SR015693

IDOLOBHA LASEMHLATHUZE

ISICELO SEMVUME YOMKHANDLU NGOKWESIGABA 27(1)(B) SOMTHETHO OLAWULA UKUSETSHENZISWA KWEZINDAWO NOKUHLELWA KWAZO KANYE NESIGABA 3.1.1 KANYA 3.1.3.1 SOMQULU OLAWULA UKUSETSHENZISWA KWEZINDAWO EZINGAPHANSI KOMKHANDLU WASEMHLATHUZE, 2025 Isaziso sikhishwa ngokweSigaba 27(1)(b) somthetho olawula ukusetshenziswa kwezindawo nokuhlelwa kwazo kanye nesigaba 3.3.1 kanye 3.1.3.1 somqulu olawula ukusetshenziswa kwezindawo ezingaphansi komkhandlu wasemhlathuze, 2025, ukuthi mina, MS HLANZEKA ZINHLE MTHIYANE ngokwesikhundla sami sokuba umfakisicelo nginenhloso yokuthola imvume yoMkhandlu yokusebenzisa isitende namba ERF 11171 BIRDSWOOD, RICHARDS BAY ebhaliswe ngo MS VALENTINE NTOMBENHLE NDLOVU ngenhloso yengqalasizinda yezokuxhumana.

Imininingwane, amapulani kanye neminye imiqulu ingahlolwa kwi hovisi C318, Civic Centre, edolobheni lase Richards Bay.
Noma imuphi umuntu ofisa ukuphikisa noma ukuzisa isikhalo mayelana nalesicelo kofanele azise isiphikiso noma isikhalo esibhaliwe kuhlangene ndawonye nezizathu aphikisa ngazo. Izincwadi zesikhalo noma isiphikiso kofanele zibembili enye ithunyelwe kuMphathi Dolobha,
Private Bag x1004,
Richards Bay,
3900
noma creg@umhlathuze.gov.za, DumaneTM@umhlathuze.gov.za, PillayTJ@umhlathuze.gov.za enye ithunyelwe kumfaki wesicelo ku mthiyanezinhle555@gmail.com kungakapheli izinsuku ezingamashumi amathathu (30) kusukela osukwini lokuphuma kwesikhangiso ephepheni.
Uma ingekho imibono noma izikhalazo ezithunyelwayo mayelana nalesisaziso ezinsukwini ezibekwe ngenhla wonke amathuba okuzimbandakanya nalesisicelo ayobe esevalekile kanjalo. 26-06-2026

Reference Number: SR015693

View All Classifieds View Legal Notices Entries

Back to top button