CrimeLocal newsNews

Bakhalelwe ngamasongo kasigonyela abenkunzi

Abafana banyonyoba ngemuva kwakhe bamuklinya omunye wabaleka ne-Laptop yakhe.

Ngenyanga ephelile kwaboshwa abafana ababili bokudabuka esigodini saseThelezini eNquthu kulandela ukuba bezame ukubamba inkunzi uMbali Mazibuko oyi-Clerk eMgazi -Full Service School.

 
Abafana banyonyoba ngemuva kwakhe bamuklinya omunye wabaleka ne-Laptop yakhe.

 
“Ngibona sengathi babona imali yesikole bacabanga ukuthi ngihamba nayo bangilinda emgwaqeni, bangiklinya uqhoqhoqho kodwa imali abangayithola futhi bahluleka ukungiphuca ifoni. Ngalimala kakhulu emphinjweni ngaba namathansela ngaze ngaya kwaDokotela” kusho uMbali.

 
Ngenhlahla besanda kubaleka abafana kwaqhamuka imoto, uMbali wacela usizo ememeza umphakathi noNogada ababeseduze kwagijinyiswa lezigilaMkhuba zabanjwa zafakwa emotweni zanikelwa emaphoyiseni zayoginqa izithupha ntambama kuthiwa zadedelwa.

At Caxton, every story is written by humans. We use AI only to perform quality checks - never to generate the news. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button