Kushone owesifazane engozini yomgwaqo eNquthu
Imbangela yalengozi kungaba ukungahloniphi izimpawu zomgwaqo kanye nokuswelakala kwazo izimpawu zomgwaqo kulomgwaqo ohlanganisa iNquthu ne-Blood River.
Baphelile abantu emgwaqeni u-Vryheid Road ngenxa yesivinini sabashayeli abangahloniphi izimpawu zomgwaqo.
Ngomhlaka 5 April ngoLwesibili ekuseni kudaleke ingozi yomgwaqo endaweni yaseThelezini ekhrosini Kwa-Lerato eNquthu emva kokuba kuphazamisene iloli kanye nekhumbi emhlophe ethwala abafundi nabasebenzi baseMkhonjane.
Kulengozi kuphinde kwabandakanyeka itekisi ebomvu eyayingaphambi kweloli, eyaginqika kathathu yadlula nomphefumulo wowesifazane ongadaluliwe igama lakhe owayengaphakathi, kwalimala nabafundi ababili okubikwa ukuthi bayelulama esibhedlela thizeni esikhulu.
Imbangela yalengozi kungaba ukungahloniphi izimpawu zomgwaqo kanye nokuswelakala kwazo izimpawu zomgwaqo kulomgwaqo ohlanganisa iNquthu ne-Blood River.
Owazibonela ngamehlo lesigameko senzeka uthi iloli yayilibangise eNquthu ihamba ngesivinini esikhulu ngenkathi ikhumbi eyayivela ngaseMkhonjane izama ukujoyina lomgwaqo yazothlana phezulu neloli.
Kuthiwa ikhumbi yahlephuka icele iloli lajika ladlulela phambili ladudula itekisi ebomvu eyayiphambili yaginqika kathathu yadlula nomphefumulo owodwa khona lapho esigamekweni. Echaza yena uMtlatsi Motloung ohlala khona endaweni uthe ngokomthetho itekisi kwakumele ilinde iloli lidlule ngaphambi kokujoyina umgwaqo, kanti futhi uyayisola neloli ngokuhamba ngesivinini esikhulu.
“Leli jika ngiyalazi, nami ubaba wami wathathwa yilona emhlabeni, kudala libaqeda abantu,” kusho uMtlatsi.
Umgibeli we khumbi uthi iloli yaqhamuka gesivinini esithubeni, bamuxwayisa umshayeli wabo ukuba ame kodwa azange wama. “Uma ukhuluma ngalengozi ngishwabhana umzimba ngoba ngaphuma ngembobo encane futhi ngephuka intamo kabuhlungu kodwa sengiyelulama,” kusho ugogo ongathandanga ukuzidalula igama.
Umfundi naye ongathandanga ukuzidalula uthi namanje basathukile bengabafundi njengoba kusekhona ozakwabo abasaxilongwa emtholampilo.
Emva kwalengozi kudlule izinsuku ezimbalwa kwaphinda kwaphaphalaza itekisi ngezinkathi zasebusuku okubikwa ukuthi yadudula izinsimbi yapoqoka yaphela.

Lengxenye yomgwaqo idlula ngasentabani yaseThelezini, iyingozi kakhulu ngenxa yamajika amabi okufanele abashayeli bawaqaphele kanti futhi ihala inezinkungu ezikhasa phansi.
Azikho izimpawu zomgwaqo ezixwayisa abashayeli ngalesimo njengoba behlala bendlula ngesivinini esiphezulu.
UMtlatsi uthi amabhodi ezimpawu zomgwaqo ayafakwa kodwa agcine ngokucekeleka phansi ngabashayeli
abawashayisayo kanye namalungu omphakathi agangayo bese kubeke izimpilo zabantu encupheni kanye nemfuyo esebenzisa lomgwaqo.
UMtlatsi uthi ubona ukuthi uhulumeni kumele enze okuthile kulomgwaqo ngoba abashayeli badlula ngesivinini, bajike beshayise zona izimpawu zomgwaqo.



