Umbango wezikhundla usuphazmise intuthuko eNquthu
Zisazophazamiseka kakhulu izidingo zomphakathi wase-Nquthu namaphethelo njengoba kukhona umdonsiswano ongasukumi phansi eMkhandlwini phakathi kweqembu elibusayo i-ANC kanye neliphikisayo i-IFP.

Zisazophazamiseka kakhulu izidingo zomphakathi wase-Nquthu namaphethelo njengoba kukhona umdonsiswano ongasukumi phansi eMkhandlwini phakathi kweqembu elibusayo i-ANC kanye neliphikisayo i-IFP. Lamaqembu omabili aweneme ngabaholi abaphuma nhlangothi zombili abayizinhloko zokuqhubeka kokusebenza koMkhandlu.
uNobhala we ANC e-Inkosi Bhambatha Region uBheki Lembethe uvumelene nokuthi ziyama izidingo zaloMkhandlu ngoba amakhansela ebheke ekutheni ubani okumele aphume noma aphathe, ikakhulukazi kwiqembu eliphikisayo. Uthi ucabanga ukuthi ilokho okudale umsindo futhi e-Chamber ggolwesihlanu olwendlule.
Selokhu kwakhethwa uSomlomo omusha we -IFP uThokozane Ndlovu eMkhandlwini kulandela ukubulawa kwalowo owayenguSomlomo we-ANC kulonyaka u Khansela Vusi Ntombela, akukho ukuthula nokusebenzisana phakathi kwalamaqembu amabili eNqutu. Lesi simo sibonakala siya ngokujiya kakhulu futhi sibambezela nokuhanjiswa kwentuthuko emphakathini.
Phambilini amakhansela kaKhongolose kuhlanganisa noSodolobha woMkhandlu uKhansela E. Molefe, babonakala beduba umhlangano womkhandlu wokubhunga ngentuthuko ngenxa yokungaseki uSomlomo uKhansela Ndlovu we.-IFP. Ngakolunye uhlanganothi iNkatha ifake incwadi yokwehlisa uMeya womkhandlu uKhansela N.E. Molefe ngoba bethi ‘abasamuthembi’ ngoba bethi ‘uhlulekile ukuziphatha’.
Ayisabonwa imihlangano yomkhadlu kulelidolobha ngenxa yombango wezikhundla.
Uwodwa zwi umhlangano kaSomlomo owaba impumelelo, yize amakhansela kaKhongolose engakaze alibhade ngisho nakowodwa, kodwa iNkatha yavumelana ne-NFP ukuze kukhulunywe ngezidingo zomphakathi emhlanganweni.
NgoLwesihlanu olwendlule kuphinde isimo esifanayo, iqembu likaKhongolose namalungu bebegcwele ngaphakathi e-Council Chamber behambisana naye uSodolobha, becula izingoma zezepolitiki beqgoke nomfaniswano weqembu.
Ngokusho kuka Khansela Sipho Nyamane ongusihlalo weKhokhasi ye-IFP eMkhandlwini, uthe uKhongolose akazimisile ngezidingo zomphakathi futhi indlela owenza ngayo awuwukhathalele umphakathi. Uthe akekho obengazi ukuthi ngoLwesihlanu bekuzoba ne-Full Council, kodwa uKhongolose ubatshele ukuthi naye unomhlangano ngesikhathi somhlangano kaSomlomo. Uthi okaNyamane uMkhandlu bawenza oweqembu kant akuvumelekile lokho.
“Size sabiza amaphoyisa ukuba azobahlakaza kodwa kwafana nokuthela amanzi emhlane wedada,” kusho uKhansela Nyamane .Uqhube wathi basazothola izeluleko kubaholi babo, kodwa ucabanga ukuthi kuzomele bavule icala ngoba awuvumi umthetho ukuthi iqembu le-ANC lingabambela umhlangano walo eMkhandlwini.
UNobhala we ANC, kuBhambatha Region, uBheki Lembethe ukuchithile ukuthi umhlangano awuhlalanga kanti futhi uyavumelana noNyamane ukuthi kungaba yiphutha ukuthi iqembu libambe umhlangano eMkhandlwini, Uthi yena ubona umphakathi othinteka uma ubona amakhansela edonsisana ngezikhundla ekubeni ulinde intuthuko. Uqhubeke wathi lo mphakathi obuse mkhandlwini ngumphakathi ozihluphayo ngokwenzakala eMkhandlwini wase Nquthu, yize kade beqgoke imifaniswano yezepolitiki kodwa, futhi lokhu kudalwa yisenzo esibi se-IFP ukuba yehluleke ukwamukela ukuphathwa selokhu i-ANC yathatha uMkhandlu ngo-2011.
Ngokunanelana loludaba sithola ukuthi into edale lesimo esibhebhethekayo emkhandlwini wase Nquthu ukungahlalwa kwemihlangano kaSomlomo okuholele ekutheni i-IFP ifake i-Motion yokukhipha uSodolobha. Phambilini usoNswebhu woMkhandlu uSizakele Horseman wathi bakhathele uSomlomo ohlehlisa imihlangano, emva kwalolodaba uSomlomo wathinta izintatheli eziphendulela.
“Angikaze ngahlehlisa’mhlangano mina, inkinga ukugula okuphethe usoTswebhu ezinyaweni sekwenyukile kwadlulela nasekhanda lakhe,” kusho uSomlomo.
Ngenkathi sibuza uLembethe ngolwesihlanu ukuthi kungani uSomlomo bengamufuni noma bamunike ithuba ngoba usaqala, kodwa uLembethe ukuchithe ngamalengiso ukuthi wathi uSomlomo uyilendoda engeke iwulandele umthetho wokuhola uMkhandlu.
Uthi ayikho into ezolunga uma kukhona lo Somlomo akekho ongazi “Aka-Qualify ngoba lento ayenzayo emhlanganweni ikhombisa ukuthi usebenzela Iqembu lakhe i-IFP kanti uma unguSomlomo uwamela onke amaqembu ezepolitiki.” kusho uMnuz Lembethe okusho phandle kokunanaza ukuthi uSomlomo abamufuni eMkhandlwini wabo bengukhongolose ngoba uchemile ukhomba amakhansela eNkatha kuphela emhlanganweni.



