Spar Superstars Umlazi 2023

Junior & Senior Primary October
Sisanda Shabalala
Qondokuhle Primary School
Wenza ezibukwayo ngamakhono akhe
Read More
USISANDA Shabalala udume ngokwenza kahle kuzifundo zakhe nangokubamba iqhaza kumidlalo ehlukene eQondokuhle Primary School, eMlazi.
Lo mfundi kaGrade 7, esikoleni sakhe uphinde aziwe kakhulu ngokwenza ezibukwayo ekumodeleni, kwelomnqakiswano, kumahubo nokudansa. USisanda akaconsi phansi kozakwabo njengoba efunda izindaba kuhlelo iKiddies Corner kumsakazo womphakathi wakuleli lokishii-Intokozo FM.
Ngokusho kothisha bakhe, uSisanda ungumfundi ohlakaniphile futhi ozimiselayo kumisebenzi yesikole njengoba ephumelela zonke izifundo zakhe ngesigaba sesi-7 (Level 7). Bathi uphinde abe lusizo kozakwabo ababhekana nobunzima kuzifundo ezahlukene. Izifundo azithanda futhi aphumelela ngamalengiso kuzona kubalwa izibalo, isiZulu neSingisi.
USisanda uyingane ehloniphayo, ethanda ukuba kuhlezi kujatshulwe nokusiza abafundi abaswele, kusho othisha bakhe.
Uma esephothule umatikuletsheni uSisanda uthi ufuna ukwenza izifundo zobudokotela ukuze ezoqhubeka nokusiza abantu. Ngokusho kwabazali bakhe, uma engayile esikoleni, uSisanda uthanda ukuhlanza indlu bese efunda amaphephandaba nokuziqeqesha ukulingisa.
High School October
Akhona Maphumulo
Velabahleke High School
Udume ngokusiza abahlwempu
Read More
U-AKHONA Mamphumulo (14) ungumfundi waseVelabahleke High School odume ngokumodela nokwenza kahle kuzifundo zakhe.
Lo mfundi webanga lesi-9, ubuye adume ngokuthanda ukusina ingoma. U-Akhona ikhono lakhe lokumodela elimangalisayo nobuhle sekumenze wanqoba imincintiswano ehlukene yonobuhle kusukela angina ku lomkhakha ngowezi-2018.
U-Akhona uthi ukungena kulo mkhakha kumuvule umqondo njengoba esefunde izinto eziningi. Uveze ukuthi ukungena emkhakheni wonobuhle kumfundise ukuzithanda, ukunakekela abantu nokungazenyezi ngomzimba wakhe. Othisha bakhe bathi ungumfundi ohlakaniphile futhi ozimiselayo emisebenzini nakuzivivinyo.U-Akhona ubuye assize ozakwabo esikoleni kuzifundo ezihlukene uma bebhekana nobunzima.
Lo mfundi ubuye assize ozakwabo abangenakho ukudla esikoleni ngokudla nabo okwakhe noma abaphathele okwabo.
Ubalule ukuthi: “Kusukela ngaqala ukumodela ngowezi-2018 ngaphansi kwenhlangano engenzi inzuzo, i-Umkhangu Youth Organisation, ngifunde okuningi ngokubaluleka kokuzithanda nokunikela ngaphandle kokulindela inzuzo. Ngiphinde ngafunda ngendlela ekahle yokuziphatha emphakathini nokubaluleka kokugqugquzela abantu ikakhulukazi intsha ukuba ifeze amaphupho ayo.”
Uthe ikhono lokumodela laqala ukuziveza kumncintiswano wakhe wokuqala owawuhlelwe i-Umkhangu Youth Organisation ngowezi-2018 okulapho anqoba khona.
Udalule ukuthi: “Emvakwa lokho lube seluyakhula uthando lokumodela ngabe sengibona ukubangingenele eminye imincintiswano yonobuhle. Umncintiswano wami owalandela kwaba uMiss Cat Walk ngowezi-2019 owawuhlelwe uMkhandlu iTheku ngafakwa nabantu asebekhulile kunami kodwa nganqoba.”
Uqhube wathi nakuba kwamujabulisa ukunqoba kodwa okwamuthokozisa kakhulu ukufunda izinto eziningi ezimukhulisile kulo mkhakha. Omunye wemincintiswano aseke wayingenela u-Akhona kuhlanganisa neMiss Superior Queen SA.
Unina, uNksz Busisiwe Maphumulo, uthe uyaziqhenya ngendodakazi yakhe ngendlela ehlakaniphe ngayo. “Indodakazi yami iyabathanda abantu okungangokuba kayikwazi ukudla yodwa isidlo sayo sasemini uma ibona enye ingane ilambile futhi ingenakho ukudla. Sengazen gakhetha ukumufakela ukudla okuningi ukuze ezonika ezinye izingane ezeswele,” echaza.
UBusisiwe uthe indodakazi yakhe ihambela izikole ezahlukene yeluleka abafundi ngezinselelo zempilo iphinde inike abafundi abaswele imisubelo.
Manqoba Shezi
Dloko High School
Uma esephumelele ufuna ukusiza izintandane
Read More
ABAFUNDI abaningi eDloko High School babukela kuzakwabo uManqoba Shezi (19) indlela yokuziphatha ekahle.
UManqoba owenza umatikuletsheni kulesi sikole esisesigcemeni sakwa-J, eMlazi, akaconsi phansi kozakwabo ngenhlonipho nangomculo wakhe.
Uthe: “Ngingasho ukuthi ngiyisibonelo esihle kubafundi esikoleni ngoba cishe bonke babukela kimina indlela yokuziphatha ekahle nenhlonipho. Inhlonipho nokuziphatha ngikufunde ekhaya nasemphakathi njengoba ngibuye ngibe ilungu lekomidi lentsha emphakathini.”
Lo mfundi uyakholwa ukuba belingeke laziwe ikhono lakhe lokucula ukuba alugujwa uSuku Lwamagugu esikolenisakhe.
Lavela ngesikhathi yena nozakwabo wesifazane abacula naye, uNontaando Ndlovu (18), benikwa ithuba lokucula kumcimbi wokugubhauSuku Lwamagugu esikoleni sabo ngowezi-2021. Ikhono labo lathakaselw aothisha, amalungu omphakathi nabafundi, okube isizathu sokuthi basungule iqembu bobabili.
Laba bafundi sebezakhele udumo ngezingoma zabo zothando ezinkundleni zokuxhumana njengoba befakwa othisha babo. UManqoba ushaya iRap kanti uNontaando uyacula.
Uma esekhulile uManqoba ufuna ukuba uthisha nomculi odumile.Ngokusho kothisha bakhe, uManqoba ungumfundi ohloniphayo kanti izifundo enza kahle kakhulu kuzona kubalwa igeography nelife science. Ulusizo kwabanye abafundi ababhekana nobunzima kulezi zifundo njengoba ebafundisa.
UManqoba umae ngayile esikoleni ukhjonze ukupheka ukudla okwehla esiphundu abuye achithe isikhathi esiningi engadini nogogo wakhe betshala imifino. UManqoba uthe ugqugquzelwa umculi osephumelele uSbahleS1 ikhona okumunika ugqozi lokuzimisela kulo mkhakha. UManqoba umculi odumile abukela kuyena uDuncan.
Uma esephumelele ufuna ukuvula isitebele sokuqopha umculo ukuze ezosiza abaculi abasafufusa aphinde assize izintandane.“Kuminyaka ezayo ngizibona ngicula nabaculi abasezingeni eliphezulu okubalwa uBig Zulu, uMusiholiQ, uMduduzi ukusho abambalwa. Ngifuna ukwenza neziqu zobuthishela ngishintshe nesimo sasekhaya esibi. Ngikhuliswe ugogo ngemali yempesheni kodwa uyaziqhenya ngami ngoba uhlezi ethi angiqhubeke ngicule ufuna ngithole iziqu zasenyuvesi,” kusho uManqoba.
Junior & Senior Primary September
Zime Myende
eBavumile Junior Primary
Unesifiso sokunqoba iMiss South Africa
Read More
UZIME Melokuhle Myende ofunda eBavumile Junior Primary, eMlazi unesifiso sokunqoba isicoco sikaMiss South Afrika uma esekhulile.
Lo mfundi oneminyaka yobudala eyisi-9 akaconsi phansi esikoleni sakhe ngekhono lokumodela. Ikhono lokumodela seliholele uZime owenza uGrade 3 ukuba anqobe iminicintiswano ehlukene yonobuhle kulesi sikole nasemphakathini.
Othisha bakhe bamuchaza njengomfundi ohlakaniphile futhi onothando lokusiza ozakwabo kuzifundo ababhekana nobunzima kuzona. UZime uyakholwa ukuthi ikhono lakhe lizomuholela ekutheni anqobe isicoco sikaMiss South Africa eminyakeni ezayo.
Uthe uzokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi uyawungenela lomncintiswano uma esekhulile ukuze ezoshintsha izimpilo zabantu abaningi.
Lo nobuhle odabuka kwa-P kuleli lokishi, akagcini ngokuveza ikhono nobuhle kodwa ubuye asize abantu abadinga usizo nozakwabo uma bedinga usizo ngemisebenzi yesikole. UZime uthe uyakholwa ukuthi ikhono lakhe lizomuvulela iminyango. “Ngiyakholwa ukuthi eminyakeni ezayo ngizoba uMiss South Africa ngenxa yekhono enginalo lokumodela nenhliziyo enhle enginayo kwabadinga usizo,” kubeka uZime.
UZime usenqobe izicoco kumincintiswano okubalwa iQueen Sashs, iMiss liberty, iMiss Amagugu, iMiss Glamorous, iMiss isiNguni Nation ukusho emibalwa kuminyaka emibili eqale ukumodela. Uthe usazoqhubeka nokusebenza kanzima ukuze anqobe ezinye izicoco ukuze kuzofika isikhathi sokungenela iMiss South Africa esenekhono elimangalisayo.
Uma engekho esikoleni lo mfundi uchitha isizungu ngokuphucula ikhono lakhe lokumodela kanjalo nokufunda izincwadi.
UZime uqale ukumodela ngowezi-2021 kodwa uthando lwaqala kuyena eneminyaka yobudala eyisi-6. “Ngangihlezi ngimodela ngedwa ekhaya. Ngibone ukuthi nginekhono lokumodela ngowezi-2021 ngesikhathi nginqoba iMiss Wild Wild West kumncintiswano wami wokuqala,” echaza.
Eminye imincintiswano esinqotshwe uZime kubalwa iMiss Walk of Fame KZN, iMiss Inspirational Beauty, iMiss HLD, iMiss Easter Bunny SA, iMiss Elegant, iPersonality waphinde wanqoba i-Award Little Miss of the year National Annual Modeling Award South Africa (NAMASA).
High School September
Mlungisi Mpanza
Zwelethu Secondary
Ufisa ukuba umsakazo noma umlingisi
Read More
UMA esephothule umatikuletsheni ufuna ukwenza izifundo zokuba ngumlingisi uMlungisi Mpanza.
UMpanza (18) owenza uGrade 11, eZwelethu Secondary School, ubusiswe ngamakhono amaningi njengoba edume ngezinto ezihlukene esikoleni sakhe.
Lo mfundi akaconsi phansi kothisha nabafundi njengoba edume ngokuqhulula amahlaya nezingoma zikaMaskandi esikoleni. Ukuthanda uMaskandi kuholele ekutheni adume ngelikaGcoKama uMpanza esikokeni. Lo mculi kaMaskandi kuFacebook wazima njengosomahlaya.
UMpanza ubuye abengumbhali wezinkondlo nomeluleki wabantu ababhekene nezingqinama empilweni. Uthe uma iphupho lakhe lokuba umlingisi lingaphumeleli uzokwenza izifundo zokuba umsakazi. Esikoleni uMpanza ungumfundi odume ngokuhlanzeka nokugqoka umfaniswano wesikole ophelele ngasosonke isikhathi.
Udalule ukuthi ungumfundi obahloniphayo othisha nothandwa cishe bonke abafundi esikoleni. “Ngingumfundi onothando kubantu kanti ngihleka nabo bonke abafundi esikoni. Ngiyacabanga ukuba ngihluke kakhulu kunabanye abafundi ngenxa yamakhono enginawo. Abanye abafundi baze bathi bayajabula uma behleli nami ngoba ngiwumuntu wamahlaya futhi ngibuye ngibasize baqhamuke nezisombululo kuzinselelo zempilo ababhekana nazo,” esho.
Uthe iphupho lokuba umsakazi noma umlingisi lafika kuyena esafunda kusikole samabanga aphansi. “Emphakathini ngaziwa njengomfana ocula uMaskandi. Ngiphinde ngaziwe njengomsunguli weBrand eyaziwa ngelikaDesperSal Clothing. Ngingasho ukuthi ngiyisibonelo esihle kwabanye abantu, ikakhulukazi kubafundi ngoba abanye babo sebefunde izinto eziningi kimina,” eveza.
Ubalule ukuthi unekhasi elidumile eMlazi elitholakala kuFacebook ngegama elithi “Mlazi Joke’s” okulapho beqhulula khona amahlaya yena nozakwabo. “Le khasi laziwa ngokuthi elabafundi lapho befaka khona amahlaya abo bese kubamnandi. Umnikazi waleli ikhasi imina njengoba linanesithombe sami,” kusho uMpanza.
Izifundo enza kahle kuzona esikoleni kubalwa iHistory, iMaths Literacy ne-IsiZulu. Uma ufuna ukutholakabanzi ngalo mfundi ungamulandela kuFaceboook ngegama elithi U’uPrincipal Gco Kama, kuTiktok ngelithiSalabemzonda01 kanti ku-Instagram ungamubheka ngelithi iGco Kama lll.
Neliswa Bhengu
Zwelethu High
Ukuzimisela kwakhe kugqugquzela abanye abafundi
Read More
UYAKHOLWA ukuthi ukuzimisela entweni ayenzayo ikhona okwenza aphumelele uNeliswa Bhengu ongumfundi waseZwelethu High School.
UNeliswa odume ngekhono lakhe lokudansa nokwenza ezibukwayo kusifundo iPhysciacal Science ufuna ukuba iDatabase Administrator. Lo mfundi wesifazane oneminyaka yobudala eli-17 wenza uGrade 11 kanti uyazethemba ukuba uzongena egijima kumatikuletsheni ngonyaka ozayo.
Ngokusho kothisha, ukukhalipha kukaNeliswa ikhona okumenza njalo ngonyaka ukuba abalwe nabaphuma phambili ngokuphumelela ngamalengiso izivivinyo esikoleni. Nyakenye efunda uGrade 10 kulesi sikole, uNeliswa uklonyeliswe ngendondo emva kokubashaya amakhanda ozakwabo ngokuphumelela ngamalengiso izivivinyo.
Umangaze othisha nozakwabo nyakenye ngesikhathi ethola amaphesenti ali-100 kuPhysical Sciences eKutlwanong Promaths Centre kusiFunda saseMlazi. Ezinye izifundo aziphumelela ngamalengiso uNeliswa kubalwa iMathematics, iLife Sciences, ne-Information Technology.
UNeliswa uthe ukuzikhandla kwakhe ngemisebenzi yesikoleni ikhona okumenza agqugquzele ozakwabo ukuba benze kancono. Ngokusho kothisha bakhe, abafundi abaningi babukela kuyena uNeliswa njengoba engumfundi obuye athande ukunakekela imvelo aphinde aqwashise abantu ngokuguquka kwesimo sezulu.
“Empeleni anginaso isikhathi sokuphumula ngoba uma ngingekho esikoleni ngihlezi ngiseKutlwano Centre ngifunda iMaths nePhysical Science. Inhloso yami ukuzibona ngingumpetha ezibalweni nakusayensi. Kule ndawo ngibuye ngisize izingane uma zenza imisebenzi yesikole ehlukene,” kusho uNeliswa.
Junior & Senior Primary July
Luthando Cele
Sukuma Combined School
Unesifiso sokuba umdansi ohamba phambili
Read More
UMA esekhulile uLuthando Cele ongumfundi waseSukuma Combined Primary School, eMlazi, ufuna ukuba umdansi nonobuhle ohamb aphambili kuleli.
ULuthando wakwa-M kuleli lokishi ufunda ibanga lesi-6 lesi-6 kanti esikoleni sakhe udume ngokuba umfundi ovelele ngokudansa nokumodela. Othisha bakhe bamuchaza njengomfundi ohlakaniphile, olinono futhi ohloniphayo. Izifundo enza kahle kakhulu kuzona kubalwa isiNgisi nezibalo.
Baphinde bamuchaze njengomfundi ophaphile, osheshayo ukubamba afundiswa khona esikoleni nokwenza ezibukwayo ekudwebeni.
Uma engekho esikoleni uyasina, amodele aphinde aye esontweni. Uthe ngoMgqibelo uyakomodela bese ngeSonto alibangise esontweni.
Elinye iphupho lakhe uba udokotela ukuze ezokwazi ukwelapha abantu. Uthe inhloso yakhe ukuzimisela ezifundweni ukuze ezophumelela ngamalengiso kumatikuletsheni. Nakuba kukhona abamedlulayo kwezinye izifundo kodwa ubalwa nabathola imiphumela emihle kakhulu kuzona.
Ungumfundi onesineke futhi onozwelo kozakwabo. Unothando lokusiza ozakwabo uma bebhekana nezinkinga kumisebenzi yabo yesikole. Ngenxa yokukhalipha kwakhe, uLuthando uklonyeliswe ngezindondo kanye nemiklomelo eyahlukene kusukela kumabanga asedlule kuwona.
Othisha bakhe bayakholwa ukuthi uLuthando uzophumelela empilweni ngoba ungumfundi ozinikelayo kuzinto azenzayo.
Mpilwenhle Magcaba
Thamela Primary
Ufisa ukuba umqeqeshi wekhilikithi
Read More
IPHUPHO likaMpilwenhle Magcaba ukuba umqeqeshi wekhilikithi uma esekhulile.
Ikhono lokudlala ikhilikithi liziveze kuMpilwenhle ofunda eThamela Primary School, emva kokubaejoyineiqembulesikolelalomdlalo.Uthe uthando lokudlala ikhilikithi lufike kuyena emva kokubona ozakwabo beyidlala.
“Bengihlezi ngizitshela ukuthi ikhilikithi idlalwa asebekhulile kuphela. Ukubona kwami abafanyana bedlala ikhilikithi kushintshe ingqondo yami ngabona ukuba ngingakwazi ukufeza iphupho lami lokuba umqeqeshi walo mdlalo uma sengimdala,” ebeka.
Ngokusho kothisha bakhe, uMpilwenhle ungumfundi othanda ukuba phambili nokuba umholi uma kukhona imicimbi eyenziwa esikoleni. Bamuchaza njengomfundi owenza kahle ezifundweni njengoba eziningi eziphumelela ngamalengiso. Uchazwa njengomfundi onothando lokusiza ozakwabo kuzifundo ezahlukene.
UMpilwenhle waziwa njengomfundi oyisibonele kozakwabo futhi uyazimisela emsebenzini wesikole nakwezemidlalo.Ukuzimisela kwakhe kwezemidlalo sekumenze ukuba aklonyeliswe ngezindondo ezahlukene kumicimbi yekhilikithi kule ndawo nasesikoleni sakhe.Uma engekho esikoleni uzijabulisa ngokudlala unobhutshuzwayo bese efundisa ozakwabo abanothando lokudlala ikhilikithi.
Ekhulumangempumelelo yakhe uMpilwenhle, ubonge othisha nabazali bakhe ngokumeseka ukuba abeyilo mfundi anguyena.
Uthe: “Othisha nabazali babamba iqhaza elibonakalayo ukuze ngithole izindondo eziningi esikoleni. Ngibonga noNkulunkulu ngengqondo angipheyona.”
High School July
Alwande Sabela
Sbusisiwe Comprehensive Technical High
Ungumfundi oyisibonelo esihle kozakwabo
Read More
U-ALWANDE Sabela uchazwa othisha bakhe njengomfundi oyisibonelo esihle kozakwabo esikoleni.
Lo mfundi waseMlazi owenza ibanga lesi-10 eSbusisiwe Comprehensive Technical High School, udume njengohloniphayo, ohlanzekile, ophumelela ngamalengiso kuzifundo zakhe nokwazi ukuhlela izinto zakhe.
U-Alwande oneminyakayobudala eli-15 uphinde adume ngokuhamba phambili ngekhono lakhe lokumodela njengoba esenqobe izicoco ezinhlanu kusukela engine kumkhakha wonobuhle nyakenye.
Izicoco asezinqobile kubalwa iPublic Choice amahlandla amabili, iMiss Summer Splash Queen, iMiss Teen Umlazi Exquisite Queen neMiss Curve OSS. Eminye angatholanga indawo yokuqala kuyona kodwa wazuza izicoco kubalwa iMiss KZN Elegent, iMiss Royalty Durban neMiss Durban.
Othisha bakhe bamuchaza njengomfundi othanda futhi osiza ozakwabo uma bebhekana nezingqinamba kuzifundo ezahlukene. Lo mfundi ubukeka enamakhono ahlukene njengoba ebuye achazele ozakwabo lapho bengaqondi khona.
Uma esephothule umatikuletsheni ufuna ukwenza izifundo zeQuantity Surveying bese esungula nenhlangano engenzi inzuzo ezothuthukisa abesifazane. Izifundo aziphumelela ngamalengiso kubalwa isiZulu, icivil engineering, Izibalo nesiNgisi.
Uma engekho esikoleni u-Alwande upheka ukudla okwahluke nenjengoba ezifela ngokupheka. U-Alwande uthe ikhono lakhe lokupheka lisezingeni eliphezulu njengoba ekwazi ukupheka izinhlobo zokudla okwehla esiphundu ezahlukene.
Njengoba eyintombazane enesineke, u-Alwande ubuye asebenzise isikhathi sakhe sokujabula ukuthuthukisa ikhono lokumodela entsheni. Ufundisa intsha ezibukela phansi ukuba iziqhenye ngemizimba yayo.
Junior & Senior Primary June
Lethokuhle Phungula
Qondokuhle Primary
ULethokuhle udume ngokuba usizo kozakwabo
Read More
NGOKUSHO kothisha bakhe uLethokuhle Phungula oneminyaka yobudala eyisi-8 ungumfundi ohlakaniphile futhi ozimiselayo emsebenzini wakhe.
Lo mfundi waseQondokuhle Primary School, eMlazi, akagcini ngokuduma ngokukhalipha kodwa ubuye aziwe kakhulu esikoleni ngekhono lakhe lokumodela. Othisha bayakholwa ukuthi uLethokuhle ofunda ibanga lesi-3 ungumfundi oyisibonelo esihle futhi olusizo olukhulu kozakwabo esikoleni njengoba ebuye abasize lapho behluleka khona kumisebenzi yesikole.
ULethokuhle uyakwazi ukweluleka ozakwabo abaphumayo endleleni aphinde abasize ngezinto ezahlukene njengoba eyiprefect. Uhamba phambili kusifundo sezibalo, isiNgisi nesiZulu. Iphupho lakhe uma esekhulile ufuna ukuba udokotela futhi abe unobuhle ohlonishwa umhlaba wonke ngekhono lakhe kanjalo nokwenza umehluko emiphakathini.
Uma engekho esikoleni uLethokuhle uzijabulisa ngokufunda izincwadi, ukuziqeqeshela ukumodela kusikhungo i-Elite Achievers nokwenza umehluko emphakathini ngezinhlelo zakhe ezahlukene.
Imincintiswano aseyinqobile uLethokluhle kubalwa iMiss Little Steady SA (Elite), iMiss Prestigious Petite(2nd runner), iMiss Face of UMlazi T/S Petite( Queen) neLittle Miss UMlazi Ward 84 (2nd princess). Othisha bathi bayaziqhenya ngokuba nomfundi ohlakaniphe ngalolu hlobo futhi onamakhono ahlukene amangalisayo.
Luthando Gambushe
Maranatha Primary
ULuthando ubashaya amakhanda onobuhle
Read More
UKUNGABI namahloni uma ephambi kwabantu, ukuhlakanipha nokuba nekhono lokumodela elimangalisayo izinto adume ngazo esikoleni sakhe.
Lo mfundi webanga lesibili eMaranatha Primary School, eMlazi, uzihambela yedwa konobuhle abancane njengoba enqobe izindondo ezingama-21 kunyaka wokuqala engene kulo mkhakha nyakenye.
ULuthando oneminyaka yobudala eyisi-7, akaconsi phansi kothisha bakhe esikoleni njengoba ephumelela ngamalengiso izifundo zakhe. Akagcini ngokuba nengqondo ekhaliphile kodwa ubuye abe nothando lokusiza ozakwabo abahlulekayo ukwenza umsebenzi wabo wesikole.
Lo nobuhle wakwawadi 83 kuleli lokishi unesifiso sokungenela aphinde anqobe isicoco sikaMiss South Africa. Uyazifela ngokumodela njengoba echitha isikhathi esiningi ezilolonga kwazise ungenela imincintiswano eyahlukene.
Uma engekho esikoleni uLuthando, unikela kwabahlwempu emphakathini, asize esontweni eliseduze kwakubo abuye alethe injabulo kozakwabo ngokubalethela imidlalo eyahlukene. Isifiso sakhe ukuba anqobe imincintiswano emikhulu ukuze ezothola abaxhasi bese eqhubeka nezinhlelo zakhe zokwenza umehluko emphakathini. Elinye iphupho lakhe ukuba udokotela ukuze ezolapha abagulayo.
ULuthando ungaphansi kwesikhungo esiqeqesha onobuhle iDream Chasers enganyelwe uTamera Londeka kaMadlala Mavundla. Uqale ukufunda kulesi sikhungo ngowezi-2022 kodwa usenqobe izicoco ezingama-21 kumincintiswano yonobuhle eyahlukene.
Unobuhle abukela kuyena uZozibini Tunzi owanqoba iMiss South Africa ngowezi-2019. Kwezinye izinhlelo zakhe ubuye ahlanze izindawo ngokuqoqa imfucuza abuye abe i-usher e-Uniting Reformed Church in South Africa kwa-B kuleli lokishi.
Uhlose ukuphothula umatikuletsheni bese enza izifundo zobudokotela kusikhungo semfundo ephakeme. Uyakholwa ukuthi imfundo iyisisekelo sempilo kanti ugqugquzela ozakwabo ukuba bagxile esikoleni futhi bathuthukise amakhono abo ukuze bafeze amaphupho abo. ULuthando ubona ukumodela njengento eshintshe impilo yakhe njengoba efunde ukukhuluma phambi kwabantu, indlela ekahle yokuxhumana nabantu nokuzigqaja ngomzimba nangempilo yakhe.
High School June
Andiswa Gumede
Shumayela Secondary
U-Andiswa ugqugquzelwa impilo akhule ngaphansi kwayo
Read More
UBUNZIMA abhekana nabo ekhula ibona obenza u-Andiswa Gumede ukuba aphumelele ngamalengiso kuzifundo zakhe esikoleni.
Ukukhuliswa umama ongasebenzi osebenzisa izandla zakhe ukuze balale bedlile kugqugquzela lo mfundi waseShumayela Secondary School, eMlazi, ukuba abaqwaqwade emakhanda ozakwabo kuzifundo okubalwa izibalo, isayensi, isiZulu neLife Science.
U-Andiswa ofunda ibanga lesi-10 kulesi sikole esisesigcemeni sakwa-Q, uchazwa othisha bakhe njengomfundi ohloniphayo futhi ozimiselayo kuzifundo zakhe.
Isimo esinzima akhule ngaphansi kwaso isona esigqugquzela u-Andiswa ukuba aphumelele ngamalengiso kuzifundo. Uthe umama wakhe uthunga amaphinifa aphinde awathengise ukuze balale bedlile ngenxa yokushoda komsebenzi.
Inhloso yakhe ukuphothula umatikuletsheni bese enza izifundo zokuba usonhlalakahle ukuze ezosiza abantu abahlwempu aphinde anike unina impilo engcono. Uveze ukuthi othisha bakhe nabo bayamugqugquzela ukuba enze kahle ezifundweni ukuze ezoshintsha impilo yakhe.
Akukho okutheni azijabulisa ngakho uma engekho esikoleni njengoba echitha isikhathi esiningi kuzincwadi zakhe abuye asize unina ukuba bathengise amaphinifa. Ngokusho kothisha, u-Andiswa ungumfundi othanda ukuthula futhi unothando lokusiza ozakwabo egumbini lokufunda.
Akuyona into entsha ku-Andiswa ukuphumelela ngamalengiso kuzifundo njengoba nasesikoleni samabanga aphansi aphothule kusona i-Isipingo Primary, School ubenza okufanayo. Ugqugquzela abafundi ukuba bathande isikole ukuze bezohlakanipha futhi babe nekusasa eliqhakazile.
Ululeka abafundi ukuba bahloniphe futhi bazi ukuthi bazonzani esikoleni. Uthe abafundi kumele bazi ukuthi ikusasa labo lisezandleni zabo.
Junior & Senior Primary April
Nqobile Radebe
Athlone Park Primary
Ulwa nokuhlukumezana kwabafundi
Read More
UNQOBILE Radebe waziwa kakhulu esikoleni sakhe njengomfundi oyimelayo into yakhe futhi olwisana nokuhlukumezana phakathi kwabafundi.
Mumva nje, lo mfundi webanga lesine e-Athlone Park Primary School, usanda kuphunyuka kuzakwabo obemuhlukumeza kulesi sikole emva kokuba ephumele obala. UNqobile uthe ukuzimela kwabamuhlukumezayo ukufunde ngesikhathi eqeqeshwa kuhlelo iSakhisizwe Ngomuntu Wesifazane (SINW).
“Ngiyaziwa esikoleni ukuthi ngiyakwazi ukuzimela uma ngihlukunyezwa omunye uzakwethu. Njengoba ngingunobuhle ngibuye ngivakashele izikole ezihlukene ngiqwashise abafundi ngobubi bokuhlukumezana. Kubalulekile ukuba abafundi baqwashiswe ngokuhlukumezana ngoba kulimaza isithunzi nokuziqhenya komuntu,” esho.
Izifundo enza kahle kakhulu kuzona uNqobile kubalwa isiZulu, iLife Orientation nezibalo. Okunye adume ngakho uNqobile ukuba ngunobuhle ovelele esikoleni sakhe njengoba ephethe isicoco iSINW Junior Queen 2022/23. Sikhuluma nje uNqobile usefinyelele kowamanqamu kumncintiswano wonobuhle wezwe iMiss Global Princess South Africa.
Ngokungenela lo mncintiswano, uNqobile uthe inhloso yakhe ukuba afeze iphupho lakhe lokunakekela abantwana abangenabo abazali nabahluphekayo ngaphansi kwenhlangano yakhe engenzi inzuzo iSmile of a Child.
“Ngihlose ukuba ngibasize baphumelele empilweni futhi ngilethe injabulo kubona ngokwenza izinto ezihlukene,” echaza. UNqobile uqale iPeanut Butter Campaign lapho ezohambisa khona ipeanut butter nezinto zokudla ekuseni kumindeni ehluphekayo.
High School April
Andiswa Buthelezi
Shumayela Secondary
Wenza ezibukwayo kuzibalo nesayensi
Read More
IPHUPHO lokuba udokotekla liholele u-Andiswa Buthelezi ukuba asebenze kanzima ukuze aphumelele ngamalengiso kuzifundo ezisemqoka kulo mkhakha.
U-Andiswa, 17, owenza uGrade 12 eShumayela Secondary School, uhamba phambili ngokwemiphumela kuzifundo iPhysical Science neMathematics. Lo mfundi uyakholwa ukuthi kumele asebenze kanzima ukuze afeze iphupho lakhe lokuba udokotela.
“Lezi zifundo engiphumelela ngamalengiso kuzona ngoba ziyadingeka kakhulu uma ufuna ukuba udokotela. Nakuba ngibuye ngihlangabezane nezingqinamba ezihlukene kuzibalo kodwa ngoba ngiyazithanda ngenxa konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi ngiziphumelela ngamalengiso. IPhysical Science yona ngiyayithanda kanti akukho okutheni okunginika ingcindezi kuyona,” kusho u-Andiswa.
Uthe into emugqugquzela ukuba enze kancono esikoleni ukufeza iphupho lakhe lokukhula azimele. “Inhloso yami ngifuna ukuba umuntu wesifazane ozimele ongathembeli kowesilisa ukuze athole akudingayo. Ngifuna ukuziqhenya ngokuzikhandla kwami, kanjalo nomndeni wami ngifuna uziqhenye ngempumelelo yami,”ebeka.
Udalule ukuthi uma iphupho lakhe lokuba udokotela lingaphumeleli uzokwenza izifundo iChemical Engineering noma i-Actuarial Science. Uthe into ayithanda kakhulu ngale mikhakha ukuthi iholo lakhona kalikhalisi kwabasebenza kuyona.
U-Andiswa ubuye adume ngokuba yingxenye yemincintiswano wezinkulumompikiswano neye-spelling kulesi sikole kanti uhlezi ebalwa kwabayisihlanu abaphumelele njalo nonyaka. Wenxusa ozakwabo ukuba bazinikele ezifundweni zabo ukuze baphumelele. “Ngigqugquzela abafundi bamabanga ahlukene ukuba bagweme ukuvilaphela ukufunda. Kubalulekile uma ungumfundi ukuba uzijwayeze ukufunda noma zingekho izivivinyo ukuze uphumelele ngamalengiso,” kusho umfundi.
Weluleka ozakwabo ukuba babuze kuthisha uma kukhona lapho bengaqondi khona.
Aphelele Khuzwayo
Umlazi Commercial High
Ubashaya amakhanda ezifundweni
Read More
UMFUNDI wase-Umlazi Commercial High School u-Aphelele Khuzwayo udume ngokukhalipha okumangalisayo ezifundweni.
Lo mfundi wesigceme sakwa-Z usanda kubashaya amakhanda ozakhwabo kumiphumela yezivivinyo zokuqala konyaka okulapho ethole khona izindondo ezine. U-Aphelele uthole izindondo emva kokuzuza amamakhi angaphezulu kozakwabo kuzifundo okubalwa i-Economic and Management Science (EMS), i-Social Science (SS), iNatural Science (NS) neyokuphuma phambili kwabali-10 abeqhathwe nabo.
Kulezi zifundo u-Aphelele oneminyaka yobudala eli-14, uthole amaphesenti angama-90 ku-EMS, wathola angama-91 kuSS waphinde wathola angama-97 kuNS. Ngokusho kuka-Aphelele, ukuzimisela esikoleni ikhona okumenza aphumelele ngamalengiso izifundo zakhe.
Othisha bakhe baveze ukuthi u-Aphelele ungumfundi osebenza ngokuzikhandla esikoleni futhi uyahlonipha kanti uyathanda ukusiza ozakwabo. Uma engekho esikoleni u-Aphelele uthe uzijabulisa ngokudweba okuyinto azifelayo ngayo. Uthe ubuye azifundise ukukhuluma phambili kwabantu nokulingisa uma ehleli ekhaya kwazise ufisa ukuba ngumlingisi.
“Uma sengiphothule umatikuletsheni ngifuna ukwenza izifundo zokulingisa ukuze ngizolingisa kumidlalo kamabonakude. Ngingasho ukuthi ukulingisa kuyinto engiyithanda kakhulu kusuka ngimncane,” echaza.
Uthe inhloso yakhe ukukhiqiza imidlalo kamabonakude bese akha amathuba emisebenzi ngokuqasha abalingisi, abaqondisi nababhali.
Junior & Senior Primary March
Ntandoyenkosi Khumalo
Emthethweni Primary
UNtandoyenkosi udume ngokusiza ozakwabo
Read More
ESIKOLENI sakhe uNtandoyenkosi Khumalo udume ngokudlala ichess, ukudweba, ukuthanda ukufunda nenkulumo mpikiswano.
Lo mfundi wase-Emthethweni Primary School, eMlazi, usanda kuklonyeliswa ngezindondo emva kokuba ephumelele ngamalengiso izifundo okubalwa isiZulu, iMathematics, iLife Skills, iNatural Science and Technology neSocial Science.
UNtandoyenkosi owenza ibanga lesikhombisa kulesi sikole, uchazwa othisha bakhe njengomfundi ohlakaniphile, ohloniphayo, ozimiselayo emsebenzini wesikole ngaso sonke isikhathi.
Ungumfundi onesineke futhi onozwelo kozakwabo. Unothando lokusiza ozakwabo uma bebhekana nezinkinga kumisebenzi yabo yesikole. Ngenxa yokukhalipha kwakhe uNtandoyenkosi uklonyeliswe ngezindondo kanye nemiklomelo eyahlukene kusuka emabangeni asedlule kuwona. Uphumelela ngamalengiso kuzona zonke izifundo zakhe ikakhulukazi ezobuchwepheshe. Lo mfundi oziqambela izinto bese eyazenza uveze ukuthi unesifiso sokuba udokotela.
Uthisha wakhe uyakholwa ukuthi uNtandoyenkosi uzophumelela empilweni ngoba uyazinikela kuzinto azenzayo. Uchazwa njengomfundi ozinikelayo futhi ongazinyezi ekwenzeni izinto ezizothuthukisa isikole.
High School March
Karabo Ndimande
Shumayela Secondary
wenza ezibukwayo kunobhutshuzwayo
Read More
UMA kuza ebholeni labesifazane lanobhutshuzwayo kuyaziwa ukuthi uKarabo Ndimande uyena ohamba phambili eShumayela Secondary School, eMlazi.
Lo mfundi owenza uGrade 11 kulesi sikoleni esisesigcemeni sakwa-Q, udume ngokwenza ezibukwayo kunobhutshuzwayo kwiqembu lesikole nangaphandle.
UKarabo useke waveza ikhono lakhe kumaqembu abesifazane okubalwa iKaizer Chiefs FC neqembu lesizwe i-Banyana Banyana. Uthe ikhono lanobhutshuzwayo laziveza kuyena edlala kwiqembu le-Isipingo Primary School okulapho ayefunda khona.
UKarabo ongumdlali wasemumva, uthe unobhutshuzwayo usho lukhulu kuyena ngoba umenza azizwe ephilile emzimbeni nasemoyeni. “Ukudlala ibhola kungenza ngizizwe ngikhululekile emoyeni nasemzimbeni wami. Ikhona okungijabulisayo futhi engikwenza kancono kunezinye izinto,” esho.
Weluleka abafundi ukuba baphucule amakhono abo ngoba abalazi ikusasa ukuba libaphatheleni. “Kubalulekile ukuba abasebasha baphucule amakhono abo ngaphandle kokushiya isikole ukuze bathole izinto abangaphumelela ngazo empilweni. Ukuphucula ikhono kuyazisa ukuba ukwazi ukuphumelela ngalo uma kungalungi esikoleni,” kusho uKarabo.
Uthe kubalulekile ukuba abafundi bakhe isikhathi esanele sokufunda nesokuphucula amakhono abo. “Mina okwamanje ngigxila kakhulu esikoleni ngoba ngiyabona ukuthi ngiyaphazamiseka uma ngisisheba nebhola. Izingqondo zethu azifani kukhona abantu abakwazi ukusheba izinto eziningi nesikole. Mina ibhola ngilidlala ngezimpelasonto ngoba ngifuna ukuba nesikhathi esanele sesikole ngoba ngiyabazi ukubaluleka kwaso,” echaza.
Uveze ukuthi isifiso sakhe ukuzibona edlala kumaqembu anobhutshuzwayo asezingeni eliphezulu kuleli nakwiqembu lesizwe labesifazane. Uthe: “Ngiyakholwa ukuba ibhola ngizophumelela ngalo ngoba ngenza ezibukwayo uma sengidlala. Ngiyafiza ukuzibona ngidlala kumaqembu abesifazane ahlonishwa umhlaba wonke.”
Nkululeko Mbambo
Shumayela Secondary
Udume ngokuphumelela ngamalengiso kusayensi nezibalo
Read More
UNKULULEKO Mbambo odume ngokuphumelela ngamalengiso izifundo zesayensi, unesifiso sokuba udokotela.
Lo mfundi owenza uGrade 11, eShumayela Secondary School, wenza ezibukwayo kuzifundo okubalwa iPhysical Science neMathematics. Nakuba kukhona abamudlulayo kuConsumer Studies kodwa ubalwa nabathola imiphumela emihle kakhulu kuyona.
KuGrade 10 wabashaya amakhanda kumaterm amaningi waze waklonyeliswa ngendondo esikoleni. UNkululeko uthe: “Kuterm yokuqala ngabashaya amakhanda esikoleni ngemiphumela yami kusayensi nakuzibalo. Kweyesibili ngaphuma endaweni yesihlanu kodwa ngabuya ngenza engidume ngakho ukuthatha indawo yokuqala kumaterm alandelayo.”
Udalule ukuthi ukudlala egumbini lokufunda ikhona okwenza athole imiphumela emincane kunozakwabo kuterm yesibili.
Uthe wazikhetha lezi zifundo ngoba ezithanda kanti futhi uyakholwa ukuthi zinamathuba amaningi okuphumelela. “Ngiyazimisela uma ngenza lezi zifundo ngoba ngiyazithanda. Isikhathi sami esiningi ngisichitha kuzona ngoba zibalulekile kimina nokuthi ngiyazi ukuba ngifunani ngazo,” ebeka.
Isifiso sokuba udokotela kuNkululeko safika efunda uGrade 7. “Kungiphatha kabi ukubona abantu begula kodwa bema kolayini abade ezibhedlela nasemitholampilo ngenxa yokungabi nemali yokukhokhela odokotela. Inhloso yami yokufuna ukuba udokotela ukuthi ngikwazi ukulapha abantu ngaphandle kokubeka inzuzo phambili. Okunye ukuthi ngiyakuthanda ukuba udokotela ukuze ngizoqhamuka namakhambi azolapha abantu bakithi,” kusho uNkululeko.
Uthe into emenza anyuse amasokisi ezifundweni zakhe ukuthi uyazi izifundo zobudokotela zidinga amaphesenti amaningi kumiphumela kamatikuletsheni. UNkululeko wenxusa abafundi ukuba bagxile kuzifundo zabo ukuze babe yilokhu abafuna ukuba yikho kusasa.
“Uma ungumfundi asikho isifundo okumele usithathe kancane ngoba lokho kuzokwenza ukuba uthole amaphesenti amancane kumiphumela yokuphela konyaka. Inhloso yami ukuphumelela ngamalengiso zonke izifundo zami ukuze ngizongena kalula kuzifundo zobudokotela. Abafundi kumele bayeke lento yokuthi isayensi nezibalo zinzima ngoba zonke izifundo zidinga ukuba ube nesineke nothando lwazo ukuze uphumelele,” esho.
Junior & Senior Primary February
Khwezi Nxumalo
Fundakahle Primary
Umfundi obashaya amakhanda ngezindondo
Read More
UKHWEZI Nxumalo ongumfundi waseFundakahle Primary School eMlazi, udume ngokuqoqa zonke izindondo esikoleni sakhe.
Lo mfundi kaGrade 6, kuzindondo eziyisi-7 azizuzile kubalwa eyokuba umfundi ohamba phambili ezifundweni, eyokuvelela kuzifundo okubalwa izibalo, isiNgisi, iSocial Sciences, iNatural Science and Technology neyokuba ngumfundi ohamba phambili ekufundeni isiNgisi.
UKhwezi uyiPrerfect lesikole futhi ukuthimba labenza izinkulumompikiswano. Usiza abafundi esikoleni sakhe nangakubo ukubenzisa umsebenzi wesikole wasekhaya.
Ekhuluma ngempumelelo yakhe uKhwezi, ubonge othisha nabazali bakhe ngokumeseka ukuba abe yilo mfundi anguyena. “Othisha nabazali babamba iqhaza elibonakalayo ukuze ngithole izindondo eziningi esikoleni. Ngibonga noNkulunkulu ngengqondo angiphe yona,” esho.
Ngokusho kothisha bakhe, uKhwezi ungumfundi ohloniphayo nozimiselayo emsebenzini wesikole kuzona zonke izifundo azifundayo. Ungumfundi olalelayo futhi uyabuza uma engazwanga ekilasini.
Ngenxa yokukhuthala nokuhlakanipha kwakhe esikoleni, nyakenye uKhwezi uklonyeliswe ngezindondo eziningi ukwedlula bonke abafundi kulesi sikole. UKhwezi unesifiso sokuba udokotela kanti lokhu akubamangazi othisha njengoba ekhombisa ukuzinikela emsebenzi wesikole, ukuhlanzeka nokuthanda abantu.
High School February
Luyanda Jali
Shumayela Secondary
Unesifiso sokuba umdlali kanobhutshuzwayo ovelele
Read More
WENZA ezibukwayo kunobhutshuzwayo uLuyanda Jali ongumfundi waseShumayela Secondary School, eMlazi.
Lo mfundi wasesigcemeni sakwa-C kulona leli lokishi, akaconsi phansi kozakwabo nothisha ngekhono lakhe kunobhutshuzwayo. Usezuze izindondo ezahlukene ngokudlala unobhutshuzwayo kulesi sikole. ULuyanda uthe unobhutshuzwayo nesikole kumunika injabulo empilweni yakhe.
“Uma ngidlala ibhola noma ngisesikoleni ngizizwa ngikhululekile enhliziyweni yami ngoba ngisuke ngenza izinto engizithandayo. Esikoleni othisha bayazi ukuthi ngiyalithanda ibhola futhi bayaqinisekisa ukuthi bayanginika ithuba lokulidlala esikoleni uma kunemincintiswano,” esho.
Uthe isikhathi sakhe esiningi usichitha enkundleni yezemidlalo yangakubo ezilolonga ukuze abe umdlali wakusasa ovelele. Uqhube wathi, okumugqugquzela ukuba agxile kunobhutshuzwayo ukuba nomzimba onempilo nemali eholwa abadlali.
“Ngizokwenza konke okusemandleni ukuze ngiphumelele kunobhutshuzwayo. Isikole ngeke sisale ngemumva ngesikhathi ngizama ukuphumelela kunobhutshuzwayo ngoba naso ngiyasidinga ukuze ngikwazi ukubhekana nezingqinamba kulo mkhakha,” kusho uLuyanda.
Ubonge umndeni wakhe ngokumeseka esikoleni nokuqinisekisa ukuthi uyakuthola konke akudingayo kunobhutshuzwayo. Weluleke ozakwabo ukuba benze okubajabulisayo okuzobayisa phambili empilweni kodwa babeke phambili imfundo ngoba iyisisekelo sempumelelo.
Okuhle Nsindane
Shumayela Secondary
U-Okuhle wenza ezibukwayo esikole
Read More
UMFUNDI waseShumayela Secondary School esigcemeni sakwa-Q eMlazi u-Okuhle Nsindane, uyakholwa ukuthi ukuzimisela kokwenzayo yikhona okuzala impumelelo.
U-Okuhle, 15, owenza ibanga lesikhombisa (Grade 7) kulesi sikole, uthe ukuzimisela ezifundweni zakhe kumuholele ekutheni ahlonishwe esikoleni sakhe ngokuphasa ngamalengiso izifundo nyakenye. “Kuzifundo eziyisi-9 engizenzayo ngithole o-distinctions abayisi-7 ngabe sengithola uLevel 6 kwezimbili. Lokhu kudalwe ukuzimisela emsebenzini wesikole noxhaso engiluthola ekhaya,” ebeka.
Nyakenye lo mfundi uphume endaweni yesibili ngesikhathi encintisana namakhulu abafundi abebengenele umncintiswano wesipelingi obubanjwe kwindawo yokuthandazela kulesi sikole.
Uthe efika kulesi sikole ubesaba, kodwa ngokuhamba kwesikhathi wabona ukuthi ayikho into okumele ayisabe ngoba ufuna ukuphucula ikusasa lakhe. “Ngibonile ukuthi kumele ngigxile ekuphuculeni ikusasa lami ngokuzinikela esikoleni. Nokufundiswa abafowethu asebekhulile kunami kudlale indima enkulu ukuba ngaziwe njengomuntu ohlakaniphile esikole,” kusho u-Okuhle.
Ebuzwa ukuthi yini emugqugquzelayo ukuba enze kancono esikoleni, u-Okuhle uthe ukushintsha isimo sempilo kubo. Uchaze wathi: “Ngifuna ukufunda ngiqede isikole ukuze ngishintshe impilo yasekhaya. Empeleni angiyena umfundi ophuma ekhaya elinothile, ingakhoke ngifuna ukukhipha umndeni wami lapho uhlala khona ngiwunike impilo encono ngikwazi nami ukuzithengela izinto engizidingayo.”
Uveze ukuthi iningi lamalungu omndeni wakubo alisebenzi okwenza kubenzima ekhaya. “Kwesinye isikhathi kuyenzeka silale singadlile ngenxa yokuswela imali yokuthenga okuya ngasethunjini. Inhloso yami ukusebenza kanzima ukuze ngishintshe isimo senhlupheko yasekhaya,” esho.
Lo mfundi ugqugquzela ozakwabo ukuba bagxile esikoleni ukuze bashintshe ikusasa labo nelemindeni yabo.
Thank you for voting for your SPAR Superstar and for giving them a chance to win a SPAR Voucher
Voting for the second quarterly winners closes on August 10 2023. One junior/senior primary winner and one high school winner will be chosen based on the number of votes. Maximum of one vote per person. Look out for the SPAR Superstar winners in the Umlazi August 25th edition.
