UNgqongqoshe uBongi Masithole Moloi uhambele ebandleni i-Life Changing Ministries ngesonto ukuyokhulekela ukhetho lokuchibiyela ukuze kube nokuthula.
Uphinde wagqugquzela ibandla ukuba liphume ngobuningi ukuba liyobhalisela ukuvota.
“Ngiyaqonda ukuthi kubalulekile ukuba nobudlelwano noNkulunkulu ukuze uhole abantu bakhe ngokuyalelwa nguye. Iningi lethu kuhulume asinibo lobudlelwano yingakho uma sesisezikhundleni sihluleka ukuhola umphakathi, sizicabengele thina sodwa.” Uthe yingakho ezohlanganyela nenkonzo ngoba uNkulunkulu kufanele asibusise futhi uyaqonda ukuthi umuntu onoNkulunkulu unokuthula nothando.
“Intuthuko yaseNquthu iyawudinga umkhuleko, siyadinga ukubona lendawo ithuthuka. Ngicela nisikhulekise ukuba kungabikhona isiphithiphithi esifana nesedlule ngoba vele into engenaNkulunkulu ihlala inesiphithiphithi. Kungathi noma sesithole umsebenzi wokuthuthukisa umphakathi kepha sihambele phezulu. Sikhulekeleni ngoba siyaphuma endleleni, “kusho, uNgqongqoshe
The Nquthu by-elections will be held on May 24 after the Council could not form following last year’s elections
Umkhandlu waseNquthu ubenesiphithiphithi eside kusukela ngokhetho lohulumeni basekhaya lapho kungabanga khona iqembu eliwine umkhandlu ngokuphelele. UNgqongqoshe wohulumeni basekhaya uNomusa Dube- Ncube, wagcina ngokuwuhlakaza lomkhandlu kuze kufike ukhetho lokuchibiyela oluhlelelwe inyanga ka-May. Amaqembu ezepolitiki onke eNquthu aphumile emphakathini ukukhankasela lolukhetho.
UNgqongqoshe naye ubehola iqembu lakhe likaKhongolose lapho bebehambela khona umuzi nomuzi bekhuthaza umphakathi ukuba uvotele i-ANC ngoba ethi ‘lukhulu ushintsho eza nalo oselubonakala emphakathini waseNquthu’.
UMphostoli TG Nala ubongele ibandla ngokuhanjelwa ngu Ngqongqoshe wase- egqugquzela ibandla njengenjwayelo ukuthi ipolitiki ingumgogodla wokuthuthukiswa komphakathi kanye nezimpilo zabantu.
Lezi ezinye zezihloko uMphostoli azifundisa ibandla lakhe njalo ngeSonto emahoreni amabili ngaphambi kokuqala kwenkonzo. NgeSonto eledlule uMphostoli Nala wafundisa ibandla ngoMlando wase-Africa lapho wafika ezigabeni ezithinta ukudla okunempilo okuyizitshalo kanye nobichwepheshe i-Technology esungulwe e-Africa ngaphambi kokuba isabalale umhlaba wonke. UMphostoli utshene ibandla ukuthi ukukhubeka kukahulumeni okanye umasipala waseNquthu kungukukhubeka kwebandla kanye nomphakathi. “Yingakho kufane futhi kubalulekile ukuba sibukhulekele ubuholi esibukhethayo, amakhansela ukuze noma esebenza emphakathini enze izinto ngokwenkambiso kaNkulunkulu.”
Uqhube wathi uNkulunkulu uyayishintsha impilo yomuntu ibe yilokho akufisayo.
Uveze ukuthi kwangathi uma umphakthi ukhetha ukhethe abaholi abamaziyo uNkulunkulu ngoba bazosaba ukuphambuka emphakathini njengoba ukuphambuka kwabo kuzobe kufana nokuphambuka endleleni kaNkulunkulu.



