Uhlahlomali lwasoNdini luka 2020/21
Ekwakhiweni kwamathuba omsebenzi, uNtshangase uthe, "Uhlelo lokwakhiwa kwamathuba emisebenzi olubizwa nge EPWP kuyisabelo mali sangonyaka ofile, umkhandlu ubuhlinzeke isamba esiwu R 4.4 Million kuloluhlelo.
UMeya wasoLundi Local Municipality, uMnu Wilson Ntshangase uthule uhlahlomali lonyaka wezimali ozoqala ngo July 1 2020 uphele ngo June 30 2021.
UNtshangase uthe, “Loluhlelo luhlanganisa izincomo zomphakathi, kanye nezinhlaka ezithintekayo ezaluveza kusavulwe ukuphawula ngohlaka lwesikhashana kusukela ngo March 2020 njengoba umthetho usiphoqa ukuthi senze njalo. Esikuthokozela kakhulu ukuphawula kwenu. Sithokoza kakhulu nakulabo abaphawulile nakwi website kaMasipala nakhona lapho salukhangisa loluhlahlo-mali kusukela ngo 31 March 2020”.
Ezinhlelweni zokusimamisa umontho (LED) – Kusukela ngonyaka 2016/2017 kuya 2018/2019 LED PROJECTS uMkhandlu ususebenzise inkece elinganiselwa ku R 10.5 Million ukulekelela izinhlangano zemiphakathi, ama co-orporatives kanye nemifela ndawonye. Kulonyaka uMkhandlu uhlinzeke inkece elinganiselwa ku R 2.5 Million ukuqhuba lona loluhlelo. Loku okuzokwenza ukuthi nakulonyaka esizowuqala ngo July 01, iWadi ngayinye izohlomula R90.000.
Also read: UMeya wasoLundi uvakashele eBabanango
“Ngiphawulile ngesifo sokhovethe, sesiqalile nohlelo lwethu lapho abathungi kuwo wonke amawadi awu 24 kanye nosomabhizinisi abancane sihlinzeke imali ewu R1,5 million esizothenga ngayo kubo izinto ezinjengezimfonyo, ama sanitizer, impahla yokuvikela abahlanza izindawo zomphakathi njalo njalo. Kumanje abathungi abasemawadini bazuzile ngo R105 000 esiwucazele abathungi ngamunye ngamunye obehlonzwe ukuthi athunge izimfonyo”, kuchaza uNtshangase.
Ekwakhiweni kwamathuba omsebenzi, uNtshangase uthe, “Uhlelo lokwakhiwa kwamathuba emisebenzi olubizwa nge EPWP kuyisabelo mali sangonyaka ofile, umkhandlu ubuhlinzeke isamba esiwu R 4.4 Million kuloluhlelo, sakwazi ukuhlinzeka ngamathuba omsebenzi kubantu bakithi abangamakhulu ayisithupha neshumi nantathu (613) abaqhamuka kuwo wonke amawadi. Laba abasengaphakathi kumanje bangene ngo July 2019, bazoshintshana nabanye abazoqashwa emawadini ngo June 2020. Loluhlahlo-mali oluqala ngo 1 July 2020 umkhandlu uhlinzeke R 2 950.000”.
Umyanog wemisebenzi yomphakathi wona uthole isamba esingu R8 000 000 00 , uNtshangase uveze ukuthi uMkhandlu wasoNdini unazo izinhlelo zentsha ezifaka phakathi, ukulekelelwa kwabafundi abenze kahle ezifundweni zabo zikamatikuletsheni (Grade 12); ngezinsiza ezifana nama laptops. Loluhlelo olubhekene nentsha luphinde lufake ezolimo, uzokwakha, ukuthunga, ukufundela ukushayela kanye nezokuphathwa kwamabhizinisi.
Kwezobuciko, uMkhandlu unohlelo lokuxhasa ingoma eyenzeka njalo ngo December (ePrince Mangosuthu Stadium). “Siphinde sixhase uhlelo lokuqguqguzela amaciko kwezomculo nomdanso (Umbele Wethu). Umkhandlu unohlelo olumile lokulekelela ezamasiko (Umkhosi Womhlanga) obakhona minyaka yonke”, kusho uNtshangase.
Uphinde wachaza futhi ukuthi kunezinhlelo eziqhubekayo ezithinta abaphila nokukhubazeka, lezinhle uthe zifaka ukufunda (learnerships) njenge bricklaying, tiling, plumbing, dress making. Kunemihlomulo emincane elinganiselwa ku R1500 ngenyanga abayitholayo. Kuleminyaka emibili eyedlule uNtshangase uthe uMkhandlu welekelele abangamashumi ayisithupha (60) kuloluhlelo.
Kanti kwezinye izinhlelo zemisebenzi, ukuvezile ukuthie uhlelo lwe Green Deeds ngonyaka ofile kuqashwe intsha engamashumi amathathu (30) ohlelweni lweminyaka emibili; abahlomula R2400 ngenyanga.
“Kwi learnership yabaqaphi beziqiwi (Field Rangers) kumbandakanyeke intsha engu 140 eqeqeshwe yagogoda. Umhlomulo ubuwu R2400 ngenyanga”, echaza.
Uhlahlo-mali lonyaka ka 2020/2021 selulonke ngokufingqiwe:
· Umyango wezokuphepha; ofaka ukusebenza kwamaphoyisa kaMasipala, idisaster nokunye unesabelo sika R13 162 000
· Umnyango wezobunjiniyela; nohlelo lokulekelela ukulungisa imigwaqo eyoniwa izimvula sizokuhlinzekela R2 000 000 00, ukulungisa ingqalasizinda kagesi, ukupheshwa kwemigwaqo yetiyela, nokunye R118 229 478
· Ukufakwa kukagesi ezindaweni zamakhosi, R10 080 000 · Ukuthuthukisa ingqala sizinda: R30 713 000
· Umnyango wezokuphatha (Corporate Services), ubekelwe u R20 548 235
· Umnyango Wezemisebenzi yomphakathi; R17 454 824
· Umnyango wokuhlelwa nezentuntuko; R4 147 612
Imali ezosebenza ufeza yonke imisebenzi kaMasipala egunyazwe uMkhandlu enyakeni ka 2020/21 uR385 309 000 00

Make sure you follow us on our social media platforms for regular updates






