Editor's noteLocal newsNews

IBongumenzi nemiphumela ethokozisayo kamatikiletsheni

The event was organised by the principal, Mr Shabalala, to honour the efforts of science students who took second position at the National Energy Saving Competition in Kimberley

Izikhulu zezemfundo esiFundeni saseMzinyathi kanye nasesiFundazweni saKwa-Zulu Natal, othishela kanye nabafundi bayaziqhenya kakhulu ngesikole esizinze emakhaya kwaMfongomfongo eNquthu esidume ngokukhiqiza imiphumela ethokozisayo kamatikiletsheni minyaka yonke futhi siphinde sihehe nabafundi abaphuma emadolobheni.
Kulonyaka lesisikole singezinye esihamba phambili kweze-Sayensi nobuchwepheshe njengoba ezinyangeni ezedlule sithathe isicoco saphuma u-2 phakathi kwezikole kade zingenele umncintiswano wokusungungula kwezeSayensi.
Njengenjwayelo lo mncintiswano obuyinselelo kubafundi beSayensi ne-(How to save energy) okuchaza ukuthi ,izindlela ezincono zokonga amandla kagesi emphakathini. Abafundi base Bongumenzi Secondary School bashaye zonke izikole ngebhakede abalisungulile elikwazi ukupheka, libilise amanzi, lifudumeze ukudla ngaphandle kuka gesi.
Emncintiswaneni wokugcina kazwelonke lesisikole siphume unombolo 2 e-Kimberley, kanti ngolwesihlanu olwedlule umphathi sikole uMnumzane Shabalala uhlabele labafundi inkomo wenza nomcimbi wokubonga imisebenzi yabo. Kulomcimbi bekuhambele abazali, izikhulu zikahulumeni kanye nezikhulu zepolitiki nabaholi bendawo.
Uthishanhloko wesikole uMnuz Shabalala echaza umuzwa wakhe, uthe imfundo iyaphumelela futhi ikhona ndawo zonke. “Noma kungathiwa kufundelwa phansi kwesihlahla, kodwa uma umfundi nothishela kanye nabazali bebambisene kuphuma lemiphumela. Buka nje lokhu kufakazelwe ukuthi isikole sethu esisemakhaya sikwaze ukumela zonke izikole zasemadolopheni esifundazweni yize kuyisikole esingena zinsizakufunda ze Sayensi njengasemadolobheni.”
U-Jomo Sibiya ongowokudabula eNquthu oyilungu lephalamende ethula inkulumo yakhe ubonge ubuholi besikole kanye nothishela ngokubambisana waphinde wagqugquzela abafundi ukuba balisebenzise ngokuzimisela ithuba abalinikwa nguhulumeni lokufunda. “Isikhathi sokukhala ngokuthi siphuma emakhaya siphelile uma lesikole sikwazi ukukhipha imiphumela efana nalena sisebenzisana nothisha ofana nabanye futhi ongacabangi izintombi uma ebona abafundi,” kusho uSibiya. Eqhuba uthe bazokwenza noma ngabe yini ukuseka isikole ngokuba othishela bayazi ukuthi kufanele bafundise ihora nehora.
Umfundi oyingxenye yalelithimba elisebenzile uXoliswa Shabalala uthe ngenxa yalomsebemzi bekwenzeka umama wakhe aswele amanzi ngenxa yokuthi ubephuza ukubuya esikoleni wase egqugquzela ozakwabo ukuthi imfindo inganqoba zonke izinselelo ababhekene nazo “bafowethu kumele sisebenze kanzima. Konke esikufisayo kungenzeka ngemfundo nokuzimisela.”
UNkk Cornelia Mchunu ophuma eMnyangweni wakwa-Career Guidance uhalalisele lesikole wase ehlomulisa lelithimba ngama-Tablet kanye nama laptops, khompuyutha amabili. Umqondisi womnyango wezemfundo esifundeni saseMzinyathi uMnuz Kheswa yena uBongele kakhulu ubuholi besikole wase eveza ukuthi baziqhenya kakhulu ngaso njengoba ngonyaka ophelile kwaba yisona esakhipha umfundi owaphasa ukubadlula bonke eMzinyathi uKuhle Konke Sithole owenza izifundo zobunjiniyela kulonyaka e-Witwatersrand University.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button