
Mhleli
Kulabo abazoba senhlanhleni yokufunda, angisenangane ngaphandle kwabazukulu, ngihlushwa yini kangaka ukuba ngize ngilobe kanjena. Impendulo yami ngokuzithoba yilena.
Lapho engazalewa khona izingane zendawo kwakungazawo wonke umuntu.
Ingane wawuyiqondisa ngoswazi unganqeni ukuthi yayingakubopha ngenxa yamalungelo okumanje ahamba phambili.
Wo… he laze lafa elikaMjongwana ka Ndaba.
Lapha engihlala khona kunomgwaqo oqhamuka ngase ndaweni yomcimbi wamahhashi ( Dundee July) nenye imicimbi yedili lemiculo o- DJ.
Engikubonayo nengikuzwayo kushaqisa ikhanda. Ufica abesifazane behla benyuka bephethe utshwala behamba nabafana.
Umuntu wesifazane sikhule engalingi azulazule selishonile ilanga.
Bekwaziwa ukuthi umphumela walenkambi yini. Okubuhlungu kakhulu wokuthi abampisholo kuphela abanza lelihlazo.
Ngeke ubone noyedwa oMhlophe, abaseNdiya behla benyuka nezitaladi.
Awu niyasiphoxa kodwa bakwethu, ake nizihloniphe. Abanye bayagwazwa kuthathwe nama –cell phone nemali ngoba nje kusuke sekuduma amakhanda.
Nanku uKhisimuzi no Ncibijani sekulapha. Ziqoqe wena ofuna ikusasa eliqavile.
Okhathazekile
Baba Vincent Mseleku



