communityLocal newsNews

Ibhasi lomphakathi-‘Insimbi kayigobi’

Umphakathi wasSithembile usakuthokozela ukuhamba ngebhasi.

Indawo nendawo inamagugu ayo abalulekile kunoma ubani ongumsinsi wokuzimilela wakuleyo ndawo. Nakuba omunye umuntu wangaphandle engeke akubona ukubaluleka kwalawo magugu kodwa kubanikazi asho lukhulu.
Endaweni yaseSithembile engaphansi kwedolabhana elincane iGlencoe amabhasi namatekisi iyona tilansipothi yakhona yemihla namalanga. Isetshenziswa yiwo wonke umuntu noma nje abantu asebebadala bekhonze ibhasi kunamatekisi ngoba bekholelwa ukuthi ebhasini uhlala ukhululeke.
Engifisa ukukuxoxela khona mfundi waleliphephandaba indaba yebhasi elibaluleke ngendlela eyisimanga kulendawo yaseSithembile neselineminyaka laba khona. Lelibhasi elomunye wosomabhizinisi abavelele endaweni yaseGlencoe uMnumzane Desai ophinde waziwe ngo-Mathalaza eseliwuthuthezele lomphakathi iminyaka eyevile kweyishumi nantathu. Abalaziyo bathi laqala ukuhamba lisabiza u5c.
Izingane ezifunda ezikoleni zasedolobheni ikakhulu eGlencoe Primary School (Violet) nase ML Sultan ziyakufakazela ukuthi zazikuthokozela ukuhamba ngalebhasi uma ziya esikoleni.
Ayikho into engakaze yenzeke eyenziwa izingane zesikole kulelibhasi, kangangoba ‘beziyishayela kwazona.’ Phela ngendlela ebigcwala ngayo ekuseni nantambama uma izolanda izingane zesikole, ezinye bezize zime emnyango, lapho kuba izona ezitshela umshayeli uma sekumele adlule ezimpambanweni zomgwaqo.
Kwakubonakala kungabakhathazi ndawo abazali lokhu uma bebuyisana kanye nazo izingane, futhi babenganaki ngoba ibigcwala phama uhluleke ngisho nokunyakaza.
Babengawuthandisisi umsindo wokukhuluma nokucula okwakwenziwa ngabantwana besikole. Pho bebesuke bethukuthelela obani ngoba onkunzana babejabulela ukuhuba ingoma nokuyinto futhi abebengayijwayele kahle kulendawo.
Kuthiwa lelibhasi alikaze lavelelwe ingozi, nakuba abanye bethi kuke kwaba nezigameko zokuba licishe lilimaze abantu kodwa kuthiwa ayikaze yenza inhlekelele kuphume umphefumulo womuntu ngayo nokuyiyona yinto enhle neyenza abantu abadala bakulendawo balithande lelibhasi.
Ayikho into engakaze ithuthezelwe ngalebhasi. Ngaphandle kokuba ithwale abantu, ubuthola kugitshezwe izinkuni,amabhara,amakesi kadrinki noma kabhiya ngesinye isikhathi kwake kwagibela obhuti abathize behamba neMbuzi. Lelibhasi libe intandokazi kulomphakathi isikhathi eside. Uma ubuza nanoma ubani ngalelibhasi umuntu uvele akukhe ngensini athi ‘intozilahlwe leyo bhasi’. Abanye bayibiza ‘ngensimbi kayigobi’.
Izona zinto ezenza lelibhasi libe igugu ngoba lapho abantu bedinga usizo khono, ibhasi belihlezi likhona ukuzonciphisa umthwalo futhi ngenani eliphansi.
Kwala noma ngesinye isikhathi abanye beyilwisa bethi ayingasathathi abantu, kuvele kubhodle kuqala umphakathi bathi, ‘uDesai akayi ndawo ungimsinsi wokuzimilela eGlencoe, kudala ewa evuka nalomphakathi iminyaka.’
Nakuba ingasenkamunkamu ekuthuthezeleni abantu njalo, kodwa isabonakala uma kunemingcwabo ngoba iyona ebihlale iqashwa ukuhambisa abantu emigcwabeni. Lelibhasi linomlando eSithembile oyohlala njalo ukhunjulwa abantu bakhona. uMnuz Desai uhlonishwa kakhulu kulendawo ngokuletha umehluko omkhulu ezimpilweni zabantu baseGlencoe abadala nabancane.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button