Editor's noteLocal newsNews

U-KFC, eNquthu, ‘ubuyisela’ emphakathini

KFC made a generous donation to the children of the uKhanye Community Care Centre

Isitolo sakwa – KFC isihambele esigodini saseNgonini, eNquthu, ukwenza umehluko emphakathini.
NgoLwesine olwandulela inhlangano engenzi nzuzo uKhanye Community Care Centre ezinze kulomphakathi esiza ngokuphakela izingane eziphuma emindenini ehlwempu, inikelelwe ngu-KFC ngezitsha zabantwana abangaphezu kuka-200 mahhala. Bangu-100 abantwana abazomukela izitsha kulabasebenzi baseNquthu abakade beholwa nguMpume isikhulu kwa- KFC.
Amalunga omphakathi athi lendawo ilusizo kakhulu ngoba iqoqa izingane emgwaqeni,iphinde igqugquzele umphakathi ngezempilo ngokuhlanganisa ogogo bendawo ukuba bezivocavoce.
UNozipho Buthelezi (43) oyisakhamuzi uthe, “emakhaya kukhona abazali abangasebenzi, kunezingane ezidinga ukuthi ziphakelwe nasekuseni ngoba ziphuma zingadlile.”
USihlalo wenhlangano uGogo Nonhlanhla Skhosana, uthe basezinhlelweni zokuthi basizakale ngokuthi bahlelelwe imoto ezobathuthela esikoleni ngesikhathi uma beqeda ukudla.
Njengamanje lenhlangano iphakela abantwana ntambama kuphela uma bephuma esikoleni, kanti futhi ngokusho kuka sihlalo kungenzeka bakhulumisane nothishela ezikoleni ngokuphakela labantwana ekuseni.
U-KFC uneminyaka eyisishiyagalolunye kusukela ngonyaka ka-2009 esiza ngezinsiza ezahlukehlukene kulenhlangano. “Ngiyaziqhenya ngokusebenzela u-KFC ngoba uwusizo emphakathini.” kusho uMpume ongukhoshi kwi-Region ka-KFC.
Sixoxa naye ngaloluhlelo uveze ukuthi imali abayisebenzisa ukusiza izintandane bayicela kumakhasimende abo ethilini, kodwa akhona amakhasimende angakholwa ukuthi lemali ecelwayo abayisebenzisi ukuthi iyosiza izinkedama kanye nezintandane.
Onke amakhasimende ayagqugquzelwa ukuba ashiye R2.00 e-KFC ukuze babe yinxenye yokwenza umehluko emphakathini.
UGogo Skhosana yena uthe ubudlelwane babo no-KFC buyabasebenzela kakhulu ngoba sebeyakwazi ngisho nokuxhumana nezingane okuthiwa zithithibele ngenxa.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Terry Worley

Terry Worley has been associated with the Courier for many years and is involved in the community covering a variety of issues affecting residents. He has a passion for local politics and for the history of the area.

Related Articles

Back to top button