communityLocal newsMunicipalNewsSpeak Out, Khuluma, PraatYouth Revolution

‘Phezukomkhono’, sikhuculula indawo yakithi-Craigside

Emizamweni yokukhuculula imfucuza ezindaweni ezihlala abantu, amalunga omphakathi wase Craigside anqume ukusukuma azenzele wona umsebenzi ngokuqoqa imfucuza esangasebenziseka.

Inhlangano ezibiza ngeSimunye Recyling ibambisene nomasipala waseNdumeni basemkhankasweni wokukhuculula indawo yase Craigside kanjalo nedolobha lase Dundee. Lenhlangano esanda kusungulwa inamalunga angu 16 iningi lawo okuyintsha, bazimisele ngokuqoqa yonke imfucuza ngenhloso yokuyithengisa ukuze bathole inzuzo. Abagcini kuphela ngokukhuculula kodwa bazokwazi ukuziphilisa ngalomsebenzi njengoba inkampani i-Ashalia Scrap Metals and Waste isizinikele ekuthengeni yonke imfucuza engaphinde isebenziseke.

Emhlanganweni obubanjwe ilamalunga kanye nomasipala ngoLwesibili kuvelile ukuthi mkhulu umehloko ozokwenziwa ilamalunga njengoba nomasipala uzohlomula kulokhu ngokuba indawo yaseNdumeni ihlale ihlanzekile.Nakuba umkhandlu ungeke ubakhokhele lutho kodwa lamalunga athi azimisele ngokukhuculula indawo yase Craigside kanye nedolobha laseDundee ngaphandle kokubheka inzuzo emkhandlwini.

 

Ward Councillor Thoko Makaba encouraged the group to work together and work hard to change their lives through this project. She was accompanied by Mr Shaalim Mohanlall of Ashalia Scrap and Waste company (left), Mr Rajan Dubree, Endumeni Waste Management Officer(Middle) and Sherly Bujram of Endumeni Municipality to head-over the equipment to the organization.
Ward Councillor Thoko Makaba encouraged the group to work together and work hard to change their lives through this project. She was accompanied by Mr Shaalim Mohanlall of Ashalia Scrap and Waste company (left), Mr Rajan Dubree, Endumeni Waste Management Officer(Middle) and Sherly Bujram of Endumeni Municipality to head-over the equipment to the organization.

UMasipala ube usunikezela ngemigqomo kadoti, amahalavu,izamfonyo, amabhibhi kanye nama gloves kulenhlangano njengesiqaliso.UMnuz Shaalim Mohanlall osebenza enkampanini i-Ashalia Scrap Metals and Waste uthembise ukufundisa lamalunga alenhlangano indlela elungile yokukhetha imfucuza yayo ezophinde isetshenziwe. Uthe uzobakhokhela ngesisindo sikadoti ozobe uqoqiwe.

Ongumsunguli aphinde abe usihlalo kulenhlangano, uMama uBongiwe Mtshali ophuma ngaphansi kwenkulisa yakhe iSimunye, uthe lenhlangano ingeminye yemizamo yenkulisa yokusiza emphakathini.Uchazele iphephandaba ukuthi ukusungulwa kwalenhlangano kuqhamuka ekutheni abone indlela obekungcola ngayo ngaphandle kwenkulisa yakhe lapho umphakathi ubulahla khona imfucuza wakubona kuyinto engeyinhle. “Ngangishaywa amahloni uma onompilo besivakashele uthole kugcwele udoti ngase nkulisa yami.”

 

Ngeye yezindawo ezigcolile endaweni yase Craigside lapho umphakathi ulahla khona imfucuza.
Ngeye yezindawo ezigcolile endaweni yase Craigside lapho umphakathi ulahla khona imfucuza.

Uthi lokho bekumuphatha kabi waze wanquma ukuba abazali kanye namanye alunga omphakathi bahlangane bazoqoqa lo doti.UmamaMtshali kanye nethimba lakhe sebezosizakala ngalelibhizinisi eselibavulele amathuba omsebenzi sebezokwazi ukondla nemindeni yabo.IKhansela lakule ndawo umama Thoko Makaba naye ubekhona ezobakhuthaza ukuba basebenze kanzima ukuze bezophumela. Ukhuthaze abantu abasha ukuba bangazenyezi ngalomsebenzi ngoba bazokwazi ukuziphilisa ngawo.

Okunye okubaluliwe ngalelilanga ukuthengiswa komlotha wamalahle ukuze kuzokwakhiwa amablokisi okwakha.
UMnuz Rajan Dubree oyimenenja kwa Waste eNdumeni uthe bashoda ngendawo lapho lomlotha ungagcinwa khona ukuze nawo uzothengiswa, abantu bakwazi ukuba nomsebenzi kunciphe nezinga labangasebenzi kulendawo. Uthe ilinganiselwa ku 38,2% intsha yaseNdumeni engasebenzi ngakhoke loluhlelo luzosiza ukuba izinga labantu abangasebenzi lehle kulendawo.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button