Bekushubile kowentuthuko yesifunda saseMzinyathi
“Umkhandlu wase Mzinyathi awukho ngaphansi kohlelo loMnyango kaNgqongqoshe i-Corporate Governance and Traditional Affairs wokufaka lomkhandlu ngaphansi kohlelo lwe-administration okusho ukuthi uMnyango kaNgqongqoshe iwona osuzongamela lomkhandlu.” Lamazwi ashiwo iMeya yase Mzinyathi, uMfundisi James Mthethwa ngenkathi kunenkulumo ebihlelwe uMsakazo iGagasi FM phakathi komphakathi kanye nemikhandlu engaphansi koMzinyathi. UMeya Mthethwa uyaphika ukuthi kuloMkhandlu kunezimali ezadliwa. Uthi yena njengeMeya …

“Umkhandlu wase Mzinyathi awukho ngaphansi kohlelo loMnyango kaNgqongqoshe i-Corporate Governance and Traditional Affairs wokufaka lomkhandlu ngaphansi kohlelo lwe-administration okusho ukuthi uMnyango kaNgqongqoshe iwona osuzongamela lomkhandlu.” Lamazwi ashiwo iMeya yase Mzinyathi, uMfundisi James Mthethwa ngenkathi kunenkulumo ebihlelwe uMsakazo iGagasi FM phakathi komphakathi kanye nemikhandlu engaphansi koMzinyathi. UMeya Mthethwa uyaphika ukuthi kuloMkhandlu kunezimali ezadliwa.
Uthi yena njengeMeya wabhala incwadi ecela ukuba ihhovisi lika Ngqongqoshe uNomusa Dube ukuba lingenelele ngoba kukhona okungahambi kahle ezimalini. Akugcizelela ukuthi uMkhandlu wase Mzinyathi njengoba kunokungenelela kohlelo luka Ngqonqgoshe ngoba athumele ithimba lokuzosiza i-Internension umkhandlu ngokwezimali uhamba kahle. Abanye bomphakathi bagxeke umkhandlu wase Nquthu ngokuthi intuthuko iyabonakala kodwa ivele ‘ishabalale’
Umkhandlu wase Mzinyathi usabonakala ubhekane nenselelo yamanzi kanyenezindlu zangasese. UMeya Mthethwa ukuvezile ukuthi u80% umkhandlu usuzamile ukufaka izindlu zangasese futhi sebesalelwe ngu 22%.



