Safa uthishanhloko ozitika ngoncansi ezinganeni nakumathishela
Mhleli IPhephandaba engilithandayo ngithi nami angiveze isimo sempilo esiyiphiliswa uthishomkhulu wesinye sezikole eNquthu endaweni yase Ntinini (okudaluliwe igama lakhe kwavezwa nesithombe sakhe. Lendoda yafika lapha inguthisha yagcina isiphethe isikole nakhona asazi yathathwa kanjani, kodwa sezwa nje ukuthi yingoba ingu Khongolose, isiziqedile izingane zendawo ilala nazo nezingane zesikole esakhelene naso, isizibhubhisile, amalunga omphakathi ayayazi lendaba kodwa …

Mhleli
IPhephandaba engilithandayo ngithi nami angiveze isimo sempilo esiyiphiliswa uthishomkhulu wesinye sezikole eNquthu endaweni yase Ntinini (okudaluliwe igama lakhe kwavezwa nesithombe sakhe. Lendoda yafika lapha inguthisha yagcina isiphethe isikole nakhona asazi yathathwa kanjani, kodwa sezwa nje ukuthi yingoba ingu Khongolose, isiziqedile izingane zendawo ilala nazo nezingane zesikole esakhelene naso, isizibhubhisile, amalunga omphakathi ayayazi lendaba kodwa athule ayesaba ukuvela.
Ubona ngemoto yalothishanhloko ebusuku imile ezitaladini kulindwe izingane zethu. Uyazishintshanisa ezinye ziyazana endaweni usekhulelise izingane ezindlule kwezine ezifunda kuma high school akhelene nesikole.
Uze abizwe ngo Sbali, omakoti abancane bonke abakhe, njengoba amadoda esemagoli nje.
Usiphethe lubhojozi lobaba esikoleni ngaphakathi uphethe ngesandla sensimbi uqhakambisa ukuthi ungowase Newcastle futhi unguKhongolose.
Uqhasha othisha ngendlela engaziwa, ubona nje sekukhona intokazi afika nayo ekuseni sothi sizwa isiyasebenza, ezethu izingane ziyashaywa kulesisikole. Izinsiza kufunda azikho, amanzi awekho into ayaziyo ukusidelela singabazali asithethise uma kukhona esizokubuza esikoleni.
Udla imali yesikole, uyasibiza athi ingenile asibize athi iphelile sibe singazi yenzeni. I- SGB opopayi bakhe abamkhuzi bayabukela nje, nami angikhuzi ngiyasaba.
Uyazitamuzela nje naku mathishelakazi abaganile lapha esikoleni , nabo bayazana ngoba abaxabani.
Omunye uthishelakazi nje seke walwa nomama wase khishini kubangwa yena lombhemu. Siyacela umnyango ungenelele ngokushesha kulesi sikole.
Singakamkhiphi kabuhlungu loThishomkhulu.
Ilunga le-SGB elisaba ukuvela ngoba lesabela ukubulawa



