I-FutureLift yethule umkhankaso wokuqeda imishado yezingane ngaphansi kuka-18
I-FutureLift ngokubambisana nobukhosi bakwaMolefe kanye nezinhlaka zikahulumeni yethule i-Advocacy Project ehlose ukuqeda imishado yezingane ezingaphansi kweminyaka engu-18.
Umfelandawonye obhekele inhlalonhle nokuhlonishwa kwamalungelo abantu, ikakhulukazi izingane nabesifazane wethule i-Advocacy Project yokuqeda imishado yezingane ezineminyaka engaphansi kuka18. Lo msebenzi osungulwe yi-FutureLift, wethulwe ngaphansi kweNkosi uMolefe Tribal Authority nokubambisana nezinhlaka zikahulumeni, okuhlanganisa uMnyango WezeNhlalakahle, i-COGTA, oNomehlo bamatshitshi, izinduna kanye nothishanhloko bezikole ezakhele ubukhosi bakwaMolefe. Lezi zinhlaka zizibophezele ukusebenza ngokubambisana ukuvikela amalungelo ezingane nokulwa nokuhlukunyezwa kwazo. Lolu hlelo lwethulwa ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso kazwelonke woMnyango WezeNhlalakahle, i-Child Protection Month.
Imishado yezingane ibhekwa njengosongo olukhulu
I-FutureLift, uhulumeni kanye nobukhosi bakwaMolefe bathi bahlose ukugxila kulolu hlelo izinyanga eziyishumi nambili ukulwa nalesi sihlava. Emcimbini wokwethulwa kwalolu hlelo, kuphawulwe ngezinkinga zemindeni, amasiko kanye nemithetho evame ukufaka izingane ogibeni lokungakwazi ukuzimela noma ukuzikhethela. Lezi zinkinga ziphinde zidale izinselelo ezikoleni, okuhlanganisa udlame phakathi kwabafundi, ukuhlukunyezwa, ukusetshenziswa kwezidakamizwa kanye nezimo zokuzibulala ngenxa yokuswelakala kolwazi nezindlela zokubika izinkinga.
Uhlelo luzoletha ushintsho emiphakathini
Umholi wohlelo lwe-Advocacy yokulwa nomshado wezingane, uTshepi Motloung, uthe lolu hlelo luzoletha ushintsho olukhulu ekusindiseni ikusasa lezingane. “Inhloso ye-FutureLift ngokusebenzisana nalezi zinhlaka nge-Advocacy project yokuqeda imishado yezingane ezingaphansi kweminyaka engu 18 ukuqinisekisa ukuthi umgomo nomthetho wezwe iChild Care and Protection Policy kanye ne Children’s Act uyahlonishwa,” kusho uMotloung. Uqhube ngokuthi amasiko kwesinye isikhathi adlala indima ekwandiseni ukuhlukunyezwa kwezingane lapho ziganiswa zisencane.
Umphakathi unxuswa ukubambisana
Uqhube ngokunxusa amalungu omphakathi ukuthi adlale indima noma kuphi lapho ekhona ukuze kubhekwane nale nkinga ngokubambisana.
Ubukhosi bugcizelela ukubaluleka kohlelo
INkosi uBokang Molefe igcizelele ukuthi lolu hlelo akumele luphazanyiswe ezombusazwe, yathi lezi zinkinga sekunesikhathi eside zenzeka emphakathini ngaphandle kwezixazululo eziqinile. “Ezinyangeni eziyishumi nambili ezizayo, ubukhosi bakwaMolefe bubeke lolu hlelo eqhulwini. Izinga lokuhlukunyezwa kwezingane liphezulu kakhulu—ziyaganiswa, zishaywe, zidlwengulwe noma zisetshenziswe ngokocansi ngabantu abadala abathembisa imali,” kusho iNkosi.
Ukukhathazeka ngezinga lokuhlukunyezwa kwezingane
UMnyango WezeNhlalakahle esifundazweni uyaqhubeka nomkhankaso we-Child Protection Month, uvakashela izikole nemiphakathi ukusabalalisa ulwazi mayelana nokubika ukuhlukunyezwa. Abasebenzi boMnyango WezeNhlalakahle eNquthu baveze ukuthi likhuphuke kakhulu izinga lokuhlukunyezwa kwezingane. Kusukela ngo-2024, sekunamacala angu27 asebenzwayo, kungakabalwa nalawo angabikiwe.
Izimbangela zokuhlukunyezwa ezikhathazayo
UNompilo Buthelezi, ongumqondisi (Supervisor) woSonhlalakahle ehhovisi laseNquthu, uthe lesi sibalo siphezulu kakhulu futhi sifanele ukubhekwa njengenhlekelele. Uqhube wathi iningi lala macala lihlanganisa amalungu emindeni adlwengula izingane, omama abashiya izingane zodwa beyokipita, kanye nezintandane eziyeka isikole zigcine seziganile noma ziganiswa izihlobo.
Induna ikhuluma ngezinkinga ezibhekene nabesilisa
Induna uThemba Molefe waseHaladu iveze ukukhathazeka ngokuthi abesilisa bavame ukushiywa ngaphandle ezingxoxweni zokuhlukunyezwa, kuyilapho nabo behlushwa. “Bakhona omama abadala abasibamba singamadoda befuna ukulala nathi ngenxa yokuthi bazosipha imali. Kanti futhi abanye besilisa bayahlukunyezwa emizini yabo,” kusho induna.
Izinhlelo zokubandakanya abesilisa
UNompilo Buthelezi uthe zikhona izinhlelo zabesilisa, kuhlanganisa nalabo abakhulisa izingane bodwa, kodwa abaningi abakafuni ukuvela obala. “Siphinde sibe nezinhlelo zokukhulisa abafana ukuba babe amadoda akusasa, kodwa sibhekene nenkinga yokuthi abaningi abafuni ukuphumela obala,” kuchaza uButhelezi.
Umlayezo wokugcina we-FutureLift
Umholi we-FutureLift, uRakgadi Sedumedi uthe lesi sihlava siyisililo esithinta izwe lonke futhi asikhethi ubulili. “Sisebenzisana nezindawo zamakhosi ngoba yilapho sivame ukuthola khona ukuthi ukuhlukunyezwa kuyenzeka kodwa kunganakiwe ngenxa yokuthi kubhekwa njengengxenye yesiko. Sivikela zonke izingane ngaphandle kokukhetha ubulili. Kubalulekile ukuthi zonke izingane zisekelwe ngokulingana,” kusho uSedumedi.
The news provided to you in this link comes to you from the editorial staff of the Vryheid Herald, a sold newspaper distributed in the Vryheid area.



