Kwembathiswe abafundisi iziqu
Wonke umuntu wanganoma iluphi uhlaka wamukelekile kulekolishi yase Holy Bible.

Bekuyinhlokomo yodwa kubazalwane bebandla i-Holy Nation, lapho bebehalalisela ozakwabo abekade bezothweswa iziqu zabo zobufundisi esigodini sakwaFahlaza eNquthu.
UBhishobhi Johannes Musawenkosi Ncube, ongumsunguli walesisikhungo ubike ukuthi lesisikole sasungulwa ngonyaka ka1994, okuyimanje sinamagatsha angamashumi amabili (20) iNingizimu Afrika yonke nalapho befundisa ngezilimi ezahlukene zaseMzansi. Uchaze wathi inhloso enkulu yokuvula lelikolishi kwakungukusiza abafundisi abangatholanga amathuba okufunda, nabangenawo umatikuletsheni kodwa benobizo lokuthula izwi lenkosi ukuba baphothule izifundo zabo. Uqhubeke wathi wonke umuntu wanganoma iluphi uhlaka wamukelekile kulekolishi.
Bafundisa abaholi bentsha,abadikoni,abakhokheli nokunye okuningi okuphathelene nesonto. Lezifundo ziphothulwa emuva kweminyaka emithathu yokuqeqeshwa ngaphambi kokuba uthole i-Diploma. Abafundi bayakwazi ukuqhubekela phambili khona kulelikolishi ngokuba benze iDegree. Lelikolishi eliseNquthu lasungulwa ngo 2012 ngemuva kokuba iNkosi yesizwe sakwaZondi yanika umvume abaphathi balo ukuba basebenzise inkantolo yesizwe salo ukuqhuba lomsebenzi.
Uthi uMbhishobhu, njengothishanhloko kulendawo yaseNquthu kuyamthokozisa ukubona izinga liya ngokunyuka uma kuqhathaniswa neminyaka emibili endlule. Kulonyaka banabafundi abangu 23 kanti abesifazane nabo bandile impela kulonyaka. Kunabafundi abaphuma emabandleni ahlukene abaqeqeshwayo kulelikolishi nakubo izinsalelo zikhona kodwa umsebenzi uyaqhubeka.
UMbhishobhi uthi “umsebenzi ubenzima ngoba kwesinye isikhathi abafundi njengoba kubuye kube abantu abasebenzayo bebe nokungezi ngenxa yokubambeka emisebenzini yabo nobekuphazamisa kakhulu,”kuchaza uSibiya.
Ubesezibongela eNkosini yesizwe sakwaZondi ngendima enkulu yendawo abafundisela kuyo. UMnuz Lindani Langa ongumfundisi webandla le- African Pentecostal Church in Zion e-Sunrise khona eNquthu ubonge umndeni wakhe ngokumeseka ngesikhathi ethatha isinqumo sokuya kulesisikole nalapho afunde okuningi.. “Ngibonile ukuthi imali yami angiyilahlanga njengoba sengizuze okuningi eHoly Nation Bible College.” Ngonyaka ozayo isikole sizoqala ngomhlaka 31 Jauary. Kunemali yonyaka wonke, eyisikulifani ekhokhwayo ngabafundi ukuze baphothule izifundo zabo.



