Izigcinamagugu zase Ncome ne Blood river aziboni ngasolinye?
UMsunduzi Heritage noMnyango Wezamaciko, Amasiko kanye Nokuncebeleka ububambe Ingqungquthela yesibili yesigcina magugu saseNcome kusukela mhla ka-05 no-06 November 2015. Ingqungquthela yokuqala yabonakala ngonyaka ka-2013. Inkomfa yalonyaka ibikade igxile ekuqondeni (i-Social Concession and Unity in Diversity) ukuphila kanye Nobumbano Ekwahlukaneni, lokhu okuchaza ukuthi iNningizimu Africa ingabumbana kanjani ngokobuhlanga obehlukahlukene futhi ithole ukuphila nokuphilisana ngokulingana. Ubumbano nokubuyisana …

UMsunduzi Heritage noMnyango Wezamaciko, Amasiko kanye Nokuncebeleka ububambe Ingqungquthela yesibili yesigcina magugu saseNcome kusukela mhla ka-05 no-06 November 2015. Ingqungquthela yokuqala yabonakala ngonyaka ka-2013.
Inkomfa yalonyaka ibikade igxile ekuqondeni (i-Social Concession and Unity in Diversity) ukuphila kanye Nobumbano Ekwahlukaneni, lokhu okuchaza ukuthi iNningizimu Africa ingabumbana kanjani ngokobuhlanga obehlukahlukene futhi ithole ukuphila nokuphilisana ngokulingana.
Ubumbano nokubuyisana kungenye yezinkinga ezibhekene neSigcinamagugu saseNcome njengoba kukhona ukungaboni ngasolinye nabamhlophe abaphethe isigcina magugu saseBloodrievier Voortrekker Museum engaphesheya komfula i-Ncome, okucacayo ukuthi alukho ubumbano kanye nokubuyisana kulesizukulwane. Njalo ngemigubho ye-Reconciliation Day, mhla ka December 16, minyaka yonke lezigcinamagugu zizenzela imicimbi ehlukene endaweni eyodwa.
Lengqungquthela ishiye wonke umuntu ecaciselekile ngezindlela zokuqonda nokuqhakambiswa kanye nezinto ezicekela phansi amasiko esintu, umlando kanye namaqhawe akhona. Lapha izikhulumi zisine zadedelana zichaza kabanzi ngokubaluleka komlando, ichuse kanye nezimiso zawo emphakathini.
U-Prof. Sabine Marschall ophuma e-UKZN uveze izindlela ezahlukahlukene okucekelwe ngazo phansi izichuse nezikhumbuzo ngenxa yokungaqondi ukuba khona kwazo kusho ukuthini. Uthi “abanye bakwenza ngenhloso ngokunqamula okuthize bayokudayisa ngoba belambile. Kokunye izingane zisuke zidlala zingazi ukuthi zenzani bese kuba ulaka lomphakathi osuke ucabanga ukuthi izidingo zabo azinakiwe. Elinganisa ngokwenzeka eRhodes uthe izichuse zakudala kungafanele zisuswe zonke, ngalokho kusadingeka ucwaningo olunzulu ukuthi abangahambisani nezichuse ezithize bangaki futhi kungani bengazidingi.
Okwesibili ubale ukuthathelwa emqoka komlando namaqhawe wabantu abamnyama futhi kube khona izindlela zokubakhumbula nokubabonga kuphindwe kuqhakambiswe imisebenzi yabo esizukulwaneni sanamuhla nesizayo ukuze kuphele ukucekelwa phansi kwezichuse. Uqhube wathi “umlando awusaxoxwa, kunamaqhawe angakhunjulwa okanye anganakwa, ngokwesintu ikhona indawo lapho kwangcwatshwa khona uNandi kodwa ithuna lakhe licekeleke phansi.”
Okwesithathu kuvelile okuyizikhubekiso nokudinga sikuhlaziye siqhubeke njengokuthi lusho ukuthini ubumbano ekwahlukaneni, ubunye ekwahlukaneni makungasishintsi ubuthina bethu. Leliphuzu lishiya umbuzo futhi liyinkulumompikiswano njengoba abanye bethi izigcinamagugu nezimiso zokukhumbula amaqhawe azikona ubu-Africa, kanti abanye bathi ziyikona.
Kuphinde kuvele ukungenelela kwezepolitiki okuphinde kudide umphakathi njengoba ucekela phansi ngokucabanga ukuthi ezinye izimiso ziqhakambisa iqembu elithize.
Okwesine “okucacile ukuthi umlando awumile ndawonye, uhlezi uhamba njengamanzi kanti futhi abantu kumele baqhubeke nempilo yabo.”
Lapha uSolwazi, uMandla P. Mlotshwa, onguthisha wezobuciko e-University of Zululand, ugxeke kakhulu osomaciko ngokukhandwa kwemifanekiso engenabo ubuqiniso futhi engakwazi ukuveza ingaphakathi lamaqhawe asandlula.
UNondumiso Buthelezi (17) uthe “emva kobumnyama kukhona ukukhanya ngaphambili.” Uthi “sizwe sase ntshonalanga nesase mpumalanga masingaphindi amaphutha esikhathi sakudala awenziwe obaba mkhulu bethu.”
Kulenkomfa kuvelile ukuthi kukhona okuqhubekayo mayelana nezisombululo ezaphakamiswa ngenkomfa endlule, phakathi kwakho okungukungaboni ngasolinye eNcome.
Kuthiwa loludaba luyadingidwa ePitoli kanti futhi iziphathimandla zezepolitiki zithembise ukulifaka nasePhalamende lase Ningizimu Africa.Kuxazululiwe ukuqinisekisa ukuthi kulenkomfa kusetshenziswe izilimi ezahlukahlukene ukuze wonke umphakathi ube yingxenye ngokuphawula into oyizwile. Kuphindwe kwavunyelwanwa ukuthi ngengqunqguthela ezayo kuchazwe kabanzi ngebanga elihanjiwe ukufeza iziphakamiso zika 2013 no 2015 ngaphambi kokuba iqale.



