Spar Superstars Eyethu Intshonalanga and Umlazi – 2026

Vote for your favourite SPAR School Superstar

Help them win a R300 SPAR Shopping Voucher and put them in the running to win R5000 in the KZN SPAR School Superstar competition

Primary School September

Ayabonga Thwala

KwaGinga Primary School

Umholi Oqotho

Read More

U-Ayabonga Thwala ungumfundi oneminyaka eyi-12 yobudala futhi owenza kahle kakhulu ezifundweni kanti ungomunye wabafundi abayishumi abaphasa ngamalengiso lapha esikoleni KwaGinga Primary School.
U-Ayabonga ungumfundi oziphethe kahle, onenhlonipho futhi ozithobile. UThwala uphinde abe umhola wabafundi ohola ngobuqotho kanye nengesibonelo ukuqinisekisa ukuthi izidingo zesikole sethu kanye nabafundi ziyafezeka. Ngokwezifundo zakhe, uhlale ephumelela kahle futhi ubonisa ukuzinikela, ukugxila kanye nothando lokufunda.
Ngaphandle kwezifundo, u-Ayabonga waziwa ngokuba nenhliziyo enakekelayo nenesihawu. U-Ayabonga uphinde athathe isikhathi sakhe ukuba afundise ontanga yakhe kwezinye zezifundo asiqonda kancono yena, aphinde akhuthaza ukuziphatha kahle kanye nokuzinikela kumsebenzi wesikole.Siyaziqhenya ngokumethula kulo mqhudelwano.

Anele Gwala

Inchanga Primary School

Isihlakani sezemfundo

Read More

UGwala Anele (10) ungumfundi webanga lesi-5 okhuthele, ofundiswe kahle futhi, ubonisa njalo ukusebenza ngokuzimisela ezimfundweni zakhe kanye nokuhlale ezithuthukisa. Kusukela ebangeni u-R kuya ebangeni lesi-3, ubehlale kwi-Top 5 kulawo mabanga. Selokhu angena esigabeni esiphakathi, uqhubekile nokwenza kahle ngalokho waphinde waba i-Top Achiever ebangeni lesi-4, kanti lempumelelo uhambe nayo waze wafika nayo ebangeni lesi-5.
U-Anele uyaziqhenya ngomsebenzi wakhe wesikole, ohlala uhlanzekile, ucocekile futhi wethulwa kahle. Ungumfundi okhuthele ohlanganyela ngokuzethemba emisebenzini yekilasi futhi ubonisa ukuba umfundi ofundisekile. Ukuzinikela kwakhe, kanye nokuphikelela kuzomusebenzela empilweni yakhe kusukela manje kuya naphambili.
Lo kaGwala akagcini nje ngokuthenjwa ngokwenza kahle ezifundweni zakhe kodwa ubuye wathenjwa ngokuba isekela le-Prefect lesikole nalapho khona enza khona umisebenzi wakhe ngokuzibophezela.
Uphinde abe yilungu leqembu leSpelling Bee, lapho enze khona umnikelo omuhle kakhulu ekuqinisekiseni khona ukuthi usimele kahle isikole sakhe. Aphinde abe yingxenye yeqembu le-Girl Guide, ehlanganyela emikhosini yesikole, futhi usebenza njengomgqugquzeli wezenjabulo uma kukhona ezemidlalo.

Asiphamandla Dlamini

Ximba Primary School

Ungqondongqondo wezemidlalo

Read More

U-Asiphamandla Dlamini owenza ibanga lesei-5. UDlamini ungumfundi ohloniphayo, oziphatha kahle futhi osebenza ngokuzikhandla esikoleni samabanga aphansi i-Ximba.
Uvelela kakhulu ezifundweni zakhe aphinde abambe iqhaza elikhulu ngokukhuthala kwakhe kwezemidlalo kanye nokuzibandakanya kwakhe kwizinto zamasiko, lapho khona ebonisa ithalente elikhulu kanye nokuzinikela.
Njengoba aziwa ngokuziphatha kahle, kanti futhi ungumfundi onogazi njengoba ethandwa ngothisha kanye nabanye abafundi.
U- Asiphamandla unekhono elihle futhi elibukeka lizomsebenzela ngisho esekhulile njengoba ekwazi ukuthi alinganise kahle umsebenzi wakhe wesikole kanye nezinye izinto azibandakanya kuzo ngaphandle kwesikole noma eklilasini.
Uyisibonelo esihle kakhulu kubafundi bamantombazane abangozakwakhe, ngokuzinikela kwakhe kanye nokubeka isikole kwibalazwe esikoleni.

Lwandiso Msomi

KwaGinga Primary School

Umpetha weChess

Read More

ULwandiso Msomi umfundi osebenza ngokuzimisela emsebenzini wakhe wesikole, uphinde abe ngumholi ekilasi lakhe, lokho okuchaza lukhulu ngokuba nezimpawu zokuphatha aphinde akwazi ukusebenzisana nabafundi kanye nothisha.
Akugcini lapho, uphinde abe uKapteni weChess okungumdlalo wezinjula buchopho. Ungumntwana onesineke, nothando kakhulu kwabanye abafundi. Amagalelo obuholi bakhe alokhe ezikhombisa njalo kumsebenzi wakhe kanti futhi angeke umuzwe noma uzwe kuthiwa ukhulume kabi nomunye umfundi noma uphendule kabi uthisha wakhe. Ngalokho lokhu kumenza abe ngumfundi okufanele ukumele lesi sikole sethu esinomlano omuhle.

Thank you for voting for your SPAR Superstar and for giving them a chance to win a SPAR Voucher

One junior/senior primary and one high school winner will be chosen based on the number of votes. Maximum of one vote per person.

Back to top button