UMkhandlu wase Mzinyathi uthi uzozibambela eNtuthukweni yomphakathi eNquthu
District Mayor, Petros Ngubane, hosted the Council's first 'imbizo' in Nquthu on Friday to hear the opinions of residents. He said that Umzinyathi will 'not lean on the Government for service delivery'. He said water will be delivered to areas affected by water cuts while the District puts in new infrastructure to deliver wate
Umkhandlu uMzinyathi District usuveze ukuthi angake ulindele iminyango kahulumeni ukuletha intuthuko emphakathini.
USodolobha waloMkhandlu uKhansela Petros Ngubane, wenze lesi sitatimende ehholo laseNquthu i-VA Makhoba ngenkathi ehambisana nethimba lakhe ukuzothula usomqulu webhuku lentuthuko yomphakathi. “Sizelapha ukuzokwethulela umphakathi intuthuko nokuthi futhi sizizwele kuwona umphakathi ukuthi ukhathazeke ngani, kusho iMeya uNgubane.”
USodolobha unxuse umphakathi ukuba ubekezelele ngoba ubuholi obusha busebenza ngamandla ukuletha intuthuko. Ekhuthaza umphakathi ukuba uzibambele, uthe uphatheka kabi uma ebona ukuthi eNquthu akulinyiwe ngoba umphakathi sewajwayela ukufunzwa ama-Food Parcels.”UMntwana wakwa Phindangene wasifundisa ukuzenzela, yingakho sithi bomama buyelani emasimini sesifikile isikhathi.
Bobaba fuyani izinkomo, thina singumkhandlu soqhubeka sinixhase ngezinkanji ngemali yomkhandlu futhi asizulinda umnyango wezolimo ukuba unixhase, “kulanda uMeya Ngubane.
USodolobha uthembise umphakathi waseNquthu ukuthi inqinamba yamanzi inkulu kakhulu futhi ibhekene nomphakathi wonkana waseMzinyathi namaphethelo. Uqhube wathi izinqalasizinda zokuphakela umphakathi amanzi zizokwakhiwa yize lokho kungathatha isikhathi, kodwa ngenyanga ezayo akhona amaloli amazi azobe egijima emphakathini. Ugcizelele ukuthi sebeyazi ukuthi lama loli kade ephakela amanzi ngobuhlobo bezepolotiki. Uqhube wathi kumanje bakhona abashayeli balama loli esibaxoshile ngoba bewadayisa amanzi.



