Local newsMunicipalNews

Ikhansela lisola iqembu eliphikisayo ngombhikisho

Service delivery protest at Nquthu (ward17)

Intsha yaku wadi 17 eNquthu itheleke ngaphandle kwamahhovisi akwamasipala lapho ebezothula uhlu lwezikhalazo olumukelwe uSomlomo woMkhandlu, T Ndlovu. Intsha ebilinganiselwa ku 20 ebithukuthele igane unwabu ithi ayisalifuni ikhansela le wadi, uZikode, ngoba “akawusebenzeli ngendlela umphakathi futhi ucheme kakhulu nabantu beqembu lakhe likakhongolose.”
Phakathi kwezikhalazo ebezingamashumi amabili nantathu (23) kubalwa kuzo ukuchema kwekhansela nenhlangano yalo yezepolitiki ngamathuba omphakathi. Kuthiwa ikhansela lisebenzisa amaSMS ukubiza imihlangano yomphakathi nokugcina ihanjelwe ilabo abasondelelne nalo kuphela. Balisola ngokuthi lathengisa injini yokuphehla amanzi nawo okuthiwa atholwa abathize emphakathini.

Olunye udaba oluthukuthelise lomphakathi indlela ikhansela okuthiwa liqasha ngalo abantu kumaprojects omphakathi lapho kutholakale ukuthi emzini owodwa babili abantu abasebenzayo.
USomlomo uKhansela Ndlovu uthembise ukudlulisela uhlu lwezikhalazo kuSodolobha. Kanti lomphakathi ubeke umnqamula juqu wezinsuku ezingu 14 wokuba unikezwe izimpendulo. Obehola lo mbhikisho u-Sbongile Mchunu (32), uthi uKhansela akawunakekeli umphakathi ngendlela efanele kanti umphakathi wase Nkande awazi lutho ngezinto zomphakathi ezifana nama war room, kodwa umkhandlu ubewazi ukuthi banelisekile njengoba imihlangano ihanjelwa abantu abathize.

bongani1 (Medium) (2)

Uveze ukuthi zonke izinhlelo zekhansela uzizwa ngamalunga kakhongolose athola ama-SMS. Uzakwabo uSbongile Simelane (28) uthi yena uhlala nezingane zakubo kanti futhi baziphilisa ngemali yesibonelelo sikahulumeni, kodwa abatholi sizo oluvela ekhanseleni olufana nama (food parcels) kanti nomuzi wakubo uyanetha ekubeni “ukhansela kukhona abanye abasizayo.”
Lomphakathi awuqali ukungena emgwaqeni kuthiwa phambilini uZikode waziphendulela kubaholi baseMgungundlovu ababefike emphakathini, nabatshela ukuthi ‘udweshu luphehlwa ozakwabo eqenjini lezepolitiki eliphikisayo. Uphinde wakusho lokhu, ethi “abaholi balombhikisho bahlobene bonke, futhi bangumndeni nezingane zabaholi beqembu eliphikisayo endaweni yakithi, lokhu okwenzekayo kungu gibe lokususa mina ebuholini” kusho ukhansela.

Ephendula ngezinsolo athweswa zona uthe “imihlangano ngiyimemezela esikoleni, ama SMS asiza ukufinyelelisa umlayezo kulabo abangenazo izingane esikoleni.” Uvumile ukuthi mine (4) imizi lapho kuqashwe khona abantu ngababili ngenxa yesimo sempilo athi sibucayi.
Uqhube wathi “kodwa nginesiqiniseko sokuthi akekho umuntu oqashwe ewadini lami ohlezi ne-uniform ekhaya, uma ekhona makuvulwe icala eMnyangweni weZabasebenzi” kusho uKhansela. Ngasohlangothini lwenjini yamanzi okuthiwa wayidayisela umuntu othize e-Dundee uthe “amampunge lawo.”

Yize uSibongile ethi lowomuntu waseDundee owathengiselwa injini ngo 2004 bahlangana naye wababonisa ubufakazi bokuthenga injini. UKhansela uthi injini yashintshwa uMzinyathi ngoba isiphelelwe amandla okuphehla. “Njengamanje kunenye injini ehlinzeka amanzi, futhi ngiyadideka uma kuthiwa amanzi awahlanzekile ngoba uMzinyathi ubaqashile abantu ababhekelele uhlelo lwamanzi” kuchaza uZikode. Uthi lo mbhikisho awuqali, sekukaningi uSodolobha nekomidi bezimisele ngokuzobaphendula, “nango mhlaka 12 September eNkande Hall, kodwa ababhikishi baxokozela bebanga umsindo abanye bedle amponjwana amaphoyisa aze abafutha nge ‘Pepper spray’.”

Ngokusho kuka Zikode uthi leli iqeqebane elingahlanganisi ngisho uhhafu womphakathi, eliholwa iqembu eliphikisayo.
Eqhubeka uthe “intsha yaseNkande ithi ifuna ukwazi ukuthi ababhikishi bakhala ngani? kodwa ababhikishi abafune kuzihlanganisa nemihlangano yomphakathi.”

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Terry Worley

Terry Worley has been associated with the Courier for many years and is involved in the community covering a variety of issues affecting residents. He has a passion for local politics and for the history of the area.

Related Articles

Check Also
Close
Back to top button