Osolwa ngo’kuthakatha’ uthi izandla zakhe zimhlophe
Icala labikelwa amaphoyisa aseDundee nokuthe umasekushishwa urondo wesibili ngomhlaka 21 February amaphoyisa afika kepha awazange athole noyedwa umsolwa okwathi uma umphakathi waseStratford Farm usuzibambela, intombazane yekhaya yakwazi ukukhipha abanye
Uhlalele ovalweni umndeni wakwa Ximba eStratford farm ngemuva kokuba ushiselwe indlu engu guqa abalala kuyona kwaphindwe kwaphohlozwa amawindi ezindlu zaleli khaya izinsuku zilandelana. Kuzo zozine izigameko zokuhlaselwa kwalomndeni ngokusolakala ukuthi ngumuntu owaziwayo emphakathi ohlangene nendodakazi kagogo umaXimba abamsola ngokuthakatha.
Akekho osalimele kuze kube imanje njengoba emavikini andlule kwaphinde kwashiswa omunye futhi uguqa. Ngendlela umaXimba athuthumele ngayo akasalali nasemzini wakhe ngoba esaba ukuthi uzokwenziwa isilo sengubo kanti nabazukulu bakhe bacashisiwe ezihlobeni.
Icala labikelwa amaphoyisa aseDundee nokuthe umasekushishwa urondo wesibili ngomhlaka 21 February amaphoyisa afika kepha awazange athole noyedwa umsolwa okwathi uma umphakathi waseStratford Farm usuzibambela, intombazane yekhaya yakwazi ukukhipha abanye. Ugogo umaXimba, ongumama wentombazane uthi kumphatha kabi ukuthi amathumbu akhe kungaba iwona amuthengise ebantwini futhi amsole ngento akangayazi yokuthi uyathakatha. Ugogo uhlala nabazukulu abangaphezulu kwabahlanu asebashiywa onina nabakhuliswa nguyena ngemali ka poyinandi. Umasipala wase Ndumeni awukwazanga ukumhlinzekela ngethende ngoba uthi usaba ukuthi abagili mkhuba kuyoba lula kubona ukuba bamshisele ethendeni. Omakhelwane ibona akade besiza ugogo ngokumcaphunela okuya ngasethunjini.
Kulokhu kushiswa kwesibili kushe kwangqongqa yonke into ebikurondo kanye nemali engango R1000 ugogo ayiboleke komashonisa ukuze athengele abantwana ukudla. Isimo sibi impela kulelikhaya njengoba okuningi kwasha kubo bobabili orondo.
Lo mndeni uhlala ngaphansi kwencindezi njengoba engakaziwa umuntu obahlaselayo nakuba usisi walelikhaya kunguyena igama lakhe elihamba phambili ngalesehlakalo. Lamantombazanyana ahlala nesaguga asinda ngokulambisa ngesikhathi urondo ababelele kuwo uvutha amalangabi bengaphakathi.
Akekho nokho owalimala kepha uvalo nokusinda emlonyeni wengwenya kohlala kuyisilonda ezimpilweni zabo. UKhansela Siboniso Mbatha uye wavakashela kulelikhaya lesaguga ezobanikezela ngokudla.



