CrimeNews

Ubhekane nenkinga yesikweletu sika R6 650 obephuma ejele

Unesikweletu esitolo sase-Edgars lapho kuthiwa ukweleta imali engango R6 653,20.

Sekuphele iminyaka eyisikhombisa aphuma ejele ngemuva kokuboshelwa icala lokubulala kodwa uMnuz Gado Thusi wase Craigside eDundee uhlangane nembibizane ngesikhathi ethola ukuthi usenezikweletu akangazazi ezitolo ezahlukene.
Unesikweletu esitolo sase-Edgars lapho kuthiwa ukweleta imali engango R6 653,20. 


Ngokusho kuka Mnuz Thusi uthi wabhalisela ipasi okokuqala esangaphakathi ejele lase -Waterval lapho ayedonsa khona isigwebo sakhe. “Kwafika abakwandabazabantu base Newcastle ejele ngonyaka ka 1999 basisiza ngokuba basibhalise ukuze sithole amapasi . Ngaba ngomunye walabo ababhalisa njengoba ngangingakaze ngibe nepasi empilweni yami,” kuchaza uMnuz Thusi. Uthi afika awabanye amapasi kodwa elakhe uze waphuma ejele ngo 2004 engakaze alithole.


Ube esebhalisela elinye ipasi eDundee nokuthe ngokuba alithole wabe eseyovula i-akhadi lokuthatha izimpahla esitolo sakwa Edgars nokuyilapho atshelwa khona ngale sikweletu athe akasazi.

UMnuz Thusi uthi usola ubudedengu boMnyango wakwaNdabazabantu eNewcastle ngalokhu. “Okubuhlungu kakhulu ukuthi lomuntu usayisebenziza le akhawunti ngegama lami,” kulanda uMnuz Thusi.


Ube eseyovula icala elaphenywa kodwa ngenxa yobufakazi obungahlangananga labe selivalwa. Uthi lento isimenze wangakwazi ukuqhubekeka kahle nempilo njengoba u-Edgars kunge sona sodwa isitolo okuthiwa uyakweleta kusona. Uxhwayisa abantu ukuba baqhaphele izinto ezifana nalezi ngoba izimo ezifana nalezi ziyinkinga enkulu kakhulu. 

At Caxton, every story is written by humans. We use AI only to perform quality checks - never to generate the news. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Terry Worley

Terry Worley has been associated with the Courier for many years and is involved in the community covering a variety of issues affecting residents. He has a passion for local politics and for the history of the area.

Related Articles

Back to top button