communityLocal newsNewsSpeak Out, Khuluma, PraatYouth Revolution

Lugujwe ngendumezulu yomcimbi usuku lwamaSiko eNquthu

Amasiko angamagugu angasoze aphela empulweni yomuntu.

Bekushikisha ufudu kumaqembu ezigodi ezahlukene ezingamele indawo yaseNquthu njengoba ebenandisa kumcimbi wokugubha amasiko obuhlelwe uMnyango wezokuNcebeleka kumasipala wakuleyandawo nobubanjelwe ehhola i-V.A Makhoba khona eNquthu. Afike ngobuningi ehlobe eqhakazile ngokwamasiko awo ubungafunga ukuthi umshado.

Ubuhle bendalo lobu. Lezizintombi bezikhona nazo ukuzonandisa kulomcimbi wamaSiko. Bekukuhle kudelile.
Ubuhle bendalo lobu. Lezizintombi bezikhona nazo ukuzonandisa kulomcimbi wamaSiko. Bekukuhle kudelile.


Nakuba umcimbi ungaqalanga ngesikhathi okuphawulekile ukuthi amakhosi awakwazanga ukuphumelela, kodwa ahlonishwe ngesizotha. Amaqembu iwona abegcwele kulomcimbi ukudlula umphakathi obuthamele.
UMeya EN Molefe uphawule wathi, “Ukugubha usuku lwamasiko kubalulekile ngoba kukhuthaza abantu ngokugcinwa kwamagugu abo.” 


Ubale amagugu okuhlonipha, ukuziphatha kahle komama nobaba nathe kugcina kuyisibonelo esihle ebantwaneni. Uphinde wabalula ukugcinwa kwentombi nensizwa athe kuyigugu elikhulu kulelizwe esiphila kulo.
UMeya uphawule wathi nakuba inyanga yamasiko isindlulile kodwa ‘amasiko namagugu akudluli empilweni yomuntu’. UMeya uphinde wathi angakujabulela ukuthi ngeminyaka ezayo makugujwa lolusuku kufakwe nalaba bokufika ‘esesiphila nabo manje ezindaweni njengama China, abase Zimbabwe kanye nabase Nigeria’. Mnuz MB Jiyane, ophethe kuMnyango wezokuXhumana kumasipala wase Nquthu uqinisekise uMeya ukuba isicelo sakhe sizolandelelwa.

 

UNksz Khanyile ophethe isibhedlela i-CJM kanye noMeya waseNquthu uKhansela uEmily Molefe bethamele umcimbi wokugubha amaSiko. Nabo bebevunule ngokwamasiko abo.
UNksz Khanyile ophethe isibhedlela i-CJM kanye noMeya waseNquthu uKhansela uEmily Molefe bethamele umcimbi wokugubha amaSiko. Nabo bebevunule ngokwamasiko abo.

 

UDimakatso Tsotetsi ongumsunguli weqembu ‘iBana Batsoseletso’ okuyiqembu eladla umhlanganiso kumqhudelwano kazwelonke eThekwini. Uthe uhlanganisa amantombazanyana akhe ngenhloso yokuba avikeleke ezintweni ezingezinhle ezenzeka ezweni kulesikhathi samanje.

Abebethamele lomcimbi singabala, uNksz Mazibuko, onguNdlunkulu waseSandlwana, Nksz Khanyile, ophethe isibhedlela i-CJM sakhona eNquthu kanye nabanye.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button