LettersOpinion

Ngingumalusi omuhle

Mhleli, Ake ngicaphune lamazwi avela ku Jesu lapho ethi ngingumalusi omuhle odela ukuphila kwakhe ngenxa yethu. Uma umalusi elusile nguyena ocabangela imfuyo, nguyena owazi kangcono ukuthi atholakala kanjani amadlelo aluhlaza angcono. Nakithina kunjalo, nguye owazi ngathi ukuthi angasilamulela kanjani ezitheni ezisisongelayo usuku nosuku. Indaba yakho iyaziwa emazulwini ngoba kunomalusi olusa impilo yakho uma ususwele noma …

Mhleli,
Ake ngicaphune lamazwi avela ku Jesu lapho ethi ngingumalusi omuhle odela ukuphila kwakhe ngenxa yethu.
Uma umalusi elusile nguyena ocabangela imfuyo, nguyena owazi kangcono ukuthi atholakala kanjani amadlelo aluhlaza angcono.
Nakithina kunjalo, nguye owazi ngathi ukuthi angasilamulela kanjani ezitheni ezisisongelayo usuku nosuku.
Indaba yakho iyaziwa emazulwini ngoba kunomalusi olusa impilo yakho uma ususwele noma kunento ekukhathazayo eyenza ungabi nokuthula ngaphakathi kuwena. Umalusi unikela zonke izikhalazo zakho kuNkulunkulu ukuze akuphendule, ungakhathezeki ukhona umalusi.
Uthi wozani kimina nonke nina enikhathazekile. Umalusi uyakhathazeka uma imfuyo ingathokozile. Ngifisa ukundlulisa isimemezelo sokuthi ukhona umalusi osibonayo isimo sakho.
Okwakho ukuba ujwayelane naye, ubeseduze kwakhe umbikele zonke izinkinga zakho nguyena onamandla onke.
Sma Sithole

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button