Local newsMunicipalNews

UKhongolose ne “ANC Friday”

"Sizolwa siphuke izandla, uma kumele sife akunandaba, imikhandlu esiyiphethe sizoyilwelwa angeke siyekelele abafuna i- ANC ime ngasemnyango" kusho uLembethe.

Njengoba sibheke okhethweni lohulumeni basekhaya amaqembu ezepolitiki amatasatasa emphakathini ukuwugqugquzela ngokuvota. Umkhankaso kakhongolose i-“ANC Friday” ngaphansi komasipala be-Inkosi Bhambatha Region uyabhebhetheka futhi ususabalele kubo bonke omasipala base Mzinyathi. Ngolwesihlanu ubuholi kanye namavolontiya kaKhongolose bebubuthene eNqutu ukwethula lomkhankaso.
Ongunobhala waleliqembu kwi-Region uBheki Lembethe uthe “Zimbili izinto esiziculayo, ukuthi abantu mababhalise amapasi futhi babhalisele nokuvota.”
Okokuqala eNquthu lomkhankaso ubugasele esigodini sakwa-Vulamehlo ngomkhankaso owaaziwa ngo-Door to Door we-ANC.
Ubuholi bonke ngakusasa bundlulele eHlathidam, kanti lomkhankaso uzoqhubeka kuze kusondele usuku lokhetho kuwowonke amawadi omasipala abangaphansi koMzinyathi.
UThulile Nyathi (26) ohlala nomama wakhe nomfowabo kanye nezingane echazela uLembethe ukuthi uzovotelani uthe “ngilindele ushintso emphakathini asikhululekile ubugebengu,kuyabulawana futhi kubanjwe nenkunzi, kungabancono makungakhona ikomti elixhumanisa umphakathi namaphoyisa -CPF.”
Ugogo uVigina Duduzile Hlabangane (67) ohlala noMzukulu wakhe uthe bona abashodi ngalutho futhi imiphumela yokuvota bayibonile. “Uma uNkulunkulu esibekile siyaya okhethweni.
“Ngicela uhulumeni asinyusele imali yempesheni kuphela nje” kusho uGogo.

 

Enye ingxenye yalomphakathi ithe idinga ama-Street lights, umsele wamanzi ozovimba ukuguguleka kwemizi yabo kanye nesidingo seposi emphakathini ngoba amaposi agcwele eNquthu.

Uthe akanqeni ukuqasha imoto ukuze afike esikhungweni sokuvota ngoba uyakholelwa ukuthi uVotela amalungelo akhe, futhi uma engayi ulahle amavoti amaningi.
UThoko Mzobe (49) uthe ulindele amathuba emisebenzi, ukukhandwa kwemigwaqo engenela emakhaya.
Uthi Selokhu wahlala kwaVulamehlo uyazilungisela umgwaqo ngoba imoto azingeni kwakhe.
Uphinde waveza ukuthi yena ukhokhela amanzi nyangazonke kodwa abanye abawakhokheli.
“Sicela ukungashiswa Ilanga mahhala ezikhungweni zokuvota ngoba silindele ushintsho.”
Enye ingxenye yalomphakathi ithe idinga ama-Street lights, umsele wamanzi ozovimba ukuguguleka kwemizi yabo kanye nesidingo seposi emphakathini ngoba amaposi agcwele eNquthu.
Emva komkhankaso uLembethe ethula inkulumo yakhe kwenye yama-Car Wash edolobheni esidlweni santambama uncome amavolontiya ngokuzimbandakanya nalomkhankaso.
“Sizolwa siphuke izandla, uma kumele sife akunandaba, imikhandlu esiyiphethe sizoyilwelwa angeke siyekelele abafuna i- ANC ime ngasemnyango” kusho uLembethe.
Uthe njalo ngoLwezihlanu kumele babematasatasa emphakathini bawuqguqguzele ukuba uyovota noma bahlanze idolobha labo futhi bagqoke izikibha zeqembu labo kuze kufike usuku lokhetho.
Ongusihlalo weqembu le-IFP uKhansela Sipho Nyamane uthe ngasohlangothini lweNkatha Freedom Party akukhu ukuqhubekayo kokukhankasela unyaka ozayo ngaphandle komkhankaso osuqalile wokugcotshwa kwamaziko eNkatha.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Terry Worley

Terry Worley has been associated with the Courier for many years and is involved in the community covering a variety of issues affecting residents. He has a passion for local politics and for the history of the area.

Related Articles

Back to top button