Local newsNews

Abahlali base-Sithembile baphumile izolo bayovota

Bekunamatende ngaphandle kwase Amakhemfundo Primary, lapho izinhlangano zepolitiki ezihlukene bezidlala umculo ziqhuqhuzela abalandeli bazo ukuba zivote.

Iningi labahlale base South Africa bebelindele usuku lokuvota ngamehlo abomvu. Izinhlangano ezihlukene zepolitiki zenze konke okusemandleni awo ukuthi bakhankasele lolusuku olubelukhulu kangaka.

Umphakathi wase Glencoe, endaweni yase Sithembile awuphumanga ngobuningi bawo izolo. Bekuvotwa ezindaweni ezimbili ngokukhethekile Empisini Primary School kanye nase Amakhemfundo Orimary. Emini abavoti bebengabaningi kodwa kuthe ngokuhamba kwesikhathi banda olayini.

Omunye wabavotile izolo u Ellen Madonsela othe: “Ngithemba ukuthi ivoti lami lizowenza umehluko”.

Bekunamatende ngaphandle kwase Amakhemfundo Primary, lapho izinhlangano zepolitiki ezihlukene bezidlala umculo ziqhuqhuzela abalandeli bazo ukuba zivote.

Watch: Lena ivideo yasendaweni yase Glencoe iSithembile

 

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button