Editor's choiceLocal newsNews

Isho ukuthini iminyaka eyikhulu ka-OR Tambo ku- ANC

President Jacob Zuma unveiled a statue of former ANC President, the late Oliver Tambo at OR Tambo International Airport last week. ANC Youth League Chairperson of the Inkosi Bhambatha Region, Joe Motloung of Nquthu, described Tambo as a unifier, a freedom fighter and a humble leader.

NgoLwesithathu olwedlule uMengameli wezwe uJacob Zuma uvule ngokusemthethweni isichuse sika OR Tambo esise OR Tambo International Airport eGoli. Abesikhungo samabhanoyi ukubungaza leliqhawe bakhe isichuse sika-Tambo ephethe I-Suitcase ngoba wayehlala esendleleni esebenzisana namanye amazwe omhlaba ukuba angenele ukulwisana nobandlululo kwelakuleli.
Usihlalo we- ANC Youth League kwiNkosi Bhambatha Region, uMnuz Motloung ohamba ezinyathelweni zika Tambo, sike samuhloma ngemibuzo embalwa ukuqhathanisa umzabalazo wamaqhawe amadala kanye nawanamuhla.
Uthi uMnuz Motloung amaqhawe afana no-OR Tambo iwona ayinhliziyo yeqembu le-ANC kanti naye uthi ubuholi bakhe nemisebemzi yakhe igqugquzelwa indlela ababephila ngayo. Ngonya ka-2000 ejoyina iqembu uthi wayehamba amakhilomitha ayishumi kusuka lapho edabuka khona kwelaseThelezini elibangise emihlanganweni yeNtsha kaKhongolose edolobheni. Uqhube wathi kwakungelula kodwa kwakumele bawufeze umsebenzi wokuqinisa nokwandisa amalungu eqembu kumasipala nasesifundazweni sonkana ngaphandle kokubheka inzizo. Uthi into enkulu kwakuwushintsha izimpilo zabantu abasha akade bengaphansi kwencindezi yokuswela amathuba emisebenzi, amabhizinisi nezomnotho. Ngaleso sikhathi izinto zazingelula neze emakhaya kodwa ukuhola kwakhe igatsha le- ANCYL ngo-2004 kuya ku-2007 okwamuholela ekutheni agcine eba nguSotswebhu eMkhandlwini waseNquthu.
Uqhube wathi lokhu kwambangela amazinyo abushelelezi ezitheni zakhe ezazizama ukumusoconga amahlandla amathathu esinda, wagcina eshiya nekhaya waya ekubhaceni. Uthi kodwa ukubekezelela isimo ayebhekane naso kwazala odokotela abasezingeni eNquthu (PHD) aphinde abe- FET College.
“Enyangeni ka OR Tambo nathi sithokozile singabaholi abancane ukuthi kukhona umphakathi oyosikhumbula ngakho,” kusho uMotloung. Uqhube wathi uTambo naye wahola i-ANC ngesikhathi esinzima sencindezelo neqembu lidingisiwe. Uthe bonke abaholi kwabakwenzela umphakathi kufanele bethathe isibonelo ku-Tambo. “Ngiyajaboa ukuhola intsha eyasungulwa ezandleni zika-Tambo futhi instha yazi amagama ezishoshovu zomzabalazo kodwa ayazi ukuthi bungakanani ubunzima nobuhlungu ezazibhekene nabo zilwela inkululeka yezwe. Manje sekuyisikhathi sokuthi izingane zenze izifundo ze-History ezikoleni ukuze zibe nolwazi ngamaqhawe asalala.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Terry Worley

Terry Worley has been associated with the Courier for many years and is involved in the community covering a variety of issues affecting residents. He has a passion for local politics and for the history of the area.

Related Articles

Back to top button