Kusolwa umkhonyovu kweyezitende eFarm Doctor
Imindeni eyasuswa emihlabeni yayo ngesikhathi sobandlululo eDundee isalindele namanje ukunxeshezelwa.

Kuvele umkhonyovu ngokuphathwa kohlelo lokubuyiselwa komhlaba kubantu abasuswa
ngendluzula e-Farm Doctor eDundee ngeminyaka yawo 1960 besuswa nguhulumeni
wobandlululo.
Ikhomiti lomphakathi elilwa nenkohlakalo, linxuse abaphathi
boMnyango wezemihlaba ukuba bahlangane kunye nabo ukuzodingida loludaba ngoba
basola ukuthi uMnyango nawo uyathinteka ngendlela izimali okumele ziphume
ngayo.
Abantu bokuqala banxeshezelwa ngo R43 000 kanti manje kulindeleke
ukuba banxeshezelwe ngo R85 000. Ngokombiko wekomiti kuthiwa kunabantu asebefake
izicelo ekubeni kungebona abase Dundee. Kuthiwa labantu basebenzisa izinamba
zezindlu ngokungemthetho zabantu okumele bahlomule ngaloluhlelo. Kuthiwa abanye
balabantu bafika eDundee ngo2006.
UMnuz Mzwakhe Sithebe osekomitini elisha
elisanda kukhethwa ngumphakathi emhlanganweni abebenawo kanye nomunye
weziphathimandla zaseMnyangweni wezemihlaba bathola ukujabha uma kuthiwa
amaphepha abantu okumele bafake izicelo awekho kanti futhi nenani labantu
okumele bafake izicelo abalazi. “Sekunokudideka ukuthi obani okumele bafake
izicelo nokuthi bangazifaka kanjani. Nendima okumele idlalwe umasipala iyadida.
Amagama alabantu abasuswa emhlabeni Farm Doctor ngonyaka ka 1966/67 akhona
kwaMasipala. Kunamagama asuliwe kwafakwa amanye ngaphezu kwawo. “Imbi lento,
abantu bahlukumezeka besuswa emhlabeni wabo namanje basahlukumezeka ngenxa
yomona,” kuchaza uMnuz Sithebe.
Ugogo Esma Zulu ona 74 ungomunye owasuswa
kunye nomdeni wakhe. Uthe wawuthola uR43 000 wabazali bakhe esigabeni sokuqala
sokukhokhelwa izimali. “Umthetho kaHulumeni ngeminyaka yawo 1960 wawuthi umuntu
omnyama oneminyaka engu 18 kumele akhokhe intela ka 15c uma esahlala nabazali
bakhe njengoba kwakuthathwa njengokuthi ungumqhashi.
“Satshelwa ukuthi
singafaka isicelo sokunxephezelwa ngaleyomali kodwa namanje akukho osekwenziwe.
Angazi noma ngikhona yini ohlwini labantu abafake izicelo njengoba kungenamuntu
osichazelayo,” kusho uGogo Zulu.UMnuz Sithebe uthi watshelwa ukuthi
balinganiselwa ku 750 abantu abafaka izicelo zokunxephezelwa kodwa uNkk Zulu
uthi kuyamangaza lokho njengoba i-Farm Doctor kwakuyindawo encane futhi abantu
bakhona babazana. “Kumanje sesibona imindeni emisha izothola imali kuthi labo
abahlukumezeka ngempela besuswa ezindaweni zabo bashiywa ngaphandle,” kusalanda
uGogo Zulu.
Isikhulu saseMnyangweni wezemihlaba uNeli Magubane ubekhona
emhlanganweni obungoLwesithathu kodwa akafunanga ukuba iPhephandaba
i-Courier ibekhona kulowomhlangano.
Unxuse ukuba umhlangano uxoxwe
ngaphandle kwayo, kodwa iPhephandaba libe selithola ukuthi uMnyango uvumile
ukuba kube nendlela evulelekile kuwowonke umuntu futhi kuzokwenziwa uhla olusha
lwamagama oluzotholakala kalula.



