CrimeLocal newsNews

Amaphoyisa achithe imiphongolo yotshwala

Kuboshwe abesifazane ababili abahwebisa ngalobutshwala.

Amaphoyisa aseNquthu egasele endaweni okuthiwa ‘kusezindlini ezibomvu’ ngoLwesibili lweviki eledlule lapho afike achitha khona imiphongolo yotshwala obungekho emthethweni, nobaziwa ngokuthi imbamba.
Kuboshwe abesifazane ababili abahwebisa ngalobutshwala kanti babalelwa eminyakeni engamashumi ayisithupha.

Laba besifazane kusolakala ukuthi bayazikhiqizela lobutshwala maqede babudayise kulo idolobhana laseNquthu.

Omunye walabasolwa kuthiwa utholakale nezidakamizwa zohlobo lwensangu olungadalulwanga nalo okuthiwa ludayiswa kulendawo.
Abanye babahwebi abathengisa kulendawo basishayele izandla lesisenzo samaphoyisa, bathi indawo yabo yokusebenzela seyaphenduka imfucuza futhi iyanuka nhlangothi zonke ngenxa yabathile okuthiwa uma sebedle lobutshwala bavele bajikele emva kwezindlu bazikhulule.
Lendawo isondelene kakhulu nezindlu ezincane zikamasipala, ingcole okuxakile njengoba namapayipi amadrain egcwele ukungcola kwemidokwe nemfucuza enukayo okuhlangene nanomchamo nokwenziwa budedengu ngamakhasimende abahwebi.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button