Spar Superstars Umlazi 2024

TOP BANNER 1

Vote for your favourite SPAR School Superstar

Help them win a R300 SPAR Shopping Voucher and put them in the running to win R5000 in the KZN SPAR School Superstar competition

Junior & Senior Primary February

U-Andiswa Mzimela

Windy Heights Primary

Udume ngamakhono ahlukenUthwelwe ngeqoma kuzifundo nakwezemidlalo

Read More

AKACONSI phansi kothisha nabafundi baseWindy Heights Primary School u-Andiswa Mzimela ngokwenza ezibukwayo kuzifundo nakwezemidlalo.

U-Andiswa ofunda uGrade 7, ubashaya amakhanda ozakwabo kumiphumela yezifundo kanti uphuma phambili kweyemidlalo. Ukukhalipha kwakhe u-Andiswa kumenza ahlezi ethatha indawo yokuqala uma kukhishwa imiphumela yethemu noma yokuphela konyaka.

Ukuphumelela ngamalengiso izifundo zakhe nyakenye kumenze waqoqa izindondo eziningi kumcimbi wesikole wokuklomelisa abafundi abaphumelele ngamalengiso nyakenye.

Othisha bakhe u-Andiswa bamuchaza njengomfundi ohloniphayo, ozimiselayo kumisebenzi yesikole futhi onamakhono amaningi. Ikhono lakhe lokuba ngumholi esemncane lenza lo mfundi ukuba akhethwe njengeprefect lesikole nonyaka.

U-Andiswa uthe uzizwa ehloniphekile emva kokuba enqobe umncintiswano wonobuhle wesikole obizwa iMiss/Mr Valentine’s Day nonyaka. Lo mfundi ongazibeki phansi kuzinto ezenziwa esikoleni, uphinde abe nguSekela Kapteni weqembu lebhola lombhoxo lesikole kanti ubuye adume ngokunqoba imiqhudelwano yokugijima enamabanga amafishane.

“Ukunqoba umncintiswano wonobuhle wesikole kuletha inhlonipho kimina kwaphinde kwangiphonsela inselelo yokuba ngibe isibonelo esihle kwabanye abafundi. Ngikhuluma nje kunabafundi abaningi ababukela kimina ngendlela engenza ngayo izinto,” kusho u-Andiswa.

Lo mfundi ubuye aziwe othisha bakhe ngokuba usizo olukhulu kozakwabo uma bedinga usizo ngemisebenzi yesikoleni.

Ukwenza ezibukwayo kuzifundo nakumincintiswano yezemidlalo yesikole sekuholele ekutheni u-Andiswa aqokwe isikole njengomfundi ozosiza othisha uma kuhlolwa abafundi kusuka kuGrade 1 kuya kuGrade 4. U-Andiswa ungumfundi olalelayo futhi uyabuza uma engazwanga ekilasini, kuchaza othisha bakhe.

High School February

ULwazi Zwane

Swelihle Secondary School

Udume ngokuba usizo kozakwabo

Read More

ULWAZI Zwane ungumfundi odume ngokuba usizo olukhulu kozakwabo eSwelihle Secondary School uma bedinga izinto ezihlukene.

Ukukhalipha kukaLwazi sekuholele ekutheni aklonyeliswe ngezinto ezihlukene ngenxa yokuphumelela ngamalengiso izifundo zakhe. Lo mfundo kaGrade 12, akaconsi phansi kothisha nozakwabo ngokwenza ezibukwayo kuzivivinyo zePhysical Sciences, iMathematics, iGeography, i-English, isiZulu neLife Sciences.

Ngokusho kothisha bakhe, uLwazi (17) ulusizo kubanye abafundi uma kukhona abangakuqondi kusifundo esithile. Uma sekuphume isikole uLwazi ufundisa ozakwabo iMathematics nePhysical Science bese ebachazela ngezinto ezihlukene abangazenza uma sebephothule umatikuletsheni.

Ebuzwa ukuthi wenza ngani ukuze aphumelele ngamalengiso izifundo zakhe, lo mfundi uthe imiphumela yakhe emihle idalwa ukusebenza kanzima nokuzimisela emsebenzini wesikole.

“Ngingumfundi owuthandayo umsebenzi wesikole futhi owunakekelayo. Okunye okungenza ngiphumelele ngamalengiso ukusebenza ngokuhlakanipha nokuzikhandla. Esikoleni ngidume ngokubashaya amakhanda kumiphumela yezifundo nanokuthi ngiyakwazi ukufaka isandla ngisize abanye ezifundweni,” kusho uLwazi.

Uveze ukuthi uyathanda ukusiza ozakwabo ukuze bezophumelela bese benza umehluko emakubo nasemphakathini. “Ngingumuntu othandayo ukusiza abantu ngaphandle kokulindela inkokhelo. Ngiyakholwa ukuthi kumele sidlulise ulwazi kwabangenalo ukuze bezokwazi ukuthatha izinqumo eziphusile ngekusasa labo,” esho.

Ulwazi uthe akanaso isikhathi sokuphumula ngezimpelasonto njengoba efunda iMathematics nePhysical Sciences eKutlwanong ProMaths Centre. Uveze ukuthi uma esephothule umatikuletsheni isifiso sakhe ukwenza izifundo ze-Electrical Engineer kwesinye sezikhungo zemfundo ephakeme kuleli.

USphelele Mvubu

Swelihle Secondary School

Ubashaya amakhanda kuPhysics nakuMathematics

Read More

UMA kuzokhishwa imiphumela yethembu noma eyokuphela konyaka, uSphelele Mvubu usuke azi ukuthi uzobashaya amakhanda abanye abafundi kuZibalo nakuSayensi.

Lo mfundi kaGrade 12 waseSwelihle Secondary School, udume ngokwenza ezibukwayo kuzifundo njengoba ethola amamakhi amaningi kunozakwabo uma kuphuma imiphumela. USphelele (17) uthi imbangela yokuba aphumelele ngamalengiso izifundo okubalwa iMathematics nePhysical Science ukuthi usebenza ngokuhlakanipha kusanesikhathi.

“Engingakusho ukuthi ngisebenza ngobuhlakani ngoba angizigqilazi ngizifukuzise kepha ngisebenza kusanesikhathi. Izifundo engiziphumelela ngamalengiso kubalwa iMathematics, iGeography, iLife Science nePhysical Science ngenxa yokuthi ngiyazifunda uma sekudlule isikhathi sesikole esijwayelekile eKutlwanong,” echaza.

USphelele uzichaza njengomfundi osithandayo isikole futhi obeka imfundo phambili ngoba uyakholwa ukuthi imfundo iyona engukhiye wokufeza amaphupho. “Imfundo ngiyayithanda ngoba ngiyazi ukuthi ingukhiye wokwenza izimpilo zethu zibe ngcono. Okunye okungenza ngiphumelele ngamalengiso ukuthi nginombudlelwano obuhle nothisha ngoba ngibathatha njengabantu abadala futhi ababalulekile ezimpilweni zethu singabafundi,” esho.

Uthe umfundi ozithandela ukudlala nawo wonke umuntu esikoleni njengoba engaxwayimuntu. Ngokusho kothisha bakhe, uSphelele ungumfundi olusizo kozakwabo uma bedinga usizo kuzifundo ezithile ikakhulukazi iZibalo neSayensi.

Ukuhlala ekhaya ngezimpelasonto into ayizwa ngendaba uSphelele njengoba echitha isikhathi sakhe esiningi eKutlwanong, okulapho efuna khona iMathematics nePhysical Science. Uthe: “Angijwayele ukuba sekhaya ngempelasonto ngoba ngifunda ngoMgqibelo nangeSonto, kodwa isikhathi esincane engisitholayi ngisiza ekuhlanzeni igceke ngigeze namawindi uma kunesidingo.”

USphelele uveze ukuthi isifiso sakhe ukwenza izifundo zeBachelor of Medicine and Surgery eNyuvesi yaseKapa uma esephothule umatikuletsheni.

Thank you for voting for your SPAR Superstar and for giving them a chance to win a SPAR Voucher

Voting for the first quarterly winners closes on 9th May 2024. One junior/senior primary and one high school winner will be chosen based on the number of votes. Maximum of one vote per person. Look out for the SPAR Superstar winners in the Eyethu Umlazi May 24th edition.

TOP BANNER 2
 
Back to top button