Kuqiniswa umkhankaso wezidakamizwa
Intsha yase Nquthu yenze okuhlukile ekudluliseni imiyalezo yokuqwashisa ngezidakamizwa.

Kuningi okungenziwa ukuvimbela ukusetshenziswa kwezidakamizwa emiphakathini esihlala kuyo ngaphandle kokuhlanganyela emihlanganweni ethatha isikhathi eside kwesinye isikhathi ekungaphunywa nazisombululo kuyo.
Intsha yase Nquthu yenze okuhlukile ekudluliseni imiyalezo yokuqwashisa ngezidakamizwa ngokuba inikeze abantu abasha ithuba loku qhakambisa amakhono abo ngezindlela ezahlukene.
Lomcimbi obusezingeni kuqhathaniswa neminyaka endlule, ubuhlelwe izinhlangano ezingamelwe abantu abasha okuyi 21st Century kanye the Q-Theme Records, ubanjelwe e-VA Makhoba Hall, eNquthu. Iminyango engamele u-Sukuma Sakhe nayo ibikhona ukuzogqugquzela ivangeli lokulwisana nezidakamizwa entsheni. Inhloso yalezizinhlangano zokwenza umcimbi ofana nalona ukuba bavuselele intsha izigqaje ngamakhono ayo ahlukene.

I-21st Century iyona eyaqala lolihlelo ngonyaka odlule. UMnuz Vusimuzi Shange oyilunga lalenhlangano uthi “inhloso yokuvula lenhlangano yagqugquzelwa ukubona intsha eningi ihleli emakhaya ingasebenzi. Sabe sesihlangana sasungula lelithimba ukuze kuzovikeleka ukwanda kwezidakamizwa ngenxa yesithukuthezi.” Uthi kuleminyaka ezayo uzimisele ukubona amakhono ethuthuka eNquthu.
UMnuz Mxolisi Mbatha weqembu le Q-Theme Records uthi intsha yase Nquthu kuyabonakala ukuthi iyazigqaja ngamakhono ayo njengoba izinga lalomcimbi beliphezulu kakhulu uma eqhathanisa neminye yasezindaweni ezifana noDundee, Dannhauser okungeminye yemicimbi efana nalena asake ayihambela. Uthi imicimbi efana nalena inomthelela ekwenzeni umehluko ezimpilweni zabantu abasha. Uqhube wathi yakha nobumbano ekuhlanganiseni amakhono ahlukene. Umcimbi olandelayo uhlelelwe ukuba wenziwe ngo December 5.

UMnuz Menzi Zikalala ophuma eMnyangweni wezeMpilo ukhuthaze intsha ukuba iqhubeke nokufeza amakhono kanye namaphupho ayo ukuze ingabi uvanzi ize ilingeke ingene ezidakamizweni. Uthi ukudla izidakamizwa kungenye yezimbangela intsha ezithola ingenwa izifo eziningi ngenxa yobudedengu uma isidle izidakamizwa.
ULungile Luvuno, osenhlanganweni engaphansi kwaMaphoyisa, iKhulisa Social Solutions, uchazele intsha ukuba bona balwisana kakhulu nodlame emphakathini oludalwa abantu abasha ngenxa yezidakamizwa. Uthi bayabahambela ezikoleni ukuze babaqwashise.
Uqhube wathi nabazali abahlukumezwayo ngenxa yazo izidakamizwa bayathola ukusizakala kulenhlangano.



