Editor's noteEntertainmentLifestyle

Kukhunjulwa uDokotela ‘Sosobala’ nemisebenzi yakhe

UDokotela Mbatha waba yinyanga yokuqala ensundu ukuthenga ibhanoyi kanti isikhungo sebhanoyi lakhe siseduze nesikole asakhela umphakathi wasetha ngokuhlonipha iNkosi yakhe iNkosi uSihayo Ngobese.Lesokole sibizwa nge -Sihayo Boarding School

Kwethulwe i-Albham entsha kaMasikande emphakathini waseNquthu, ekhumbuza umphakathi ngeqhawe uDokotela uSosobala Mbatha ongasekho, iNyanga enkulu eyaduma izwe lonke . Le – albhum eshisayo ibizwa-ngo ‘Sosobala’ kanti ihlanganise umculi kaMasikande odabuka kwelaseMatubatuba. Lo mculi ubegaseleke nethimba lakhe ngoZibandlela eNquthu ukuzonhlanganela kanye nomndeni ‘kokaMazinyane’.
Lo mcimbi ubuhlelwe ngokuzimisela nguMculi kaMasikande odabuka kwelaseNcepheni ‘uMjozana’ owashaya izinsizwa ku-SA’s Got Talent ngonyaka owandulela owedlule.
U ‘Stezi’ obethula le-Album uthe, “ngahlala ngathula ngacabanga ukuth njengoba izinto zingangihambeli kahle kwezomculo ngabe ngibiza u uDokotela uSosobala inyanga enkulu angiphe amakhathakhatha ukuze ngiphumelele nami ngithole ama-Awadi omsebenzi wami, “kusho u’Stezi’. Lo msebenzi ka-‘Stezi’ uhlanyise izihlwele ebizigcwele ithende. Ngenxa yokushisa kwalomcimbi kuze kwaholela ukuba indodakazi kababa uMbatha, uNkk Makhosi, anikezele ngemvume kubo bonke osomaciko baseNingizimu- Africa ukuba balisebenzise igama likababa wakhe emsebenzini wabo.
UDokotela wamakhambi ubaba u’Sosobala’, wandlula emhlabeni ngonyaka ka-1999 esanda kubuya Phesheya kwezilwandle lapho aveza ukuthi usezokwazi ukulapha igciwane leSandulela Nculaza i-HIV and Aids. Ukuhamba kwakhe kwaba ukulahlekelwa kwabaningi njengoba wayeyinyanga enkulu futhi ehlonishwayo ngomsebenzi wayo. Wangcwatshwa iznkulungwane zabantu baseNingizimu Africa, emathuneni aseMasotsheni e-St. Augustine eNquthu.

 

Ubaba uMbatha wayenabantwana ababalelwa ku-40 okuthiwa wabathola komama abehlukene.

Sikhulume neNdodakazi yakhe ngezimanga okuthiwa wayezigila esaphila wakuqinisekisile ukuthi ezinye zazo ziyiqiniso.
Ukuqinisekisile ukuthi ubaba wakhe wake “wagweba imantshi enkantolo eyigwebela esitulweni ngokukhuluma amazwi athile”.
“Uma uthi uzongiweba iminyaka ejele nami ngikugweba iminyaka uhlezi kuleso sihlalo.” Kuthiwa imantshi yahluleka ukusukuma yagcina ngokulihoxisa ixala lika Dokotela Sosobala ukuze nayo ikhululeke esihlalweni eyayihlezi kuso. UMakhosi ukuphikisile ukuthi ubaba wakhe wayenquma amakhanda abantu ukuze akhande umuthi onamandla. “Abantu babethi kunezindlu ezingangenwa lapha ekhaya ezigcwele imiphongolo yamakhanda, kodwa kwakungekho lokho nezisebenzi zasekhaya ziyalazi iqiniso,” kusho uMakhosi.
Ziningi izinkolelo kanye namaqiniso ahlala esematheni ngeQhawe uDokotela u’Sosobala’.Okubalulekile ukuba kwaziswe umphakathi ikakhulukazi isizukulwane esisha ukuze sazi ngamaqhawe endlu emnyama. UBongane Motaung iNtatheli yePhephandaba, i-Courier kulonyaka ivumelene nomndeni ka Baba u’Sosobala’ ukucwaninga ngeFilimu ezoxoxa umlando kababa uMbatha okungaziwa ukuthi izothatha isikhathi esingakanani. Abafisa ukuphumela obala baxoxe okuthile abakwazi ngaleli liqhawe, bangashayela kumhleli waloMsebenzi ku-078 718 1827.
Ubaba uMbatha wayenabantwana ababalelwa ku-40 okuthiwa wabathola komama abehlukene. UDokotela Mbatha waba yinyanga yokuqala ensundu ukuthenga ibhanoyi kanti isikhungo sebhanoyi lakhe siseduze nesikole asakhela umphakathi wasetha ngokuhlonipha iNkosi yakhe iNkosi uSihayo Ngobese.Lesokole sibizwa nge -Sihayo Boarding School. “Ayohamba amaqhawe kusale izibongo,”kusho abomndeni .

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Terry Worley

Terry Worley has been associated with the Courier for many years and is involved in the community covering a variety of issues affecting residents. He has a passion for local politics and for the history of the area.

Related Articles

Back to top button