Ukhishwe ngebheyili ka R1000 kwelokubhaxabula umfana
I-Video ikhombisa uNkeletseng ebophele uKwanele ngentambo esigxotsheni sikagesi emutalabha ngenduku, imvubu emshaya nangesiitina.
Liyaqhubeka icala lika-Nkeletseng Ngobese obeyisilomo ngonyaka ophelile emva kokuba waqoshwa i-Video eyasabalala ezingosini eziningi zezindaba. ngenkathi eshaya umfanyana uKwanele Buthelezi (10) ongumakhelwane wakhe eNqutu esigodini saKwa – Grace.
I-Video ikhombisa uNkeletseng ebophele uKwanele ngentambo esigxotsheni sikagesi emutalabha ngenduku, imvubu emshaya nangesiitina.
UKwanele walimala kanzima waphazamise nasemqondweni. Ngozibandlela uNkeletseng wathola ibheyili ka R1000 nomgomo owawumuyalela ukuthi angalubhadi emzini wakhe okwa-Grace ngoba umphakathi aweneme. Ngeviki eliphelile uNkeletseng ufake isicelo sokushintsha lomgomo ngoba ethi ingane yakhe ekhubazekile ihlala yodwa kanti icala libeselihlehlela umhlaka-10 kulenyanga khona eNkantolo yeMantshi yaseNqutu. Ithi inkantolo lelicala selikulindele ukudluliselwa enkantolo yesifunda i-Regional Court.
Sibuze uNkeletsheng ukuthi akazisoli yini ngesenzo sakhe wathi kwakungeyona inhloso kodwa wayenoMzwangedwa wokugqekezelwa emzini wakhe ose Utrecht ngalobobusuku. “Lezingane ngihlala nazo futhi angikaze ngaxabane nazo, ziyathumeka, noma ngingekho ejalidini ngifica kuhlanzekile ngibaphe imali, ngithenge ukudla kube munandi.” kusho uNkeletseng.
“Ngisazimisele ngokusiza umphakathi yikho nje ukuthi abantu sebesizakele ngami, okuhle engikwenzela umphakathi abakuvezi. Manje sekukhona abalwa nami ngoba nosisi ka Kwanele uthe bayasetshenziswa ukuvula icala.” kusho uNkeletsheng. Uphinde waveza ukuthi nabantu abasizayo bathi makaboshwe. Amanye amalunga azwelana naye athi, makashaywe ngoswazi oluncane ngoba uma egwetshwa umphakathi wakwa-Grace uzosala uHluphekile.
Ubaba kaXolane u-Alex Thabethe uthi ingane yakhe nayo yashaywa kodwa yaphunyula, uthi akavumi ukuba umsolwa abaoshwe ngoba bazohlupheka uma engekho.
“Angikhulumeli yena, kodwa ave engusizo emphakathini. “Uyasigncwabela izihlobo zethu awnze wonke umsebenzi singena lutho.” Uqhube wathi ubapha umsebenzi nokudla, nezimoto zakhe akanqeni ukuzikhipha zilande izidumbu emazweni. Aphinde angcwabe ngemali yakhe. Uthi uThabethe abantu sebenza sengathi abakwazi lokho. Ukugcizilelile ukuthi yimbi impela lento ayenzile uMsolwa kodwa kumele azwelwe ngoba uyaqala ukwenza okubi.
UMakhosazane Ngwenya (57) uthi uzoseka enkantolo umakhelwane wakhe ngoba uyazisola, ufisa inkantolo imdedele ngoba unengane ekhubazekile ezosala yodwa. UNtombi Seyama (59) uthi yena uzwelana noMslowa ngoba wayengahlosile futhi ungumuntu ongenadlame owusizo emphakathini.
“Nami ngingomunye wabo, wangisiza ukungcwaba indodana yami ngingenalutho. Kungancono bamugwebele ngaphandle ngoba izingane aphila nazo zisesimeni esibucayi, mabamuxwayise nje kuphela ngoba naye uhlukumezekile,” kusho uNtombi .
Umndeni kaKwanele wona uthi umfuna etilongweni ngoba wayeyibulala ingane yabo. Baphinde bakuphikisa ukuthi usiza umphakathi. Bathi ingane yayizobatshela uma intshontshile . UNkeletseng (uMsolwa ) uveze ukuthi waya wayoxolisa kuKwanele ngaphambi kokuboshwa kwakhe kodwa uMndeni kaKwanele, uthi wafika kodwa akazange axolise. Lo mndeni uphinde waphikisana nokuthi icala awulivulanga ngenhloso, baphethe ngokuthi bafuna ukuba uMsolwa ajeze.
Uthi uNkeletsheng ubaba wakhe uThuso Motaung wathuka waphatheka kabi kakhulu uma ebona udaba emaphephandabeni nakomabonakude ngoba wayengamazisanga, kanti kulindeleke ukuba uThuso afike ngempelasonto ukuzobona indodakazi yakhe.



