdlalo omnandi okumenze wagcina esenothando lwawo.

Akagcini ngokudlala esikoleni uphinde abe ngumdlali we-Isicelo Sport Skills ezinze e-Ashley. Kulesi sikhungo esithuthukisa abadlali usebe yingxenye iminyaka emini.

U-Okuhle uthi uyazifela ngomdlali weKaizer Chiefs uKeagan Dolly athi ungumpetha kulo mdlalo futhui uyakwazi ukuhola kahle iqembu lakhe.

“Ngifuna ukuba umdlali kanobhutshuzwayo okhokhelwayo futhi ngizozama ngawo wonke amandla ukudlala ukuze namaqembu amakhulu angibone ngidlala,” kusho u-Okuhle.

Uthisha wakhe uMnuz Sphesihle Khanyile uchaze u-Okuhle njengomdlali onesipiliyoni esikhulu kunobhutshuzwayo.

Uthe nyakenye uqokwe njengokaputeni weqembu lesikole waphinde wabamba iqhaza kuCross Country lapho ephume endaweni yokuqala.

“Njengokaputeni ukhombisile ukuzikhandla lapho eveza amakhono ahlukene esibala kuwo elobuholi, ukuxhumana okuhle nabadlali futhi isiphiwo sakhe sokulalela singisize kakhulu njengomqeqeshi webhola lezinyawo esikoleni,” kusho uKhanyile.

 

Uveze ukuthi u-Okuhle unemikomelo ayithole ezinkundleni ezahlukene lapho besuke bebambe iqhaza khona.

High School March

Khulile Ngobese

Kwabazothini High

Wenza ezibukwayo ngemidwebo

Read More

SIYAZIGQAJA isikole sakhe ngekhono lakhe lokudweba umfundi kaGrade 10 eKwabazothini High School, KwaNgcolosi, ogila izimanga kulo mkhakha.

Libatshazwa nxazonke ikhono likaKhulile Ngobese (15) wakhona KwaNgcolosi okwazi ukukhipha isithombe somuntu enjengoba enjalo.

Phakathi kwemidwebo aseyenzile eminye ayenza ngopende kubalwa umculi odumile kuleli uCassper Nyovest, umculi nomlingisi uThandeka Zulu nabanye abaningi.

Uthe uthando lokudweba lwafika kuyena ngesikhathi ebona uzakwabo edweba opopayi efunda uGrade 1 ngowezi-2013.

UKhulile uthe ekwaGrade 4 wangenela umncintiswano wokudweba esikoleni wanqoba.

“Emva kokunqoba umncintiswano nganikwa ithuba lokudwebela isikole izinto ezahlukene  ngaze ngaphothula uGrade 7,” kusho uKhuleli othi ukudweba kusegazini kuyena njengoba noyise wayengumdwebi.

Uthe uhlose ukuba umsebenzi wakhe ubonwa abantu bezindawo ezithuthukisa amaciko kuleli nokukhombisa umhlaba wonke ikhono lakhe.

Uthisha wakhe uMnuz Thobezweni Ngema uthe uqale ukubona ikhono likaKhulile  efika kulesi sikole eyofunda uGrade 8.

“Isikhathim esiningi uma ngifundisa ngiye ngichaze izinto ngemidwebo kulapho ngibone ikhono lalo mfundi. Ngizinike isikhathi ngamunika umsebenzi wokwenza umdwebo osuselwa kundikimba yodlame olubhekiswe kwabesifazane wakwenza lokho ngempumelelo emva kwezinsuku ezimbili,” kuchaza uNgema.

Uthe ngonyaka owedlule uMnyango Wezemfundo ngokuhlanganyela nowamaCiko Namasiko banike othisha umsebenzi wokuhlonza abafundi abanamakhono ikakhulukazi okudweba, ukwelulaka, ukupenda nokunye. “Ngamuthatha saya siyomnika ithuba ewuphethe umsebenzi wakhe owawumayelana nomonakalo odalwe izikhukhula KwaZulu-Natal.”

Uthe akuqaphele ngoKhulile ukuthi ukuthi ungumfana ozimiselayo, ohloniphayo futhi unothando lokudweba.

UNgema uthe okumuhlaba umxhwele ngoKhulile ukuthi noma elibona ikhono lakhe nokuthi angaziphilisa ngalo kodwa nasezifundweni muhle kakhulu futhi uyasithanda isikole.

“Ngiyamufisela ukuthi uma kukhona indlela engathola amanye amathuba ukuze leli khono lakhe lingamulahlekeli,” ephetha.

Junior & Senior Primary February

Samukelisiwe Ngcobo

Amanganga Primary

Babona umholi kovelele kwezemidlalo

Read More

ISIKOLE samabanga aphansi esiKwaNdengezi, i-Amanganga Primary School, sithi siqoke uSamukelisiwe Ngcobo (13) njengovelele kwezemidlalo ngoba sibona izimpawu zobuholi kuyena.

USamukelisiwe ofunda uGrade 7 kulesi sikole, ungohamba phambili emdlalweni webhola lomnqakiswano kwazise unekhono lokudlala izindawo ezahlukene enkundleni.

Uthisha wakhe omuqeqesha kwelomnqakiswano, uNkk Nonkanyiso Doyisa, akawuvali umlomo ngaye.

“USamukelisiwe ngimuqoke njengomdlali okunguyena ophambili ebholeni lomnqakiswano ngoba ukwazi ukudlala izindawo ezahlukene okuyiphambili, enkabeni yenkundla nasemuva. Unenhliziyo enhle uma edlala, uyakwazi ukubekezela nokuxazulula lapho kunenkinga khona,” kusho uNkk Doyisa echaza lo mfundi waKwaNdengezi.

Uthe yena uma engekho eduze kudlalwa uSamukelisiwe uyakwazi ukungenelela atshele ozakwabo obekumel bakwenze futhi lokhu ekwenza ngenhliziyo enhle.

“Angaba ngumholi, eqinisweni unguyena kwazise uyakwazi nokubafundisa bebodwa.”

Uthe lokhu uSamukelisiwe ubekukhombisa ebuncaneni bakhe.

UNkk Doyisa uthe ibhola lomnqakiswano bayalidlala esikoleni, bavakashele ezinye izikole baphinde baye nakumiqhudelwano yezikole.

USamukelisiwe uthe uqale ukudlala ibhola lomnqakiswano ngonyaka owedlule. Uthe waqoka lo mdlalo ngoba ebona ukuthi angakwazi ukuwenza.

“Uthando lwalo mdlalo lusuka kumina ngaphakathi akekho olufakile. Ngiyafisa ukuhamba ibanga elide kuwona, ngihambele amazwe amaningi ngimele izwe lami,” kusho uSamukelisiwe.

Uthe uyabatshela ontanga bakhe ngalo mdlalo noma abanye bebuye bahudule izinyawo kodwa yena uthi uzoqhubeka azilolonge njalo ukuze ahlale ehamba phambili kulo mdlalo.

High School February

Siphesihle Mbatha

Erick Mtshali Secondary

USphe ugqugquzelwa unozinti weSundowns

Read More

CISHE ukuzalwa kwakhe ngonyaka omkhulu kunobhutshuzwayo kuleli wezi-2010 kube nomthelela omukhulu ekwenzeni kahle kwakhe kwezemidlalo.

Phela ngalo nyaka iNingizimu Afrika yayisingethe iNdebe Yomhlaba kanobhutshuzwayo okwayenza yaba yizwe lokuqala ezweni Afrika ukuyisingatha.

USiphesihle Mbatha (13) waseWyebank ofunda uGrade 8 e-Erick Mtshali Secondary School khona eWyebank ugila izimanga kwezemidlalo njengoba engunozinti ovelele eqenjini lakhe elingaphansi kwesikhungo esithuthukisa izingane kulo mkhakha, i-Isicelo Sport Skills Development.

Kusukela ngowezi-2021 usenqobe izindondo eziyisi-8 phakathi kwazo okubalwa eyokuba iGoalkeeper of the Tournament ngowezi-2022 ku-Ekaya Soccer Tournament, eyokuba iMan of the Match, yiGoalkeeper of the Year ngowezi-2022, iCertificate for Consistent Participation, Certificate for Goalkeeper of the Tournament nezinye eziningi.

Ngonyaka odlule ubeyingxenye yethimba le-Isicelo Sport Skills Development ebeliyobamba iqhaza emqhudelwaneni owawubanjelwe eCape Town lapho okwakukhona amaqembu ezinkulisa eMamelodi Sundowns neStellenbosch FC.

Ikhono lakhe alikho kunobhutshuzwayo kuphela njengoba nasekusubatheni ebatshazwa. Lokhu kufakazelwa ukuklonyeliswa ngeCertificate for Athletics District Ecxellence.

Nakuba enalo ikhono lokugijima uSiphesihle kepha uthi unobhutshuzwayo uwuthanda kakhulu futhi uzogxila kuwona ngoba ubona ikusasa kuwona.

“Ibhola linekusasa futhi ngiyalibona. Ngaqala ukulidlala ngikwaGrade 3 ngidlalela amaqembu aselokishini nelesikole labaneminyaka yobudala engaphansi kweli-14,” echaza.

Uthe kulo mdlalo ugqugquzelwa futhi ubukela kunozinti weMamelodi Sundowns neqembu lesizwe iBafana Bafana, uRonwen Williams.

Uthe: “Ngifisa ukuzibona ngiphumelela ngize ngifike ezingeni likaRonwen Williams naphesheya kwezilwandle uma kwenzeka.”

Letoya Madlala

Wingen Height Secondary

Uthi ufuna ukuba izwi labangazwakali

Read More

ISIMANGA somfundi waseWingen Height Secondary School ogila izimanga ngamathalente ahlukene.

ULetoya Madlala (14) waKwaNdengezi wenza ezibukwayo kwezokumodela, ukudansa, ukulingisa, ukuhaya izinkondlo nokuxoxa imizekelo.

Waqala ukumodela eneminyaka yobudala emine.

Kodwa aziwa kakhulu ngalo elokumodela eselimubeke kumazinga ahlukene wase wafika phesheya kwezilwandle ePhilippines emele iNingizimu Afrika kuMiss Teen Tourism International nyakenye lapho adla umhlanganiso waba ephuma phambili.

Ngaphambi kokuya kulo mncintiswano uLetoya wayedle umhlanganiso kuMiss/Teen Tourism Global SA eqwaqwada emakhanda abali-18 ayencintisana nabo ababephuma izifundazweni ezahlule zakuleli. EPhillipines ubebanga isicoco nezintokazi zakwamanye amazwe emhlabeni.

Ngaphezulu kwalokhi ungumsiki wengqephu, iSikhulu Esiphezulu seLa-tee Kiddies Spa and Deco, ungomunye wabasunguli beDream Chasers Academy eyenze imisebenzi yesihe futhi ikhulise izingane, uyiSikhulu Esiphezulu seLa-tee Clothing Boutique, umsunguli weLa-tee Modelling efundisa ngasese ukumodela, umsunguli weMiss & Mr Ethekwini Municipality efundisa intsha ngokucabanga ngamabhizinisi isencane.

“Ngikholwa ukuthi zonke izingane kufanele zifundiswe ukucabanga ngamabhizinisi zisencane. Ngisebenzela ukusiza umphakathi  ngoba ngiyakholelwa kakhulu ekutheni ukusiza abanye abantu kuyindlela yokuzisiza ubheke eZulwini,” kusho lo mfundi owenza uGrade 10.

Ezichaza uthe: “Ngiyingane emnyama efuna ukuba yizwe labangazwakali futhi onhloso zayo ukuhlomisa ingane mnyama njengoba ngokholelwa ukuthi singabaholi bangomuso futhi akungabikho ovumela iminyakayobudala noma izimo kwakhe umngcele futhi kulawule impumelelo yakhe.”

Amagalelo kaLetoya ashayelwe ihlombe nanguMengameli wezwe, uCyril Ramaphosa, ngesikhathi ehambele KwaNdengezi ngonyaka odlule owaba nesikhashana bexoxisana nale ntombazanyana.

ULetoya uthi konke lokhu akwenzayo kakumuphazamisi esikoleni njengoba enza kahle nasezifundweni zakhe.

Thank you for voting for your SPAR Superstar and for giving them a chance to win a SPAR Voucher

Voting for the first quarterly winners closes on November 09 2023. One junior/senior primary winner and one high school winner will be chosen based on the number of votes. Maximum of one vote per person. Look out for the SPAR Superstar winners in the Insthonalanga November 24th edition

To view the previous SPAR Superstar winners

 

100622 SPAR KZN SUPER STARS STRIP ADS_260x50mm_FA 5
Back to top button