
Amaphoyisa aseNquthu aphenya icala lokudlwengula kanye nokulimaza kanzima ugogo oneminyaka engu 90.
Lesi saguga sasendaweni yaseNgonini esihlala nabazukulu kanye nomakoti wakhwakhe sangenelwa umfayana owasiphoqa ukuba alale naye ngokusa komhlaka August 3.
Ngokusho kombiko ugogo wayelele yedwa kurondo wakhe okusolakala ukuthi awushudwa kodwa uyavalwa nje kuphela umnyango.
Ngaphambi kokuba ugogo edlwengulwe, lesisigila mkhuba saqala ngokuba simugqeme ingozi esiphongweni ngesikhali esingaziwa nokwenza ugogo abe nenxeba elivulekile. Lokhu kusolakala ukuthi kwenzeka ngesikhathi ugogo etshela lomfana ukuthi angeke akwazi ukulala naye ngobayena usemdala. Lelibhungu libe selizama nokungena kwezinye izindlu kepha laphazanyiswa ukuvuka komakhelwane ababesebethintwe isalukazi ngocingo. Lesigilamkhuba sabesesibaleka.
Ugogo waphuthunyiswa esibhedlela njengoba isimo sakhe sisasebucayi. Amaphoyisa ayaqhubeka nophenyo njengoba bekungakaboshwa muntu.



