Osomabhizinisi eNquthu bathuthukisa umphakathi
Grade R School pupils from Haladu Primary School, Nquthu, were thrilled to receive a donation of school uniforms from Absa and the Hlubi organisation.

Abasebenzi bebhange lakwa- Absa bazikhuthuze amakhukhu abo benikela ngomfaniswano wesikole wabafundi base Haladu Primary School eNquthu, ngenhloso yokubuyisela emphakathini nokusiza abafundi (ojahidada) ukuba bakhuthalele imfundo.
Njengoba bephuma emakhaya ahlukahlukene ngokwesimo senhlalo, abanye abazali abazimeli zonke izindleko zesikole, kanti abantwana babo bafika esikoleni belambile futhi behlubule. Uthisha omkhulu uMnuz TT Shezi (53) walesikole ubonge abasebenzi base Absa ngesithombe esihle abasifundisa abantwana.
Abakwa-Absa banikele ngezigqoko kanye nama-gilavu kubafungi bakwa- Grade (R) abangu (63). Baphinde banikela ngempahla yokugqoka kubafundi abangu (9) abasemazingeni ahlukene. UThishanhloko uphinde wabonga inhlangano yomfelandawonye endaweni i-Hlubi Organisation okuyiyona ehlelele labafundi izipho nabakwa-Absa. IHlubi Organisation ieveze ukuthi sisekhona isikhala njengoba abanye abafundi bengenazo izicathulo ngenxa yesimo abazalwa abangaphansi kwaso.
Abathanda ukunikelela kulabafundi ukuze ikusasa labo liqhakaze kwezemfundo bangathumela imilayezo ku hlubiorg@gmail.com noma ku 072 572 3160 / 074 659 6529
UMnuz Shezi ephawula uthe “silijabulela kakhulu usizo olufana nalolu ngoba kukhona abazali abangasebenzi emakhaya, abantwana bahlubule nama unifomu ezingane adabukile. Sengathi nabanye bangafunda isifundo ngalokhu basilethele izinsiza kusebenza ze-Technology ukuze abantwana bengahluki kunezikole zasemadolobheni amakhulu”. Uqhube wathi isandla esiphayo sibusisiwe kunesamukelayo. Ubonge ikhansela lendawo, i-School Governing Body, iHlubi organisation kanye nabakwa Absa ngokubambisana ukuqhakazisa ikusasa labafundi.

U-Andile Majozi ongu-Customer Service Manager uthe “abafundi akufanele basabe ukuya esikoleni ngenxa yesimo abaphuma kusona emakhaya”. Ngolwesine umphathi wegatsha lebhange lakwa Absa eNquthu uLinda Muthwa uthe “sikholelwa ukuthi kubalulekile ukunakekela umphakathi osebenza kuwona. Nemfundo ibalulekile, abanye abantwana bayeka isikole ngoba beswele umfaniswano, yingakho sithe masikhiphe emakhukhwini ethu sinikelele ikusasa elincono lemfundo”. Uveze ukuthi nge Women’s Day bazonikela ngama- Sanitary Towels bese ku-Phase 4 banikele ngefenisha ezinhlanganweni zomfelandawonye eNquthu.
USekela sihlalo weHlubi Organisation uGabisile Sithole (33) uthe “lokhu abakwenzayo basuke beshintsha izimpilo zomphakathi futhi baphinde balekelele emphakathini ukulwisana nobugebengu belekelelana ne iNcome Prison.”
Lelijele likhipha iziboshwa ukuba zizoqwashisa intsha ngobungozi nangobugebengu.”izinga lobugebengu lehlile endaweni, kubalulekile ukunakekela ikusasa lentsha futhi ayikho into ebuhlungu njengokubona umfundi eya esikoleni engagqokile noma ayeke isikole ngenxa yesimo aphuma kusona,”kusho uGabisile.
Oyilungu le-Governing Body yesikole umama uThandekile Zwane ubonge izipho ezitholwe ngabafundi.



