Umphakathi wase Lindelani ubungase usuku lwabasha ngokuzivocavoca
Lenkampani iphinde igxile kakhulu ekuqeqesheni abantu abasha. "Kuningi isisafisa ukwenza kodwa uxhaso asisalitholi okwenza inzinto zibenzima," kuchaza uMnz Buthelezi.
Intsha yase Lindelani eSibongile uthakasele uJune 16 ngokuzivocavoca.
Ogogo basendaweni kanye nentsha ihambe ibanga elingano u-2km, kusuka kumgqwaqo uNomzayi Nyembe bajikeleza baze babuyela khona futhi. Lolusuku lwentsha lwenziwe ithimba le Ushaka Sports and Culture, le inkampani engenzi nzuzo ezibandakanya nokuzivocavoca kwentsha kanye nogogo.
Umnz Raphael Buthelezi, ongomunye wabaphathi balenkampani uphawule wathi: “Njalo ngonyaka ngo June 16 sike sihlangane nentsha kanye nogogo sizivovavoce, lokhu saqala ukwenza ngonyaka ka 2016. Nokho sebenezinqinamba ngakwezemali, sike sama kancane ekugubheni lolusuku, kodwa sesibuyele ngoba kuyasithokozisa ukubona ogogo kanye nentsha izijabulisa ngemidlalo. Njenge Ushaka Sports and Culture, sigxila kakhulu ekufundiseni intsha kanye nogogo indlela yokuphila okunempilo.”
Lenkampani iphinde igxile kakhulu ekuqeqesheni abantu abasha. “Kuningi isisafisa ukwenza kodwa uxhaso asisalitholi okwenza inzinto zibenzima,” kuchaza uMnz Buthelezi.
Ogogo abaphume phambili uThoko Kunene, Thembi Mhlongo kanye no Matisi Mhlungu. bathole izindondo kanye nemali yesiphuzo esibandayo. Bakuthakaselile lokhu kakhulu, abantu abasha bona bathakasele umculo weSintu, i-rap kanye ne-hip-hop. Kuphinde kwadlala imidlalo yebhola, kuqhudelana abafana kanye namantombazane.


HAVE YOUR SAY:
Like our Facebook page, follow us on Twitter and Instagram or email us at dundee.courier@caxton.co.za. Add us on WhatsApp 071 277 1394.



