Amaphoyisa akhuthaza ukuziphatha emajele
Inkulumo kaMbhishobhi uXaba ibigxile 'ekuxoleleni'


UMnyango wezamaphoyisa (SAPS) eGlencoe uhlele umcimbi wokukhuthaza ukuziphatha kweziboshwa ezivalelwe ejele lakulendawo yaseGlencoe. Lo mcimbi ubungoLwesibili lomhlaka 24 June. Umcimbi ubeyimpumelelo njengoba iziboshwa zikhombise ukuziphatha kahle zalalela. Azange kubekhona ukuhumuzela nokukhuluma ngesikhathi izihambeli zithula inkulomo.
Nangemuva kokuba lo obeyisikhulumi sosuku uMbhishobi UThulane Xaba eqede ukuthula inkulumo yakhe ihlombe anikezwe lona lidume leyandawo yonke.
Phakathi kwezihambeli bekukhona i-Youth Desk yase Glencoe, SAPS Glencoe kanye nobeyisihambeli sosuku uProfesa Thulani Xaba obezokhuthaza iziboshwa. Inkulumo yakhe ibigxile kakhulu ‘ekuxolelani’. Uthi “Umuntu ukuze akhululeke emoyeni wakhe kumele akwazi ukuzixolela yena kuqala avume ukuthi wenze iphutha ngaphambi kokulindela ukuba axolelwe ngomunye umuntu.”
Wenze umzekelo ngencwadi yasebhayibhelini kaJona ikhasi lesithathu ivesi lokhuqala kuya kwelesishiyagalolunye. Lapho uJona avuma ukuthi wenze iphutha akangalalela wenza intando yakhe. Ugcina elivuma iphuthalakhe ukuze azosindisa ayehamba nabo ngomkhumbi belibhekise endaweni yase Nineveh. Kulencwadi kulotshiwe ukuthi lomlisa uyasinda ekufeni olwandle, uNkulunkulu uyamhlenga ngenxa yokuvuma ukwenza icala. Uprofesa uthi “Nathi thina bantu asivumeni lapho senze khona amacala ukuze sizokhululeka emoyeni sithethelelwe phambi kukaJehova.”
UXaba unxuse ukuba iziboshwa nazo zizikhulule emaketangwini kasathane ngokuba zivume kuzona uqobo ukuthi zenza iphutha. Uthi kunabantu abangekho emajele kodwa ababoshiwe ngenxa yokuba nezinhliziyo ezilukhuni. “Nathi singabantu esiphila ngaphandle kwejele sinejele elisibophile okuyizinhliziyo zethu. Sinakhokonke kodwa kunezinto ezenza ukuthi singalali ebusuku”, kusho uXaba. Uthe phakathi kwabo ubona abantu abasasophuma benze umehluko emphakathini basize ukuthuthukisa izimpilo zemindeni yabo nezabo uqobo.
U-Warrant Officer T Hlatswayo yena uncome ukuziphatha kahle kweziboshwa njengoba ebekile ukuthi izinga lokushayana ngaphakathi kuleli jele lehle kakhulu. “Kusukela ngonyaka odlule ngemuva kokuba sizonikhuthaza lapha ejele abemancane amacala avulwayo ngaphakathi abantu asebeshayene nabalimazene.”
Uthe kodwa liseningi izinga loku setshenziswa kwensangu kulelijele nabasaphenya ukuthi ingena kanjani. Ekhuluma naleliphephandaba uthe, izinga labantu abakebaboshwa phambilini abasuke bekhishwe ngeparol okanye sebeziqedile izigwebo zabo baphinde benze amacala liyanda kakhulu kulendawo. Uchaze wathi babona ukuthi ukuzokhuthaza ikona mahlawumbe okungasiza kukhulu ngoba ukwenza ubugebengu kwesinye isikhathi kusuke sekusemqondweni ngenxa yezimo ezithize umuntu asuke ebhekene nazo.
UW/o Hlatshwayo uthi njengalaba abasuke bekuparol benza amacala afana nokutshontsha ngenxa yokuthi basuke bengasebenzi bengakakwazi ukuzithengela izinto.
Uthi kodwa umuntu akangakhethi ukwenza ubugebengu akacabange izindlela ezilungile ezingamungenisela imali ukuze akwazi ukuziphilisa. “Njengoba usaphila kusho khona ukuthi ithemba lisekhona ngakho yenza kahle ukuze impilo izoqhubeka kangcono,” kusho uHlatshwayo.
UW/o Vilakazi yena uthe abaguquke abantu benze okulungile.
“Baningi abantu abahamba ngaphandle okumele ngabe basemajele kodwa ngenxa yokuthi abantu basavikela izigilamkhuba namanje zigwele indawo le ziyatanasa ezitaladini,” kusho uVilakazi. Lokhu ukusho ecaphuna enkulumwenu kaProfesa Xaba lapho ebechaza ukuthi akekho umuntu omsulwa emhlabeni sonke sinamacala sihamba.



