Kwakungcono kusaphethe iNkatha eMzinyathi
Mhleli Ake ngithi ukugalela ngezami izinduku kwelakho engilikhonzile. Ukungabikho kwezinhlelo zokuthuthukisa osomabhizinisi abancane emkhandlwini wase Mzinyathi sikuthatha njengenhlamba enkulu ebhekiswe emphakathini. Ubuholi buka Khongolose obuphethe umkhandlu kusukela ngonyaka ka 2011 bungogombela kwesabo, bethi benjalo nje bagcwele izithembiso ezingamanga. Bathe labantu baka ANC bebekwa ezikhundleni bathi ‘sibonwa yini, zimbiwe yinsele kunini salamba.’ Bahamba ngezimoto ezinkulu, bahamba …

Mhleli
Ake ngithi ukugalela ngezami izinduku kwelakho engilikhonzile.
Ukungabikho kwezinhlelo zokuthuthukisa osomabhizinisi abancane emkhandlwini wase Mzinyathi sikuthatha njengenhlamba enkulu ebhekiswe emphakathini.
Ubuholi buka Khongolose obuphethe umkhandlu kusukela ngonyaka ka 2011 bungogombela kwesabo, bethi benjalo nje bagcwele izithembiso ezingamanga. Bathe labantu baka ANC bebekwa ezikhundleni bathi ‘sibonwa yini, zimbiwe yinsele kunini salamba.’ Bahamba ngezimoto ezinkulu, bahamba nenqwaba yonogada kuhle komholi owayephethe eLibia. Bathenga imizi ubuthaphuthaphu kuthiwa imali iphathwa ngama potimende, lapho befika khona bakhokha ukheshe noma imalini.
Sifuna ukwazi ngezinkampani zonke ezizuza umsebenzi wamathenda.
Lobuholi buka Khongolose kumele bufunde ebuholini be-Nkatha obabuholwa ngu Mnuz Mbangiseni Yengwa owayeyiMeya.
Ubuholi be Nkatha babungande ngamlomo bebuhlelekil. Ubuholi beNkatha bebunezinhlelo ezicacile zokuhlomulisa intsha kanye nosomabhizinisi abancane. Izinhlelo ze Meya ezibizwa nge Mayoral Project engasekho manje, ihlomulise osomabhizinisi abaningi, abapheka ezitaladini, abasika utshani, abafuna ukulima, abaphekayo kanye nabalimayo.
Abadayisa erenke yamatekisi eDundee bakhelwa izindlu zokusebenza.
Kune -project osomabhizinisi abazithuthukisa ngayo nayo ibibasiza osomabhizinisi ngokufakwa kwama project.
Kodwa namuhla konke lokho kushabalele. Bayafunda osomabhizinisi, maqede bahlale emakhaya ngoba ingekho imali yama-project.
Mphakathi wakithi, intsha, osomabhizinisi, kulelivoti lohulumeni basekhaya oluzayo, umphakathi awuvule amehlo uvotele intuthuko hhayi inhlangano ngoba uthi uyayithanda.
Usomabhizinisi okhathazekile eMzinyathi



