UMeya ugqugquzela umoya wobumbano eSithembile
USibongile Mchunu osebenza esiteshini samaphoyisa eGlencoe wazise umphakathi ngezinhlelo azenzayo ngale komsenzi wakhe wobuphoyisa, nathe utholela abantu asebebadala izinduku zokuhamba okanye udondolo kanjalo namawheelchair kulabo abaphila nokukhubazeka.

UMeya waseNdumeni uKhansela Thulani Mahaye unxuse ukuba kube nobumbano emphakathi waseSithembile. Lokhu ukusho ngankathi ethula inkulumo yakhe kumgubho wokulwa nokuhlukunyezwa kogogo nezingane obuhlelwe iYouth Desk yaseGlencoe ngonyaka ondlule.
Ukhansela Mahaye utshele umphakathi obuthamele lomcimbi ukuthi, “Kubalulekile ukubumbana.” Uthe abantu ababuyisane bathandane balekelelane babumbane ikakhulukazi ezintweni ezithinta umphakathi wakulendawo.
Lomcimbi wokulwa nokuhlukunyezwa kogogo nezingane ubuhanjelwe imiMinyango eyahlukene kahulumeni. Phakathi kwezikhulumi zosuku bekukhona uMafika Dlamini noEugene Mahlaba bezoqwashisa ngempilo yase jele.
UMnuz Mafika ukubeke kwacaca ukuthi izigilamkhuba azibekezeleki njengoba nesibalo sabantu abadlwengula izingane nogogo sanda. Uthe, “Azingancengwa izigilakhuba, azibikwe emaphoyiseni ngoba azifanelwe ukuhlala nabantu kodwa zifanele ukuyogqunywa emajele.”
USibongile Mchunu osebenza esiteshini samaphoyisa eGlencoe wazise umphakathi ngezinhlelo azenzayo ngale komsenzi wakhe wobuphoyisa, nathe utholela abantu asebebadala izinduku zokuhamba okanye udondolo kanjalo namawheelchair kulabo abaphila nokukhubazeka.
Ukubikwa kwamacala ikakhulukazi okunukubezwa ngokocansi kugqugquzelwe kakhulu. Umphakathi unxuswe ukuba ungasabi ukuzobikela amaphoyisa ngokunukubezwa kwezingane ngoba ukungaxazululeki kwalenkinga kuhlukumeza umtwana nangokomqondo.
“Bazali musani ukucabangela izigilamkhuba ngezimpilo zabantwana benu,uma umuntu enukubeze ingane akaboshwe kungahlalwa ngona kuthiwa uyondla kulelikhaya,” kuchaza uNompumelelo Dlamini ongusonhlalakahle.
UMeya waseNdumeni ube esefisele umphakathi waseSithembile uKhisimusi omuhle nonyaka omusha ogcwele intokozo nezibusiso. Amaphoyisa wona axwayise ngokuba abantu baziphathe kahle mabebhiyoza.
Baphinde bacela nokuba amaphoyiswa ahlonishwe futhi angaphazanyiswa mayenza umsebenzi wawo (patrolling) ngoba asuke ezisa umphakathi ukuvimbela izigameko ezingezinhle.
Abahleli balomcimbi okuyi-Youth Desk ithanda ukubonga bonke abaxhase lomcimbi ukuthi uphumelele, osomabhizinisi bendawo nezikhulumi ebezikhona kanye nomphakathi waseSithembile.



