Editor's choiceNewsSchools

Amaciko eNquthu akhala ngentuthuko

The Department of Arts and Culture held an Artist Indaba in Nquthu last Thursday to debate challenges faced by local artists.

NgoLwesine olwedlule uMnyango weZamaciko, Amasiko Nokuncebeleka Kwa-Zulu Natal ube nembizo nosomaciko bendawo ngaphansi koMkhandlu waseNquthu.

Lomhlangano ubuse eV.B. Ntombela Hall kuihloswe ukugqugquzela osomaciko bendawo ukuzokhuluma ngezinqinamba ababhekana nazo ukuthuthukisa amakhono abo. Ngakolunye uhlangothi leli bekuyithuba lomnyango ukuba ukwazi ukuba nohlu lwezikhalo zosomaciko.
Abanye osomaciko bakhala ngokuthi imihlangano efana nalena bayihamba minyaka yonke kepha alukho ushintsho abalubonayo ekuthuthukisweni. Abanye osimaciko banxenxe abasebenzi bomnyango ukuba babhekelele osomaciko bendawo kakhulukazi uma kunemicimbi kahulumeni.
USizwe Langa okhubazekile naye ukhale ngokuthi bona abanakiwe nakancane ngisho naseMkhandlwini imbala angeke uthole kuqashwe umuntu okhubazekile.”Mina ngiyakwazi ukwenza yonke into, ngicela izikhulu zethu zingavaleli ngaphandle abantu abakhubazekile futhu nomphakathi emakhaya awuyeke ukusivalele ezindli. Omama bethu mabasiyeke sixhumane nomphakathi,” kusho uSizwe.
Omunye ophuma eqenjini likaMasikande naye ukugqugquzele kakhulu phambi kwezikhulu ukuthi amakhono aseNquthu mawasebenze endaweni yawo kungalandwa amakhono angaphandle ezosebenza bekhona.
Abasebenzi boMnyango bazamukele lezikhalo futhi bathembusa ukuthi maduze bazobuya nezisombululo futhi baveza nokuthi bayafisa ukuziqhenya ngosomaciko baseNquthu emicimbini emikhulu kaHulumeni neyokuncebeleka kazwelonke.

At Caxton, every story is written by humans. We use AI only to perform quality checks - never to generate the news. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button