Imbizo ka Ndunankulu ‘iletha ithemba’ eNquthu
By-elections will be held in Nquthu on May 24

‘Ukonokala kokunye ukulunga kokunye’, lawa amazwi ashiwo nguNdunankulu Wesifundazwe saKwa-Zulu Natal uMnuz Willies Mchunu embizweni ekade ibizelwe eNquthu Stadium ngoLwesithathi olwedlule ngenhloso yokuzoxazulula izinqinamba ezibhekene nomphakathi waseNquthu. Lembizo ilandela ukungasebenzi ngendlela komkhandlu kusukela ngokhetho lohulumeni basekhaya.
Lenkinga yaseNquthu isiphazamise intuthuko yomphakathi lokhu osekwenze ukuba abaholi balusukumele loludaba.
UNgqongqoshe wohulumeni basekhaya uNomusa Dube -Ncube uyizame yonke imizamo ukuxazulula lesisimo soMkhandlu wase Nquthu okugcine ngokuthi awuhlakaze umkhandlu. Lomkhandlu uzogcina unokhetho lohulumeni basekhaya okulindeleke libe ngo-May walonyaka.
UNdunankulu uMacingwane usule umphakathi waseNquthu izinyembezi ngokuletha ubuholi besiFundazwe kuhulumeni wakwa Zulu- Natal ukuzodingida izindaba zentuthuko. UDube- Ncube uthe enye inhloso kaMacingwane ngalembizo ukuthi uNdunankulu ufuna ukucacisela umphakathi ngesinqumo sokuhlakazwa komkhandlu.
UMacingwane uxwayise umphakathi ngokuthi into uma seyonakele bangalindeli ukuba ilunge ngesikhathi esisodwa futhi bangadikibali ikakhulukazi iziNduna namaKhosi, balekelele ukukhuthaza umphakathi. Umphakathi unikwe ithuba lokuphefumula kulembizo. Kulembizo kwethulelwe umphakathi ngokusemthethweni abalawuli bomkhandlu besikhashana uMnuz Vilakazi eNquthu bese kuba uMnuz Nkontwana esifundeni saseMzinyathi. “Sizokhuza futhi ukuthi makungabikhona imibiko yokubulalana kwabantu ngesikhathi sokukhankasa okhethweni luka-May,” kusho uMacingwane.

Amalungu omphakathi ngenkathi ethula izikhalo zawo kuvele ukwentuleka kwemigwaqo, amabhiloho, ugesi kanye namanzi ezindaweni zika ward 4, 7, kanye no ward 1. Umphakathi uhambe ugezekile njengoba uNgqongqoshe wezeNhlalakahle yomphakathi uMnuz Pillay eqinisekisa ukuthi usuqaliwe umsebenzi wezindlu. UNomusa Dube yena uqinisekise ukuthi ugesi osuvele uqaliwe ukufakwa kwezinye izindawo. U-Pillay uthi bazobhekana nengalo yomthetho abakhwabanisa izindlu zikahulumeni ngoba sekuyinsakavukela esifundazweni.
USicelo Dlamini utshele umkhandlu kaNdunankulu ukuthi amanzi alethwa ngamaloli bawathenga ngo-R250 eMaduladula. Ephendula umhlonishwa S Zikalala omele ezamaBhizinisi uthe, “umuntu odayisa amanzi yisigebengu, kumele umphakathi ubampimpe baboshwe.” Uqhube ngokuthi zonke izinhlelo zemisebenzi kahulumeni kumele ziqashe abantu bendawo waxwayisa umphakathi ukuba ulime futhi uyeke ukudayisela abokufika izitolo ngoba uhulumeni unezinhlelo zokubalekelela .
UMama Busisiwe Jiyane waKwashabeni uzikhalele ngomsebenzi wokondla umndeni oyisikhombisa ngomholo wengane eyodwa. Intokozo ibibhalwe ebisweni emva kokuba uNgqongqoshe weZenhlalakahle uWeziwe Thusi emunikelele ngegrosa womsebenzi wakhe kanye nebhasari yomntwana wakhe.



