
Mhleli
Ngokukhulu ukuzithoba ngithi akengithathe lelithuba kengizwakalise okukhulu ukungenami. Ngingakubiza ngokuxhashazwa kwethu singabahlali base Ndumeni. Nginombuzo othi “kanti uma singezuze endaweni yakithi siyozuzaphi”? Kahleni baholi ukusixhaphaza size sibone, nakhu instha yase Ndumeni izogugela emakhaya. Uma kuvela amathuba emisebenzi kanti thina uma singeke sisebenza ngakithi siyosebenzaphi? Ngoba kunalokho silokhu sibona ubuso esingabazi. Sesifikelwa ukudinwa manje singabahlali. Angisaphathike eyezidingo lapho kuvalwe ngehlahla.
Kunoba silethelwe zona silokhu sizwa ukudonsiswana kwabaholi. Sesikhathele manje uma nehluleka ukusilethela izidingo nokuqasha abantu bendawo, ushiyeni phansi umthwalo singaze siwenze ungasebenzilomkhandlu. Kuyimanje sitshelwa ngeIDP esingazi ukuthi izozuzisa obani ngoba cha, neyedlule kuze kube manje asiyazi izuzwe obani.
UMkhandlu wethu wehluleka ngisho ukusigundela utshani bodwa lobu. Bese nithi asikhokhele ugesi, nithi asiyithathephi lemali,logesi odula kangaka. Sengikhalela ogogo nomkhulu imali yabo yempesheni isiphelela kuwo logesi abasakhoni nokuthenga ngisho ukudla. Sizweleni baholi, asisazi sokwenze njani uma kunje. Nezimayini esinazo ngaphansi koMkhandlu wethu azibaqashi abendawo bazifikela nobuso esingabazi. Kuningi ngingabala kushone ilanga. Sizweleni bo sesikhathele.
Obhalile uWandile Ngcobo eSibongile



