Izinhlangano ziletha umehluko emphakathini
Inhlangano yomphakathi iletha umehluko ezimpilweni zabantu.

Kushayelwa izadla okwenziwe iHlubi organisation ibambisene nebhange i-ABSA ngokunikezela ngomfaniswano wesikole kubafundi abahlanu base Leneha Tumisa High esigodini saseNkande, eNquthu. Inhlangano iHlubi kanye nebhange i-Absa banikezele ngalemifaniswano emavikini ambalwa endlule.
Ithimba lase ABSA belikhona nalo ukuzozibonela ngawabo umsebenzi nabo abayinxenye yawo wokuba banikezele emphakathini ukusiza labobafundi abaphuma emakhaya antulayo. OyiManenja kulelibhange, uNksz Nonto Ngcobo uthi bekuyisifiso sabo njengebhangi ukuba nabo kube khona abakwenzela umphakathi njengendlela yokubonga ukusekelwa yibo ebhizinisini labo.
Uchaze wathi, “njengo ABSA sifuna ukugxila kakhulu entsheni ngoba iyona equkethe ikusasa lezwe.” Uqhube wathi “sizimisele ukuqhubeka nokusiza ezinye izinhlangano ezifana neHlubi, iminyango yethu ivulekile.”
Abasebenzi balelibhange bazivulela isikhwama sokusiza abantu ikakhulu labo abaswele. Ngokusho kukaMenenja lesisikhwama akusona esebhange kepha esabasebenzi njengoba nalapha kulomcimbi besebenzise imali ephuma kuso lesisikhwama. Uthi basazoqhubeka nokwenza izinhlelo eziwusizo emphakathini.
Lenhlangano iHlubi yasugulwa ngoyaka ondlule ngenhloso yokuthuthukisa ikusasa lentsha yaseNquthu. Baphinde basize imizi engekho esimweni esikahle ngokwezempilo kanye namakhaya akulesisigodi saseNkande angakwazi ukufinyelela eminyangweni kahulumeni.
Ongusihlalo kulenhlangano uFukang Molefe uthi lomcimbi uyisiqalo sokuxhumana neABSA njengoba kukuningi abakwenzayo okubandakanya ama-campaigns aqwashisa intsha ngezinto ezifana nezidakamizwa, ukubaluleka kwemfundo kanye nokunye. Uthi konke lokhu bakwenza ngokubambisana neCOGTA.
Lenhlangano iyafisa ukuba ilekelelwe emizamweni yayo yokuthuthukisa intsha. Ofisa ukufaka isandla angaxhumana nabo kulenombolo: 072 5723 260 okanye abathumelele umlayezo kule email: hlubiorg@gmail.com.
Uthishahloko wesikole, uSK Zwane ubonge kakhulu kulezizinhlangano zombili wathi baqhubeke nokusiza abanye benze umehluko ebantwaneni.



